Ukwelapha ngesintu

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe.

Emandulo bekuthi uma kuke kwadunguzela inkosi, izanusi zibhule zibheke ukuthi konakalephi, ngisho nazo izinyanga bezivuka zizithathe zizama ukubhula umlilo wokudunguzela kwenkosi. Lokhu ke bekwenziwa kusetshenziswa amakhambi nemithi okusukela emagxolweni, emagatsheni kanye nasezimpandeni zezihlahla nezinye izitshalo. Namhlanje noma izinto sezashintsha abantu abaningi sebaphila ngesiLungu kodwa ukusetshenziswa kwemithi yesintu kuseyinto esetshenziswa kakhulu uma kukhona umuntu ogulayo, lapho kuqiniswa ikhaya ngisho noma kuqiniswa isibaya semfuyo futhi kuvuswa nemizi uqobo.

Amakhambi okukhunkula

IsiZulu sithi akukho soka elinganasici, njengoba ubuhle bokusetshenziswa kwamakhambi nabo boniwa abantu besebenzisa wona amakhambi. Akuyona imfihlo ukuthi ezizweni zabantu abamnyama ukukhunkula yinto eyinsakavukela kuhle komchilo wesidwaba njengoba abantu bonakele kanjena nje. Imindeni eminingi ifile ngenxa yokusetshenziswa kwemithi esetshenziswa ngabantu abonomona abacindezela abanye abantu nempumelelo yabo. Njengoba kusetshenziswa izihlahla nje ukwenza umuthi, esinye sezihlahla esiyingozi kakhulu sibizwa ngokuthi wumdungamuzi. Lesi sihlahla sibi njengalo igama laso njengoba uma sike safakwa egcekeni kuyaye kumoshakale yonke into yalowo muzi esingene kuwo. Njengoba emakhaya kuphilwa ngokutheza izinkuni nje ukuze kubaswe, umdungamuzi udume kakhulu ngisho abathezayo bayazi ngawo ukuthi awuthezwa nhlobo ngoba uyingozi. Akugcini ke ngomdungamuzi ukuba yikhambi elimosha imizi yabantu, maningi amanye amakhambi asetshenziswa ngabathakathi ukubulala kanye nokumosha ngenxa nje yomhobholo.

Amakhambi awusizo

Noma ke sikhala ngokusetshenziswa kabi kwamakhambi njengokulumba abantu nakho konke okunye esesikubalule ngenhla, kodwa ke kumelwe sikuveze nokunye ukusetshenziswa kwamakhambi esintu ngesihle. Ngokwenza nje isibonelo, uma umuntu elunjiwe bemthakatha, uyakwazi ukusebenzisa amakhambi ukulikhipha ilumbo lelo. Futhi uma izindlela zomuntu zimnyama ethweswe isilwane noma evaliwe ukuthi izinto zakhe zimlungele, umuthi noma amakhambi kuyasetshenziswa ukulungisa lokho. Singabala futhi nobulawu benhlanhla obusetshenziswa uma umuntu ezalwe embethe wase evalwa ngabanomona ukuthi izinto zakhe zingamlungeli. Ukusetshenziswa kobulawu kuya ngokuthi buthakwe ngani kanye nokuthi mumiselwe ukufeza muphi umsebenzi; umuntu angaphalaza, ageze futhi aphinde agqume ngabo ubulawu.

Izanusi nezinyanga

Noma imithi kanye namakhambi kuvumeleke ukuthi kusetshenziswe ngunoma ngabe wubani kodwa ke umuthi kunabantu obangongoti kuwo, lapha ke sibala izangoma zona ezikufundelayo ukwazi umuthi nokuwusebenzisa. Izangoma phela zona zifundiswa ephehlweni ngogobela bazo, ngesikhathi zisathwasa, mayelana nokusetshenziswa kwamakhambi. Umuntu ke akavele athwase nje kepha uba nobizo abizelwe lona lokuthi alaphe abantu ngesintu, okuyilona lolobizo elimnika imvume yokwelapha abantu abagulayo abasuke beze kuye bezofuna usizo. Lapho amakhambi esintu engakwazi khona ukusiza abagulayo, bayaye badluliselwa kwabanye abantu abangakwazi ukubasiza. Akugcini ke ngezanusi ukusebenzisa umuthi kepha nezinyanga nazo ziyawusebenzisa. Ebukhosini bakwaZulu izinyanga zidlale indima enkulu njengoba ngesikhathi kunezimpi bekuba yizona ezishisa izinyamazane zempi futhi zichele namabutho ngentelezi yokunqoba empini.

AmaZulu nokusetshenziswa kwamakhambi esintu

Sesiphetha nje sithi asikuveze ukuthi isizwe sikaPhunga noMageba sikholelwa kakhulu ekusetshenzisweni kwamakhambi esintu, kungethina ke kuphela njengoba nezinye izizwe ziyakwenza lokho. Okungekuhle okuqaphelekayo esikhathini sanamhlanje wukuthi abantu abaningi sebeyawabalekela amasiko abo, lokho okwenza ukuthi bakubukele phansi nakho ukusetshenziswa komuthi kanti ke ezintweni eziningi uyasiza, kwesinye isikhathi usiza ngisho ukudlula usizo lwabahlengikazi abasebenzisa izindlela zesilungu.

2 thoughts on “Ukwelapha ngesintu”

Leave a Reply