Izaga ngokuba nonya

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zisho ukuthini izaga ngokuba nonya?

  • Ukhohlwa ngezakhe – Kusho umuntu okhuluma kakhulu ngezindaba zabanye, kahle kumbe kabi, kodwa angakunaki okwakhe. Kushiwo kakhulu ngomuntu okhuluma kabi ngabanye, kanti naye uhamba kabi.
  • Ungibambezele inyathi ngophondo – Kusho ukuthi musa ukungibambezela ngize ngificwe yingozi.
  • Akuntaba enganaliba – Lesi saga silamana nalesi esithi, “Akummango ongenaliba”. Iliba ithuna umuntu angcwatshelwa kulona uma eseshonile. Njengoba kuthiwa akuntaba enganaliba yingoba umuntu udlulela noma ikuphi emhlabeni, kungaba isesigangeni, kube isekhaya ngisho ehlane imbala.
  • Ofileyo kabanjelwa zwi – Kuthi noma umuntu ekhuluma okubuhlungu kuwe, mhlawumbe mhla kufe isihlobo sakhe, ungakunaki akukhulumile, ngoba wenziwa yinhliziyo ebuhlungu. Ukuthi ofileyo kusho ofelwe yisihlobo sakhe, noma ofileyo ngempela: kuthi-ke ungabe usakunaka lokho ayekukhulumile ngoba akasekho, akasenakukuphendula, ngoba usefile.
  • Kuthatha iqanda lengesengese – Unya akusho ukuthi awukwazi ukusiza abantu kepha kuyenzeka umsize umuntu ube nonya ngokuthi uma usufuna into omsize ngayo ungamniki thuba lokuphefumula. Lana sikhuluma ngokuthatha into yomuntu ozakuhlala esekubelesele uma esefuna ukubuyiselwa into yakhe leyo osuke uyithathile.

Leave a Reply