Ukuphupha amagundwane kungasho ukuthi uzongenelwa izigebengu noma kunesifo esingahle sivele emndenini. Ukuphupha ubulala igundwane kungasho ukuthi uzoba namaqhinga okunqoba ubunzima obhekene nabo. Futhi kungasho ukuthi uzophumelela unqobe izitha nezinqinamba empilweni.
Ukuphupha igundane elimhlophe kungasho ukuthi unenhlanhla yemali, yebhizinisi noma yomsebenzi. Ukuphupha ubamba igundwane lokho kungasho ukuthi uzothola into eligugu noma uzowina uma ungumuntu ogembulayo.
Uma ushadile uphupha igundwane elimhlophe kungasho inhlalonhle emzini, ukuphupha igundwane lisendlini khona kungabika izinkinga ekhaya.
Ukuphupha igundwane elimnyama kungasho amaxoki nabantu abayizitha. Ukuphupha igundwane lingena endlini kungasho ukuthi kubantu abasondelene nawe obethembayo kunexoki.
Ukuphupha igundwane elikhulu noma amagundwane amaningi kungasho ukuthi ukhungethwe izinkinga ezingaphezu kwamandla akho. Ukuphupha amagundwane amancane amaningi kungasho ukwanda kwezinkinga.
Ngiphuphe amangundwane amabili nezinyoka eziwu 2 endlini ebengihleli kuyo nontanga kodwa imbala yezinyoka namakati angiykhumbuli
Sawubona. Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha izinyoka:
Amaphupho ngenyoka
Amaphupho ngenyoka eluhlaza
Amaphupho ngenyoka ensundu
Sawubona ukuphupha igundwane elincanyana lise skhwaneni sami bese ngiyaxhuma ngizame kulikhipha liphume libaleke
Cofa lapha ukuthola impendulo: Amaphupho asho isichitho noma isinyama
Ukuphupha amagundane amaningi AMakhulu angathi agrey?
Cofa lapha ukuthola impendulo: Amaphupho asho isichitho noma isinyama
Sawubona ngicela ukubuza ngiphuphe amagundwane amaningi uma ngiwashaya kuqhamuka amanye awapheli kodwa lamagundwane athithobele.
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngegundane/
Sawubona ngiphuphe amagudwane amabili elikhulu nelincane,elincane ngi phuphe ngililahlela ngaphandle kwala engihlala khona ngime emnyango.kwaphuma elikhulu layolanda leli elincane engibuya ukuyolilahla ngaphandle,Abuja angena ending womabili elincane belithethile kuleli elikhulu mawangena endlini futhi.
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngezilwane-ezihuquzela-ngezisu/
Sawubona ngicela. ukubuza ukuphupha igundane likungena ezinqeni? leliphupho licazani? Ngoba ngivuka kufutha khona? sekukwesibili ngiliphupha leli phupho? Yabonga
Sawubona
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngezitho-zomzimba/
Sawubona ngicela ukubuza ukuphupha kungena inyoka endlini siyibheke singayitholi phinde ngiphuphe futhi umuntu engihlekisana naye ayibulale
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenyoka
Ukuphupha umuntu osashona eyigundane
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Ngiphuphe indlu inamangudwane amaningi angathi aGrey, emakhulu. Inkinga lamagundwana ayadlana izinyaweni kuze kuphume igazi. Ngabe kusho ukuthini lokhu esengibe naleli phupho kabii kulandelana. Futhi uma ngiphupha Kuba ngathi kwenzeka ngempela ngize ngivuke ngithuke.
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngegundane/