Ezikhathini zakudala ukwelapha ngendlela yesintu kwakuyinto ebalulekile ezimpilweni zabantu. Lokhu kwakubangelwa wukuthi imitholampilo yayingekho ezindaweni eziningi okwakwenza ukuthi abantu bahambe amabanga amade ukuthola usizo lwezempilo. Abantu babefunda ukusebenzisa imithi noma izihlahla zemvelo ukuzelapha izifo ezahlukahlukene. Kwakubalulekile kakhulu ukuthi ulwazi ababenalo baludlulisele kwababesakhula emindenini yabo ukuze nabo bakwazi ukuzelapha uma abantu abadala sebedlulile emhlabeni.
Lolulwazi abantu bababelana ngalo nomakhelwane babo ukuze nabo basizakale. Kodwa kwakubakhona labo ababengathandi ukwabelana nabanye abantu ngoba befuna ukugcina imfihlo yokwelapha emindenini yabo okwaholela ekutheni kuqale nendlela yokwenza ibhizinisi okwagcina sekwenziwa. Ngenxa yokuthi abantu babengenayo kahle imali babekhokha ngemfuyo noma ngezitshalo abazilimile emakhaya kodwa lokhu kwakuya ngokuthi umuntu udinga lusizo luni. Zonke izifo babekwazi ukuzelapha noma ngabe umuntu ulimele babekwazi ukuhlanganisa imithi ethile bayifake lapho kunesilonda khona sivaleke. Lapha-ke sizobheka ukwelashwa komuntu ophethwe yisisu.
Ukwelapha umuntu ophethwe yisisu
Ukuphathwa yisisu noma ukulunywa yisisu kuyisifo esijwayelekile futhi abantu abaningi abazilaphela zona ngaphandle kokuya emtholampilo noma ezibhedlela. Ukuphathwa yisisu singakuhlukanisa izigaba ezimbalwa njengolunywa yisisu esingathi kujwayelekile kube khona lokho okuthiwa isisu siyahlaba okwaziwa ngokuthi umuntu unezilwane noma izikelemu okuthiwa zisuke zibheke phezulu. Miningi imithi esetshenziswa emakhaya futhi etholakala emagcekeni noma ezindaweni eziseduze nemizi yabantu njengesihlahla sikagwavu, umsilinga kanye nesihlahla sophahla. Yomithathu lemithi ithi ayenziwe ngendlela efanayo ngoba kusetshenziswa amaqabunga alezizihlahla kuye ngokuthi yisiphi esikhona noma wena osithandayo.
Okusetshenziswayo
- Amaqabunga omsilinga
- Amanzi abandayo
- Isitsha noma inkomishi ozofaka kuyona
- Itshe kumbe noma yini ongayisebenzisa ukugxoba amahlamvu
Indlela yokwenza
Kubalulekile ukuthi uqale uwageze amaqabunga akho ngaphambi kokugxoba imithi yakho.
- Gxoba amaqabunga esihlahla
- Wafake emanzini abandayo
- Linda imizuzu noma eyishumi ukuze umuthi wakho uhlangane kahle
- Cwenga ngokusebenzisa isisefo noma indwangu ehlanzekile
- Kala umuthi ongangenkomishi
- Phuzisa lowo ogulayo
Ngiyabonga kakhulu mina ngibulawa yisisu sengize ngikhwehlela igazi
Shem..inbox
Sanbona ngicela usizo ubhut wami uhlezi elunywa isisu kade ayesehamba odokotela avuvukale inhliziyo nasokhakhayi kuvuvukale akhale athi kubuhlungu namnje akasizakali ngisacela ningisiza kuth ngingenze njani.
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/imithi-yokwelapha-yesintu/