Isigqiki Somkhovu ( ‘Giant Natal Cycad’)

Izihlahla zendabuko eziwusizo ezinye zazo zisengcupheni yokushabalala ngenxa yokuvunwa ngokweqile. Isigqiki somkhovu sibalwa kuzo lezozihlahla. Lesi sihlahla sisetshenziswe kakhulu kwimboni yomuthi ezweni lethu. Igama laso lisuselwa esitulweni esincane esijwayele ukusetshenziswa kwaZulu, ‘isigqiki’. Sinendima enkulu esiyidlalayo esizweni sakwaZulu esizoyibheka kabanzi kule athikili.

Ukutshalwa kwesigqiki somkhovu

Kunezinhlobo eziningi zesihlahla isigqiki somkhovu. Uma sitshalwa kuke kukhuthazwe ukuthi zitshalwe zibe mbili, esesilisa nesesifazane, ngoba kunenkolelo yokuthi uma esesilisa sitshalwe sodwa egcekeni siphenduka umkhwenyana komakoti nasezinganeni zamantombazane, kuthiwa siyazikhethela silale nazo babone uma bevuka ekuseni.

Ukuxosha imimoya emibi

Kunenkolelo yokuthi isigqiki somkhovu sixosha imimoya emibi uma kukhona umuntu othakatha ekhaya noma emzini sisebenza njengesivikelo. Isikhathi esiningi sitshalwa eduze kwesango lasekhaya, egcekeni noma esibayeni ukuze sikwazi ukuvimba imimoya emibi ingangeni ekhaya. Kusukela emandulo uma isihlahla sisesangweni kwakuthiwa sizoheha umkhovu osuke uthunyelwe ekhaya. Uma ufika umkhovu kukhona lesi sihlahla ufike ungayenzi into obuzoyenza kodwa uhlale kusona isgqiki, yingakho sibizwa ngokuthi ‘isigqiki somkhovu’.

Omunye umsebenzi wesigqiki somkhovu

Ngaphandle kokuvikela umuzi emimoyeni emibi, isigqiki somkhovu sibuye sisetshenziswe ukwenza umuthi wokuzivikela emimoyeni emibi. Amagxolo akhona yiwona asetshenziswa ukwenza umuthi.

Isigqiki somkhovu asisatholakali endle ngenxa yokuvunwa kakhulu. Sesibalwa ezihlahleni ezivikelwe kakhulu ezweni lethu, ikakhulukazi eziqiwini. Akusavumelekile ukuba naso ngaphandle kwemvume.

Leave a Reply