Skip to content
- Inkonyane ikhethwa kusakhanya – Abafana abelusayo bayazi ukuthi izinkomo zifakwa esibayeni kusakhanya khona bezokwazi ukukhetha inkonyane ngesikhathi ifakwe esibayeni sayo. Lokhu kusiza ekutheni ingavuki incele ekuseni kunina ngaphambi kokuthi izinkomo ziye emadlelweni. Ukukhethwa kwenkonyane kusiza ukuthi ngakusasa kukwazi ukuthi kusengwe kanti nayo inkonyane kuyisiza ukuthi inganceli ubisi oluningi kunina ngoba kuyayigulisa lokho ikhishwe isisu. Lesaga sisho ukuthi kuhle ukwenza izinto kusenesikhathi, kuyasiza ngoba kwenza ube nesikhathi sokubona amaphutha entweni oyenzile kanye nokuthi uyenze kahle ungatatazeli. Ezinye izinto kumele uzihlelele kusenesikhathi ukuze zenzeke kahle futhi zibe ilokhu ofisa kube umphumela wazo.
- Ithotshwa ingakazali – Lapha kusuke kukhulunywa ngesithole esisuke sizozala esithonjwa umbele ukuze ikhiphe isithunga. Inkomo ethotshwa ibele ingakazali khona izothi izala ibe isikwazi ukuncelisa. Lesisho siyafana naso lesi esithi “inkonyane ikhethwa kusakhanya” njengoba zombili ziveza ukuthi kubalulekile ukuthi izinto uzenze ngesikhathi.
- Inhlwa kayibanjwa ngekhanda isavela – Kubalulekile ukukwazi ukufunda izimo ngaphambi kokuba uthathe izinqumo. Ukuthatha izinqumo nokwenza izinto utatazela ungakaziniki isineke ngazo kuyingozi, futhi kungakuholela ophathe uma uwumuntu. Lesaga sichaza ukuthi ezinye izinto zidinga ukuthi ulinde ngaphambi kokuthatha isinqumo ngazo khona uzothatha onesiqiniseko ngaso. Lesi saga sisho nokuthi kuhle ukuzibamba kwesinye isikhathi, ungatsheli abantu ngezinto ofisa ukuzenza ungakakwenzi, lokhu kungenza kugcine kungalunganga kwakhona lokho ngenxa yokuthi ukhulume kungakalungi.
- Kunqoba abaphikelelayo – Impilo inzima, abantu abaphumelelayo yilaba abalwela ukuphumelela bedlula kuzona izinselelo ezilethayo. Umuntu ongazinikeli uyodla umlotha olothile ngoba impilo isiphoqa ukuthi siphekelele uma sifuna ukunqoba.
- Umkhiwa uvuthiwe – Yonke into inesikhathi sayo, ngisho nesithelo sasendle asidliwa siluhlaza kodwa siyalindwa sivuthwe bese siyakhiwa. Lesaga sisho ukuthi ezinye izinto kumele ulinde kuzona, ungaphangi umdaka linganile. Kuhle ukulinda ungagagameli, ungazenzi izinto kungakafiki isikhathi zokuzenza.
- Izinsuku umathanda kwenzelwa – Konke esikwenza namhlanje sakhela ikusasa noma sibulala lona. Lesaga sisho ukuthi ngoba izinsuku zingafani nje futhi nekusasa lingaziwa, kubalulekile ukuthi esikwenza manje senze isiqiniseko sokuthi sihlinzekela ikusasa khona uma sekufika izinsuku zobumnyama sibe simingomumo. Kufanele ukhumbule ukuthi kuyasa.
- Umlomo ongadli ubekela odlayo – Kubalulekile ukuzimisela futhi ube umuntu ovuka azibambe. Uma uhleli dekle ngeke ulungelwe ilutho. Uma ungenzi izinto ngesikhathi esifanele bakhona abazozenza wena usale ngemuva.

Limathuba entaba
Ngisacela isaga ngokuphuma kwelanga
Ukuthenga ilala
Ngisacela izaga ezisuselwe emlandweni
Cofa lapha ukuthola impendulo Izaga zesiZulu Nokusebenza Kwazo