Izaga ngamagqubu nezinsongo

  • Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe – Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
  • Awumbiwa ndawonye – Lesi sisho sikhuluma ngomuthi wesiZulu ikakhulukazi okuyimpande esetshenziswa ukwelapha noma ukwakha umuthi osetshenziswa izinyanga kanye nezanusi zona ezalapha abantu. Sichaza ke ukuthi umuthi wokwelapha awumbiwa ndawonye kanti-ke nokusebenza kwawo akufani njengoba owase nkangala ungafani nowase hlanzeni. Kujwayele ukuthi kushiwo abantu uma beqhudelana ngokuthile noma nje isibonelo, izinsizwa uma ziqhudelana zishela intombi eyodwa zisebenzisa ikhubalo, ilowo nalowo osuke egadla ngezakhe izinduku zomuthi ezimbiwe ezindaweni ezahlukene.
  • Libheke uligcine – Osongela omunye ngokumbulala.
  • Siyobohla Manyosi – Lesi saga sichaza ukuthi uyophela umbuso ngoba phela akukho okungapheli.
    • Umsuka wasaga “Siyobohla Manyosi.” – uManyosi kaDlekeleza waduma kakhulu ngesenzo sakhe sokudla intondolo yembuzi ayiqede aze aphuze ngisho nomhluzi wayo eyedwa nje vo! Lesi saga sakheka ngamazwi kaMbomboshe ngenkathi uManyosi esehlubuka, uMbomboshe [isilo uDingane] eya kwiSilo uMpande. La mazwi ayechaza ukuthi uzolamba phela ngoba umbuso wakwaZulu wawusezandleni zikaDingane ngaleso sikhathi, ngakho-ke ngombono kaMbomboshe uManyosi wayengeke ahlatshelwe imbuzi kwaNodwengu okuyinto eyayizodala ukubohla kwesisu sakhe. Kwase kwakheka le saga esithi ‘siyobohla Manyosi. uManyosi wayeyinsizwa eyayinamahlaya, kangangokuba iLembe laze lamenza usomahlaya weso okwakuthi uma kufike izivakashi iLembe simhlabele imbuzi bese ehulula amahlaya zijabule zife izivakashi, ngapha uManyosi ebe edla imbuzi yakhe. Nesilo iDingane wayemkhonza uManyosi kepha uManyosi wakhetha ukuwela uThukela nesilo uMpande. uManyosi wahlubuka ngoba ethi umbuso kaZulu awuphephile, ukufa kukaDingane koba sekuphelile ngawo, phela isilo uDingane sasingenangane, kanti isilo uMpande sasizele ziningi izingane. uManyosi kwakuyinsizwa eyayondlekile eyayingasabe lutho, kwakuyiqhawe. Kuthiwa phela uManyosi waba yinsizwa yokuqala ukuhlabana yawisa izinsizwa ezintathu ngokuphazima kweso kwimpi yakwaGqokli eyabe iphakathi kwamaZulu [ngaphansi kweLembe] kanye namaNdwandwe [ngaphansi kukaZwide kaLanga] egqumeni elaziwa ngokuthi ikwaGqokli. uManyosi wazibula ngendodana wayiqamba wathi “uSobohla” eyiqamba sakubhingqa amazwi kaMbombosh’Omnyama (isilo uDingane).

2 thoughts on “Izaga ngamagqubu nezinsongo”

  1. Thokoza,ngcela ukubuza ngphuphe bangibeka inkosi eskolweni ngivunule izambatho zobukhosi bese kunomuntu obethi kimi zazise ebantwini bakho asho abatwana besikole abanengi and I was in tears of joy I ddnt even able to introduce myself.ngyabonga.

    Reply

Leave a Reply