Skip to content
- Ukhamba lufuze imbiza – Ingane ifuze umzali wayo.
- Injalo iphuma edunjini – Lesi isaga esiphinde sibe nobudlelwano nalesi esithi, “Isixhumo sifuza empunzini”. Lezaga zisho khona ukuthi izingane zibukela kubazali okuningi ezikufundayo ekukhuleni kwazo. Ingakho noma ingane iziphatha ngendlela ethile uzwe sekuthiwa unina noma uyise imfuze izinqotho ngisho nezenzo zayo. Izingane inhlonipho ziyifunda ekhaya, ingakho kuyinto ejwayelekile ukuthi uma ingane iyihlongandlebe uzwe abantu bebuza bethi engabe kubo banjani? Ingoba kusuke kusolelwa kukhona ukuthi kushuthi imfundiso ayikho kubo ngoba kushuthi yenza ekubone kwenziwa kubo.
- Umbala uchacha enkonyaneni – Inkonyane uma izelwe ithatha ufuze lukayise noma likanina okuba ngumbala walo. Nengane ke ngobunjalo nayo ifuza abazali ngobuhle noma ngobubi.
- Nginjenje mtanethu ngoniwa yinkunzi – Lesi saga sikabili, okukuqala ukuthi umuntu wesimame akenziwa inhlekisa ngoba nakhu elahlekelwe ubuntombi bakhe wagcina ezithwele ngoba lokho akulele kuyena kuphela futhi usuke engazenzanga yena. Akugcini lapho noma umuntu evelelwe umshophi nje akuhlekiswa ngaye ikakhulukazi uma kuyinto akangazenzelanga yona ngenhloso. Bese siphinde sisho khona ukuthi umuntu ungambeki icala ngoba akazizalanga.
- Ikhikhizela lihluma esiqwini – Lokhu kusho ukuthi kusuke kwenzeke into engalindelekile.
- Insikazi izala ilungakazi – Noma kuyinto ejwayelekile ukuthi izingane zifuze abazali, kepha akusikhona zonke izikhathi la okwenzeka khona lokho. Kuyenzeka ingane ingamfuzi nhlobo umzali wayo.
- Ukhuni luzala umlotha – Kukancane impela ukuthi umuntu ohlonishwayo nophumelele azikhiphe yena enganeni akayizalile. Kuyinto ejwayelekile nje ukuthi umuntu owutho azale umuntu ongelutho kungafani ukwenza kwabo.
- Umfundisi akamzali umfundisi – Noma kungakhulunywa ngomfundisi siqu sakhe lana kepha lesi saga sisho ukuthi kukancane umuntu alandele ngqo ezinyaweni zabazali bakhe. Kuthiwa umfundisi akamzali nje umfundisi ingoba kukancane ingane ezalwa emfundisi nayo igcine ishumayele ebandleni ithathe isikhundla sikayise. Lesi saga sichaza ukuthi umuntu olungile kukancane ukuthi izingane zakhe zilunge njengaye, kanti nongalungile futhi kuyenzeka azale ingane elungile engafani naye.
- Akazalanga, wabola amathumbu – Uma umzali ekhala ngokuthi akazalanga wabola amathumbu lokho ukusho esezinhlungwini ebona ukuthi ingane yakhe ayimniki ukujabula ngendlela eziphethe ngayo noma eyenza ngayo. Lawo akusiwona amazwi okumele ashiwo umzali enganeni yakhe ngoba ayisiqalekiso usuke ewasho kubuhlungu inhliziyo. Lokhu kusho ukuba nengane engalona usizo ekhaya futhi engakhuzeki.