UMeqo

Isexwayiso

Izinto zesintu ezithinta ukusetshenziswa kwamakhambi nomuthi zijule kakhulu futhi ziyadida uma uzozibheka ngamehlo nje, okubuka ungajulile ngoba ungaze uzitshele ukuthi insumansumane uma uzwa ngazo. Okuhle ngokusetshenziswa kwamakhambi nomuthi ukuthi abantu bayalapheka abanezifo ezahlukene, kanti ke okubi ngokusetshenziswa kwemithi ukuthu akusibona bonke abantu abanezinhloso ezinhle ngawo njengoba kukhona abathakathayo nje ngayo. Ziningi izindlela zokusebenzisa imithi, ngoba ngisho nabasebenza ngayo izangoma nezinyanga zifunda ngayo usuku nosuku ngokomsebenzi. Kulengosi sikhuluma ngesifo esibizwa ngokuthi umeqo. Kuze kuthiwe umeqo nje ingoba into esuke ibekiwe noma idwetshiwe bese umuntu adlule ayeqe. Umeqo ngenye yezindlela zokukhunkula abathakathi abathakatha ngazo, ngoba phela kuthakwa amakhambi bese umuntu eyeqiselwa.

Umeqo awugcini ngokuthi udwetshelwe phansi uweqe kodwa abantu bayakwazi ukuthi bathathe inhlabathi lapha okade uhamba khona basebenzise yona uzithole usunezinkinga ngenxa yalokho. Uma weqiselwe kuba nezimpawu ezibakhona, ngoba vele usuke ungene ngezinyawo kuqala zona zibe buhlungu kanye namalunga omzimba. Akugcini lapho umzimba uyakhathala usinde kwesinye isikhathi kube nzima nokuvuka ekuseni ngoba uhlale ukhathele. Uma unomeqo kunzima nokwenza imisebenzi yasendlini kanti uma ungasheshi ukuwusukumela ugcina usunezinkinga zangampela. Akugcini ngamalunga omzimba noma ngokokugula ngomzimba kuphela uma weqinise kodwa nezinto ozenzayo ziyama. Uma ungumuntu ozisebenzayo uba nenkinga yokuthi ibhizinisi lakho lingahambi kahle. Kahle kahle nje umeqo umisa impilo yakho, uma ungawatholi amakhambi okuwelapha kuba nzima ngoba uyagulisa. Uma weqiselwe kubalulekile ukuthi uye kumelaphi wesintu welashwe. Zihlukene ke nazo izindlela zokwelapha umeqo, abanye abelaphi bayakugcaba, bakunike nezinto zokugquma nokuchatha. Kanti abanye basebenzisa iva lengungumbane bakuxhofe ngayo ngensizi esuke ifakwe phakathi kulona. Nazo izihlungu ziyasetshenziswa ukwelapha umeqo.

8 thoughts on “UMeqo”

  1. Izinyawo zami ziyajuluka, into eqalo emasontweni amabili edlule, nezandla nazo seziqalile , angilali ukunuka kwezinyawo

    Reply

Leave a Reply