Umncindo uphekwa ngengxube yemithombo yommbila namabele kanye nempuphu, uphekwa njenge dokwe. Umncindo singawubiza ngedokwe lokwenza utshwala besiZulu kodwa uyadliwa njengedokwe kungavutshelwa.
Izithako
- Umthombo wommbila
- Umthombo wamabele
- Impuphu
- Amanzi
Indlela yokwenza
Ukupheka umncindo owehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha kanye nebhodwe olisebenzisayo qinisekisa ukuthi kuhlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo uzopheka ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane. Isikalo salesi sidlo singaya ngenani labantu obaphekelayo, ukala ngamehlo njengamanzi ophuthu.
- Ngosuku lokuqala hlanganisa izithako ezingenhla, imthombo yommbila, imithombo yamabele kanye nempuphu.
- Lesi zithako zihlanganise kuqala ngamanzi abandayo sakwenza inhlama eluhobe.
- Hlanganisa inhlama yakho eluhobe ngamanzi abilayo.
- Uma sekuhlangene kahle kwashuba, kumboze, ukubeke endaweni efudumele.
- Ngosuku olulandelayo bilisa amanzi sakupheka iphalishi/idokwe, ufake inhlama yakho.
- Uma sekubile ngokwanele futhi nephunga lobumuncwana selizwakala, wephule, uphakele ezitsheni.
Umncindo uyadleka usashisa noma ubanda.