Intendele esuka muva ikholwa yizagila – Lesi saga sisho ukuthi musa ukuhlalela ingozi lapho abanye bebaleka, akumele uze ulinde amathonsi abanzi uze ulimale ukuze ubone ukuthi lento otshelwa ngayo iyingozi. Abanye abantu banenkani, kwala ngisho umuntu ekhuzwa ngento kepha engalaleli; njengoba kusuke kukhuzwa nengane nje ukuthi ingasifaki isandla emlilweni yona isifake ngenkani ibone ngoba isishiswa umlilo ukuthi bekungamele isifake isandla. Kulinganiswa ngentendele nje yingoba kunenyoni ebizwa ngokuthi ithendele ecasha etshanini. Abantu abahamba inqina noma abelusayo bayazi ukuthi amathendele kujwayele ukuthi ame abe mabili noma mathathu la asuke ecashe khona. Leli elisuke lisuke kuqala akujwayelekile ukuthi lishawe ngesagila noma libanjwe izinja ezizingelayo. Kepha leli lona elisuke lisuka kamuva lisinda kalukhuni, ngoba lisuka sebeliqaphele bonke, kanti amanye asuke bengazelele ukuthi azovuka, bese ayabaleka, asinde.
Umqambo weqili uphalele/Umqungo weqili uphalele – Lesi saga sihlobene nalesi esithi, “Akukho qili lazikhotha umhlane”. Lokhu kusho ukuthi buhamba buhambe buphele ubuhlakani kube khona la ofika khona kwanqingetshe. Kulesi ke isaga esikhuluma ngokuphalala komqambo weqele kusuke kushiwo lapha umuntu oliqili ekhohlwe ukufihla izinto zakhe. Kuthi namhla liphambekile iqili bazithathele abantu ngalelolanga.
Unya lwabasha luyaphindana, olwezalukazi luphindana ngogwayi – Konke esikwenzayo kugcine kubuyile kuthina noma kwesinye isikhathi sisuke singasaboni ukuthi izinduku ezibuya ngakithi uma izinto sezibheda. Lesi saga sisho ukuthi uma uphatha umuntu kabi, kufanele uhlale ulindele ukuthi lowo muntu uzoziphindisela noma nini.
Kakudliwa ngaso – Lesi saga sichaza ukuthi kungenzeka into uthi uma uyibona ubone sengathi uzokwazi ukuyenza noma umelane nayo kanti ngeke kube njengokucabanga kwakho uma sekumele ukwenze.
Idlozi liyabhekelwa – Kuthi baleka lapho ubona ingozi, musa ukuthi uNkulunkulu uzakukwelekelela uhlezi nje. Lana sichaza ukuthi uma ubona ubungozi qhela eduze kwabo ungaze utholwe amathonsi abanzi ngoba nakhu uthi uthembe ukuthi uzovikelwa idlozi lakho.
Inyathi ibuzwa kwabaphambili – Alikho icala ngokuthi la ungenalo khona ulwazi ubuze khona uzokwazi ukusizakala. Ukuziphakamisa ube ungenalo ulwazi kuyiphutha elikhulu. Lenkulumo ichaza ukuthi kuhle uma ungazi ufune ulwazi kubantu abangaphambili kwakho ngoba bona sebebonile futhi bayazi. Akusikhona ukuhlakanipha ukwenza izinto ngenkani yakho ekubeni ungazi.
Wazithela kumalunda – Ukuzithela kumalunda kusho ukubukela umuntu noma isimo obhekene naso phansi kanti asilula njengokucabanga kwakho, bese uzithola usubhekene nenkinga yokumelana naso leso simo. Ilunda elenkomo kanti ngokujwayelekile inkomo enelunda kuba inkomo enamandla kakhulu. Lesi saga sisuselwa ekutheni usukele umuntu ongamazi kanti lowo muntu unolaka kakhulu.
Izwibela ladla indlovu/Ibhizela ladla indlovu – Kuqonda ukuthi umuntu kufanele aqaphele, ukuze ingamlimazi into abeyithatha kancane. Kulinganiswa ngendlovu, ngoba kuthiwa yayilele kudana nje umuntu othile egawula, kwaqhasha ibizela Iayishaya yafa. Ngamanye amagama, kungaba nemiphumela emikhulu noma ebucayi edalwa yinto ebukeka incane.
Uyakubuya yedwa njengengubo kaZiyongo – Kuthi noma umuntu enenkani engakunaki okushiwo kuye, uyakukhumbula esehlupheka aqale ukuzisola aphenduke. Lokhu kususelwa kwisenzo sengubo kaZiyongo owathi eyenekile yahamba nomoya iphephuka wathi uyayibamba wehluleka. Kwathi ntambama nosuku umoya usushintsha la obheke ngakhona yabuya nawo umoya ingubo yakhe, kwase kuba ukuvela kwaso ke lesi saga.
Isiziba sizwiwa ngodondolo – Lesi saga sisho ukuthi kuyingozi ukungena esizibeni samanzi ungaluphethe udondolo, ukuba ugqulaze ngalo uzwe lapho kweyela khona. Ngamanye amagama kufanele ubhekisise ngaphambi kokungena entweni. Lelizwi lithi futhi isiziba singenwa ngabasaziyo. Kucishe kufane nokuthi, ‘Inyathi ibuzwa kwabaphambili’.
Kusinda ezakwaLuvalwana, kufa ezakwaSibinjana – Lesi saga sichaza ukuthi kwesinye isikhathi uma uboniswa ngobungozi bento kuhle ulale ngaphambi kokuba uze wenzeke isilo sengubo. Lesi saga sisuselwa ekutheni emandulo bekuthi uma kuliwa izimpi kudliwe nemfuyo yesizwe esinqotshiwe. Lokhu kusho ukuthi izinkomo zabantu abanovalo abasheshe babaleke, ziyasinda; kanti abanenkani, abadelelayo, baficwa yimpi, izithathe ezalabo.
Inxiwa IikaHha kalakhiwa – Akungabe kusasiza ngalutho ukukhala noma ukukhalaza izinto uma sezivele zonakele. Lana sichaza ukuthi akusasizi lutho ukuthi “hha!”, uma indaba ingeke isalungiseka.
Akukho nkwali ephandela enye – Inkwali inyoni, kanti lesi saga sona sichaza ukuthi kufanele umuntu azibonele, angalindeli usizo, sonke siyazisebenzela ukuze sizozuza.
Ibele lendlela kalivuthwa – Amabele ayatshalwa ensimini ayisitshalo, uma kwenzekile insimu yamabele yaba sendleleni kuba inkinga leyo ngoba wonke umuntu udlula awathinte. Lokhu kugcina kuholele ekutheni aze engavuthwa, ngoba njalo ahlale ethintwa abantu bedlula endleleni. Lenkulumo ichaza ukuthi kunzima ukuphumelela uma uhlale uphazanyiswa. Uma usiza abantu abacelayo njalo, uzozithola usuhlupheka.