Umlahlankosi ujwayeleke ngokuthi i “Buffalo Thorn Tree” ngesiNgisi. NgesiXhosa ubizwa ngokuthi “Umphafa” kanti ngokwesayensi kuthiwa yi “ziziphus mucronata“. Lesi isihlahla esibaluleke kakhulu, ikakhulukazi esizweni sama Nguni kusukela kudala kuze kube namuhla. Uma inkosi ikhotheme iyatshalwa noma ilahlwe ngaphansi kwaso lesisihlahla, yingakho saqanjwa ngokuthi Umlahlankosi. Igama elithi ‘Buffalo thorn’ liqhamuka ekutheni amagatsha amancane anameva abukeka njengezimpondo zenkomo yehlathi i “Buffalo”, noma inyathi. Ukuhleleka kwameva egatsheni kubukeka njengezimpondo zenkomo yehlathi, amanye abheke emumva , amanye ngaphambili. Lesihlahla singesinye sezihlahla zekhethelo esizweni sakwa Nguni ngendlela yokuthi sasi vikelwa kakhulu ukuthi singawi, ikakhulukazi uma kade linetha izulu. Kwakunenkolelo yokuthi uma sike sawela phansi kuzoba nesomiso ezweni. Sasingasetshenziswa nangokubasa umlilo. Kule athikili sizoveza ukubaluleka komlahlankosi esizweni sakwa Nguni.
Ukulandwa komoya womuntu ongasekho emhlabeni
Uma umuntu eshonele kude nasekhaya kwakuba nokukhathazeka kakhulu kubantu abadala nasemndenini kuze kube ukuthi uthola ukungcwatshwa okuhloniphekile. Kwakumele kwenziwe umfanekiso womngcwabo ngomoya womuntu oshonile. Kwakunenkolelo yokuthi uma umoya ungasala ungalandwanga kwakuzoba namabhadi emndenini nasezihlobeni. Kunenkolelo yokuthi lesihlala siyasiza ekulandeni umoya womuntu oshonile eshonela ezintabeni. Enkathini yakudala, uma ibutho lifele empini kwakungenakwenzeka ukubuyisa isidumbu salo ekhaya. Isisu sesidumbu sesosha sasibhobozwa ukuze singaboli bese kufika imimoya engcolile kuso. Amabutho ke yiwona ayenza lomsebenzi wokulanda umoya wakhe ngokuqala bahlole indawo le abakuyo ngaphambi kokuba baqhubeke nokulwa. Uma isiphelile impi kwakubikwa emndenini womufi. Ihlahla lomlahlakosi lalithathwake liyobekwa lapho kushonele khona ibutho kodwa ngaphambi kokuba bahambe kwakukhethwa imbuzi ezokwamukela umoya womufi. Lomusebenzi ke wawenziwa amadoda kuphela.
Amabutho ke ayehambisa igatsha lomlahlankosi lapho kushonele khona umuntu bafike babize igama lomufi babike nokuthi bazolanda umoya wakhe bawuyise ekhaya. Umuntu ke lo obekade kunguye okhuluma nomoya womufi wayeliphatha ihlahla abuyele nalo ekhaya angakhulumisi muntu endleleni, uma kwenzeka ehlangana nomuntu wayekhuluma ngezandla. Kwakumele futhi angahambi ngezindlela ezijwayele ukusetsenziswa abantu ukuze angahlangani nabantu abaningi. Uma sekubuyelwe ekhaya, amabutho kanye nomuntu ophethe ihlahla babelinda esangweni bese imbuzi lena eyayimele amadlozi yayihanjiswa esangweni itshelwe nokuthi umoya usufikile ekhaya. Ihlahla kanye nembuzi kwakushiywa eqhugweni lamadlozi elibizwa ngokuthi ikagogo. Uma imbuzi yayisidlile amahlamvu egatsheni lesihlahlahla yayibulawa ngosuku olulandelayo. Inyongo namafutha aphuma embuzini kwakushiswa kanye ne mpepho. Ngosuku olulandelayo inyama yembuzi yayiphekwa. Kwakushiswa impepho namafutha bese kubizwa amadlozi ukuthi azodla nawo. Ingxenye yenyama kanye notshwala besizulu kwakubekwa eceleni eqhugwaneni. Amathambo ambalwa wembuzi ayeshiswa phambi kweqhugwane. Igatsha leli ebeliseqhugwaneni isikhathi eside laligunjelwa umgodi esibayeni noma lilengiswe eqhugweni .

Okunye okwenziwa Umlahlankosi
Isihlahla somlahlankosi emzini sasijwayele ukunakekelwa kakhulu ngoba kwakunenkolelo yokuthi sivikela umuzi uma kuduma izulu. Sasisetshenziswa futhi sisasetshenziswa ekulapheni ukugula. Amahlamvu ayagxotshwa bese eyabiliswa bese ebekwa esikhumbeni esivuvukele esashisa enjalo. Siyasiza futhi uma umuntu ephethwe umphimbo noma isifuba.
Isihlahla somlahlankosi sisasetshenziswa nanamhlanje futhi sisabalulekile ngendlela esasibaluleke ngayo kudala.