Inyengelezi

Isexwayiso

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Isebenzise le mininingwane ngokwazi ukuthi kungase kube khona ubungozi kuyo. Asikho isiqinisekiso sokuthi konke okukhona kule sizindalwazi kuqinisile nokuthi imiphumela yokusetshenziswa kwako iyoba njani. Imininingwane emayelana nemisebenzi yezimila, amakhambi, imithi nokunye ayihlosiwe ukuba yiseluleko sezempilo.

Izilwane zasendle zisetshenziswa kakhulu ukugaya umuthi wesintu kwaZulu. Kwezinye kusetshenziswa isikhumba, kokunye ingaphakathi kanye nawo-ke amafutha azo. Izilwane zisetshenziswa kakhulu yizanusi kanye nezinyanga ezisebenzisa amakhambi esintu.

Idume ngani inyengelezi?

Kule ngosi-ke sikhuluma ngesilwane esibizwa ngokuthi inyengelezi esidume kakhulu ngemisebenzi yamafutha aso, okubuye kuxake ngaso wukuthi sidume kangaka nje kodwa asaziwa kakhulu ngokubonwa ngoba phela bambalwa abasazi ngamehlo, ngisho nabo impela abanye abantu bendabuko bakhona abangakaze basibone siphila kepha abagcina ngokusazi uma bedayiselwa izicubu zaso uma sesibanjwe ngabaphansi noma ngumuntu thize loyo osuke esibambile.

Lesi silwane simise okukachakide nangobufishane kodwa sona sinombala omnyama emzimbeni bese kuthi umhlane wonke sibe nemigqa ephuzi esuka ekhanda ize iyofika emsileni wayo osalufefana. Abayaziyo-ke inyengelezi bathi yisilwane esididisanayo impela, kulula ukusibona kude uma siza ngakuwe kodwa uma sesidlula eduze kwakho usizwa ngendaba ngoba awube usasibona kodwa usibona sesidlulile. Kuyindida ukuthi lesi silwane sikwenza kanjani lokhu, abanye uma besiteketisa baze bathi yisilwane semilingo ngoba kusamlingo lokhu esikwenzayo.

Umuntu othuke wayibamba inyengelezi uyidayisela izanusi zona ezithaka ngamafutha ayo ziwasebenzisa ekunyangeni kwazo. Amafutha enyengelezi ayasebenza ikakhulukazi ekuqiniseni imoto ukuthi ingabanjwa ngamaphoyisa omgwaqo, ayibona iqhamuka laphaya bese eyibona isiyosithela le kude. Kanjalo nezigebengu ziyawasebenzisa amafutha enyengelezi ukuba ngophunyuka-bemphethe. Phela izinyanga azifani ngokusebenza kwazo, kukhona eziphilisayo kanti-ke ezinye ziba yilezi ezigcina zibizwa ngabathakathi ngoba phela zithaka umuthi wokuganga njengawo lamafutha enyengelezi asetshenziswa izinswelaboya ukwenza ukonakala. Amafutha enyengelezi awafani nawesadawana ngoba awesadawana amafutha wona asebenza ukukhanda umnotho, aletha imali.

Ibanjwa kanjani inyengelezi?

Inyengelezi ayibanjwa yinoma yiyiphi inyanga, yingakho namafutha ayo engatholakali kalula. Imvamisa inyengelezi ibanjwa wumuntu owugobela ogogodile naye futhi ukuyibamba ngamandla akhe awaphiwa ngabantu bakubo asebalala.

Itholakalaphi inyengelezi?

Ukuthi amafutha enyengelezi awatholakali kalula akusho ukuthi afana notalagu lona oluhujwa lungabanjwa. Inyengelezi itholakala lena ezweni lakithi lakwaZulu kepha kuwumsebenzi impela nje ukuyithola ngoba amaphisi enqina abuya elambatha uma ethi aphumele ukubamba sona lesi silwane sakwaMhlola.

5 thoughts on “Inyengelezi”

Leave a Reply