Umbhantshi wenziwa ngomcaba noma uphuthu, ngamanzi amavovo noma ngedokwe. Amavovo asuke esehluziwe afakwa amanzi, ahlala izinsukwana. Amavovo ayahluzwa umuva nje kwezinsukwana. Uma esehluziwe amavovo ahlanganisa nomcaba noma nophuthu kuphume umbantshi.
Izithako
- Amavovo/idokwe
- Uphuphu/umcaba
- Amanzi
- Ushukela
Indlela yokwenza
Uma ufuna ukuvuba umbhantshi owehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha ozisebenzisayo qinisekisa ukuthi zihlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo kuzokwenza ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane.
- Ngemuva kokuvova kotshwala, faka amaswica noma amavovo amanzi.
- Ngosuku olulandelayo vova/uhluze amavovo.
- Thatha uphuthu uvube ngamanzi amavovo sakuvuba amasi.
- Ukwenza umbhantshi wedokwe, ufaka idokwe ophuthwini uvube sakuvuba amasi.
- Ungafaka ushukela ukunambitheka.
Kulesi sidlo udla, ushaye esentwala. Sidliwa abantu abadala kuphela isidlo sombhantshi wamavovo.