Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi. Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu.
Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama alumelayo kuloyo owehlelwe okuthile, futhi ziyasetshenziselwa ukweluleka kanye nokwakha umuntu kanye nokulaya. Izaga bezisetshenziswa kakhulu abantu abadala, isikhathi esiningi babezisebenzisela ukulaya umuntu, ngoba kwakwaziwa ukuthi umuntu omdala akaphikiswa kulokhu akushoyo ngisho ungahambisani nakho.
Kulotshwe izaga ezimbalwa kanye nezincazelo zazo, ngokuhlukana kwazo. Lezi zaga zidle ngokunona, ubunono bazo benza zibe noju. Lena indlela nje kweziningi eziqhakambisa ukunotha kolimi lwesiZulu nobumnandi bokunemba ngazo lezizaga uma ukhuluma.
Ulimi lwesintu lujulile futhi lunonile ngokusetshenziswa nangokukhulunywa kwalo. Izaga nezisho indlela okukhulunywa ngayo sakutekula ukuchaza kabanzi ngaleyonto okukhulunywa ngayo. Ubungoti bokusebenzisa lendlela yokukhuluma kusukela emlandweni wento noma isenzo esithile. Lendlela okwakukhulunywa ngayo emandulo yakhula kwanda kwasabalala kwaba indlela ejwayelekile neyamukelekile emphakathini. Izaga nezisho zihlukene izigaba eziningana lapho zisetshenziswa khona. Kukhona eziphathelene nobuntu, kungaba indlela ophathe ngayo omunye umuntu. Kungaba usizo oluvezile noma inhlonipho oyivezile kumuntu thizeni. Nazi izigaba zezaga ezimbalwa:
Izihloko zezaga
Izaga ngobuntu
Ukuphana kungukuziphakela – Uma upha umuntu ukudla noma umenzela okuhle…
Izaga ngobugebengu nokujeza
Kakucala laswela izaba – Uma wenza izaba usuke usuwenza nje,…
Izaga ngobungane
Uchakide uhlolile, imamba yelukile – Kulesi saga kushiwo lapho izingane…
Izaga ngokulwa
Yinkukhu nempaka – Ubutha obukhulu lapho abantu bengabhekani nhlobo, bezondelana…
Izaga ngokungabongi
Ihlola ladla umniniyo – Uma ungumuntu kubalulekile ukuthi ungaziqhelelisi nabantu….
Izaga ngokuphindisela
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa – Umuntu osuke enze okubi komunye…
Izaga ngokuba nethemba
Sezihubela sakusha – Izinkobe eziphekiwe ngembiza noma ngebhodwe ngesimanje okukhulunywa…
Izaga ngokuba nenkani
Umvundla ziyowunqanda phambili – Lana usuke ukhuzwa ukuthi uma ungalaleli…
Ngicela izaga ezingangena kwenkondlo ekhuluma ngo Nkulunkulu
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/izaga-ngokuba-nethemba/
sawubona bengisacela ungiphe ukubaleka kwezaga kube amaphuza amahlanu
Ngicela izaga ngecala
Sawubona, nazi ezimbalwa
Akuzimpethu zadliwa inyamazane kwacoba isiziba
Icala umphikwa
Ngicela isaga sokuphelelwa ngamandla
Ngicela izaga ezokukhuthaza
ngicela izaga ngokufa
Cofa lapha ukuthola impendulo Izaga ngengozi
Ngicel ukubuza ukutji izaga zaqala nini?
ngicela usizo kusho ukuthini ukufingqa ikubhala indaba
Ukufunda indaba uyiqonde bese uyibhala ngabazwi akho izimfishane.
Ngsacel ningichazel ukusunguleka kwezaga
Ukwenza into embi komunye ngoba ukuthi khona ozokuvikela. Sithini lesi saga
Ungacofa kwi-athikili ekhuluma ngezaga ngokuphilisana nabantu ukuthola impendulo noma cofa lapha ukuthola impendulo Izaga ngomendo
Ngiye ngafunda lukhulu ngokwezaga.Ngiyabonga mina.
Siyabonga. Sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu, ufunde okuningi.
ngicela izaga nezisho zobuphixiphixi babangani
Cofa lapha ukuthola impendulo Izisho
ngicela ningisize ngezisho nezaga ngobuphixiphixi babangani
Ngicel ningiph izisho nezag ngibhal I essay ngoku kwanda bokugebengu ezwen
Cofa lapha ukuthola impendulo Izisho
Ozawa nezisho zenhlupheko
Cofa lapha ukuthola incazelo Izisho
Cela ningisiza ngiqede lezi zizaga,
1.__________sindlebende kabi
2.ugibela phezu kwendlu ________
Isithutha esindlebende kwabo
Ugibela phezu kwendlu yesonto
Akusilima sindlebende
Ngicela ukubuza nasi isaga .inhloko 8lidliwa ebandla
Ngicela isisho noma esisho ukuthi uma ungayi endaweni enomcimbi uyaphuthelwa noma uyazisola
AMEHLO KAWAPHATHELWANA (Okusho ukuthi abayobe besemcimbini ngeke bekwazi ukukubonela bayozibonela bona)
Ijokwe ithungelwa ebandla
Ngokujwayelekile kuthiwa INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA, okusho ukuthi udaba oluxakile luyabikwa kwamanye amadoda noma abanye abantu ukuze uthole usizo nokwelulekwa (Ingane engakhali ifela embelekweni).
Ngicela usizo ngicela incazelo yalesisaga iso liwela umfula ugcwele
usuke ukwazi uubona into esazokwenzeka
Lokho kuchaze ukuthi iso libona nalapho kungafanele libone khona
Iso lifika lapho ongeke ufibyelele khona
Sanibona
Ngicela ningisiza ngezaga ezicwasa kumbe ezibukela phansi abesimame.
Izaga Ulibambe lingashoni
Ngicela usizo ngicela izaga ezibukela abantu besifazane phansi
Lokhu wukusongela umuntu ngokuthi angalibali ukuthi uyoze umthole uziphindisele noma nini uma kuvela ithuba.
Izaga ezibukela abantu besifazane phansi
Cela izaga ezibukela phansi abantu besifazane
Cofa lapha ukuthola ulwazi ngesizulu esinothile esifaka izisho: https://iafrika.org/izisho/
Libafazi bedube inyama
Umendo ngumkhumulansika
Ngicela ningisize ingane yami idinga izincazelo zezisho.1. Kusa kusa 2.inkukhu inqunywe umlomo 3. Ngiyopha amehlo 4. Ukufaka isandla 5. Baphelelwa ngamathe. Ngingajabula uma ngingathola usizo.
Cofa lapha ukuthola izincazelo https://iafrika.org/izisho/
KUSA KUSA (Izinsuku azifani zonke, ngolunye kuhamba kahle kanti ngolunye kuyabheda)
INKUKHU INQUNYWE UMLOMO (Aphelile amagama – akusekho ukukhuluma – akusayi ngamagama enkehli)
UKUPHA AMEHLO (Kusho ukuzibonela wena ngokwakho)
UKUFAKA ISANDLA (Ukwelekelela)
UKOMA AMATHE (Ukuphelelwa ngamagama – Ukunqunywa umlomo)
Ngidinga usizo ngalezi ikhuni luzala imlotha .kusindwegobethole.uchskide ihlolile imambayalukile
Kusindwe ngobethole- Kusho ukuthi kuyabuswa. Lesi saga sivame ukusetshenziswa kakhulu uma kunomcimbi.
Cofa lapha ukutholwa ulwazi ngalezi ezinye izisho https://iafrika.org/izisho
UKHUNI LUZALA UMLOTHA (Umuntu akamzali ofana naye ngokwezezo) – Umfundisi akamzali umfundisi.
KUSINDWE NGOBETHOLE (Kuyabuswa – Kufinywa ngendololwane – konke kuhamba kahle)
UCHAKIDE UHLOLILE IMAMBA YELUKILE (Uchakide uyayibulala imamba – Kusho umuntu onganakile ukuthi isitha sakhe simcuphile)
I appreciate every help i got here it really helped a lot
I did`n`t what i was looking 4or but tnx
I really liked this page a lot it helped me thank you
great
Angilitholi usizo
Ngicela izaga zenjabulo
Sekungaya ngokuthi yinhloboni yenjabulo