Amaphupho ngobuhlalu

Ukuphupha ubona ubuhlalu kungasho ukuthi ungumuntu othanda izinto ezinhle. Ukuphupha uthunga ubuhlalu kungasho ukuthi uphiwe ikhono lemisebenzi yezandla, futhi ungakwazi ukuziphilisa ngakho kukungenisele imali. Uma uphupha uhleli phansi ubala ubuhlalu kungasho impumelelo ezoza nodumo, kodwa kumele usebenze ngokuzikhandla.

Imibala yobuhlalu

Imibala yobuhlalu inezincazelo ezahlukene:

  • Ukuphupha ufake ubuhlalu obubomvu benobumhlophe kungasho ukuthi abantu abadala bafuna wenze umsebenzi ufake lobo buhlalu ukuze bezokwazi ukuxhumana nawe.
  • Uma uphupha ubuhlalu obumhlophe kungasho isithunywa somoya esisuke siphakamisa idlozi ukuthi kukhanye.
  • Ukuphupha ubuhlalu obuphuzi kungasho isithunywa somoya wenzuzo.
  • Ukuphupha ubuhlalu obukuhlaza okwesibhakabhaka kungasho isithunywa samanzi, kanti obubomvu bungasho umndiki nokuthi idlozi liyakuvikela.
  • Ukuphupha ubuhlalu obumnyama kungasho ubugedla, amandla noma ukuqina, busuke buveza ukuthi idlozi liyakuvikela emimoyeni emibi.
  • Ukuphupha ubuhlalu obukuhlaza njengotshani kungasho idlozi lentaba.
  • Ukuphupha ubuhlalu obuxube umbala okuhlaza okwesibhakabhaka kanye nomhlophe kungasho umdawu nesithunywa samanzi.

6 thoughts on “Amaphupho ngobuhlalu”

  1. Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha ubunxuma ngesikhero ubuhlalu obuxubile esandleni sakobunxele ngaphandle ekhaya ?

    Reply
  2. U ma ngabe unabo kuwe, Ku ngasho ukuthi, umsebenzi wabo lobuhlalo Se but phelile emzimbheni wakho. Bukhiphe, u ba bikele abadala ukuthi uya bukhipha, ubese uya bubeka emsamošŸ‘

    Reply
  3. Ukuphupha kuthiwa yamukela ubizo owakho bethume umuntu ukuthi akugake ubuhlalu red n white to show I’m accepting my calling kuchazani

    Reply

Leave a Reply