Ukugquma
Uma ugquma kumele uguqe ubheke emnyango khona nezifo zakho zophuma kuwo zingazinzi futhi nento oyigqumelayo iyacaca, ubonakale umehluko uma wenze kanjalo. Kuthiwa uma uqeda ukugquma kumele lokhu okade ugquma ngakho ukuchithe ngasesangweni noma ekupheleni kwegceke ukwenzela ukuthi lowo okuthakathayo uma esaqhubeka nokuza ezothela lapho kini abone isithunzi sakho ngesikhathi ezothela bese ejika engasathelanga ngoba ebona sengathi uyambona. Kodwa kuya ngokuthi umuntu usuke egqumela yiphi inkinga.
Ukubhema/ Umbhemiso
Uma ubhema umuthi, imvuthu yomuthi lesale esandleni kade ushutheka emakhaleni ungabo yivuthulela phansi kumele uyichithe entelezini noma uyilahle kude ngoba uma uyichithe egcekeni nayinyathela ijika ibe ngumeqo omubi kulowo ozoyinyathela.
Ukudliswa
Uma udle ushevu kumele uphuthume uphuze ubisi kakhulu khona uzobheka enzansi ushevu ukukhiphise ngesisu, ngoba ungase ukubulale uma ubuya ngasenhla, noma ubhubhudle ubulongwe benkomo obusebusha ngobisi noma ngamanzi ubuphuze khona kuzophuma ngenzansi ungabe usakulimazi ushevu esiswini.
Ukukhwifa
Kuthiwa ilanga lasekuseni noma uma selishona alithanyelwa ngoba abathakathi bayalisebenzisa lelolanga uma bekhwifa. Abathakathi bayazi leli lasekuseni abantu basuke belithamele nelokushona kwelanga basuke belithamele, yingaleso sikhathi lapho uma bekuthakatha bebiza igama lakho babheke elangeni bese kuhamba ngemisebe yelanga kuye kuwe ngesikhathi uthamele bese uyagula.
Ukuphalaza
Uma uphalaza kuthiwa phalaza uqede kuyima uxoxa izindaba ngoba kunemithi emibi ekukhulunywayo ngesikhathi uwuphuza noma usuwukhipha, uma uzothi usaphuza noma sewuwukhipha ukhulume nabanye kungase kwenzeke inkinga ngoba umuthi wazi ukuthi ukhuluma nawo bavelelwe umshophi, futhi kumele uvuke uma uzophalaza lingakaphumi ilanga ukuze kuthi bayavuka abanye usuqedile ukuze ulapheke ngoba okuthakathayo uma eseze wavuka kuqala kunawe ayikho into ozobe usayiphalazela izifo zezigcwalisekile ngoba umuthi uhamba ngomoya, futhi nezilwane azithumayo zikufica kahle usalele sekusile zenze noma yini kuwe uma uvukile kulukhuni ukuba zisondele kuwe.
Endleleni
Endleleni yesintu noma emgaqweni kuthiwa akuhlalwa ngoba uzocosha izifo. Endleleni noma emgaqweni ophambanayo yilapho benza khona imikhuba, omunye uye agezele endleleni ukuze izifo lezo azisusa kuye kuthiwa kumele abantu bazinyathele ngokuhamba lapho achithe khona umuthi ukuze kuphele lesosifo kuye. Njengokuthi uma ukhipha ibhadi lokushonelwa ingane noma lokushonelwa abakhwenyane noma wezitha, unikwa umuthi bese uvuka kakhulu uphalaze bese ugquma bese uyochitha endleleni lapho kuphambana khona izindlela badlule abantu bagxobe noma banyathele kuze kuphele kuwe lokho kufa. Kuthiwa ukufa lokho kucoshwa umuntu odlule lapho kuqala wanyathele khona, ngoba kusuke kusemnyama engaboni naye. Uma kunobumanzi ongabuqondi endleleni kumele ungabunyathele uhambe eceleni ngoba ucosha ukufa okungeke kwelapheke kalula.