Amadombolo inhlama yawo ixovwa njengekajeqe kodwa yona ayifakwa ushukela, ifakwa iswayi kuphela. Amadombolo aphekwa ngokwengezwa uma kuphekwa isishebo, isibonelo uma kuphekwe inyama yenkomo noma yenkukhu liyafakwa idombolo phakathi.
Izithako
- Ushukela (200g)
- Amanzi amhlophe eqanda
- Izinkomishi ezine zikafulawa
- Inkomishi eyodwa nohhafu wayo wamanzi afudumele
- Uyisti (11g)
- Izithupha ezintathu zosawoti
Indlela yokwenza
Hlanganisa ufulawa, amanzi, uyisti nosawoti ukuze kwakheke inhlama ethambile. Shova inhlama esitsheni ohlanganisele kuso. Kudingeka lokhu ukwenze imizuzu eyishumi. Mboza inhlama ngopulasitiki noma ngesivalo esihlanzekile. Emva kwalokho beka inhlama yakho endaweni efudumele isikhathi esingangehora.
Uma inyama isigxabile kanye thatha inhlama ufake phakathi ebhodweni, ufake ugudlise ebhodweni kube nembobo phakathi nendawo. Ungakubilisa kuze kuba kuvuthwa inyama bese uyakhipha ufake ogqokweni. Amadombolo engadliwa esashisa noma esepholile.