Isijingi/isinambathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isijingi isidlo esinomsoco futhi esinambithekayo. Isijingi sibuye saziwe ngokuthi isinambathi. Lesi sidlo ungasipheka imizuzu eyishumi nambili nje kuphela, kudle abantu abahlanu uma ulandelise ngale resiphi. Qinisekisa ukuthi usebenzisa izitsha ezihlanzekile ukuze uvikele kumagciwane.

Izithako

  • Ithanga
  • Izipuni eziyisithupha zikashukela
  • Amanzi ahlanzekile
  • Impuphu (uhhafu wenkomishi)
  • Ithisipuni yosawoti

Uzodinga

  • Ibhodwe elingu-24cm (leli elijwayele ukuba phakathi nendawo ngosayizi kuma-set)
  • Isipuni esilukhuni (wooden spoon)
  • Isitofu

Ukwenza

  • Cwecwa ithanga lonke bese uyaliqoba libe yizikwele ezincane.
  • Lahla amakhasi ethanga kanye nezihlamvu ezitholakala esiswini sethanga. Washa izikwele zethanga ngamanzi ompompi noma abandayo. Kulokhu ungasebenzisa isisefo selayisi.
  • Faka ithanga eliyizikwele ebhodweni, uqikelele ukuthi ushiya isikhala samanzi.
  • Emva kwalokho faka amanzi ebhodweni elinethanga kodwa uqikelele ukuthi amanzi ayaligqiba kancane ithanga.
  • Beka isitofu ku-4 bese uyalinda imizuzu eyishumi libile ithanga lize liqale ukuthamba.
  • Ngenkathi usalinde ithanga ukuthi libile, faka impuphu enkomishini ibe uhhafu bese ugcwalise inkomishi ngamanzi abandayo. Goqoza ngenhloso yokuhlanganisa amanzi nempuphu ukuze impuphu ingabi amagaqanga.
  • Emva kwemizuzu eyishumi, yehlisa isitofu usibeke ku-2.
  • Uma ithanga selibilile futhi usuqinekisile ukuthi lithambile, ligoqoze ulihlanganise.
  • Emva kokuhlanganisa ithanga, faka ithisipuni kasawoti ugoqoze bese ulandelisa ngezipuni eziyisithupha zikashukela. Landelisa ngokuthela impuphu egoqoziwe namanzi.
  • Goqoza izithako zakho, uzihlanganise, ugoqoze kuze kuphele amagaqanga. Loku kugoqoza kungakuthatha imizuzu emibili.
  • Uma izithako zakho sezihlangane, cima isitofu bese uyalinda ukuthi kuphole ukudla kwakho.

Lesi isidlo asidliwa noma asishetshwa nalutho. Simnandi uma sishisa kodwa siyadleka uma noma sesibanda. Ukuze singaboli ungasibeka esiqandisini/efrijini.

Leave a Reply