Skip to content
- Inhlanzi ishelwe ngamanzi: Ukuthi inhlanzi iphelelwe amanzi kusuke kukhulunywa ngokuthi uphelelwe amaqhinga.
- Inkomo iwe ngophondo: Kuchaza ukuphelelwa ngamandla ikakhulukazi okuzisiza.
- Yeka ukufa ngokuzenza: Ngisho nesikwenza ngolwazi lokuthi siyakwazi kuyenzeka kugcine kusilimaza. Singabantu siphila ngamaphutha, yingakho ke kwenzeka ukuthi azigwaze ngowakhe umkhonto noma azilimaze yena engaqondile.
- Udle ukufa kwamudla: Nalo uju lwezinyosi lumnandi nje kepha uma usuludle kakhulu lugcina selugulisa umuntu azithole esegula ngenxa yalo. Lesi saga sichaza ukuzijabulisa kakhulu ngento, kanti izokujikela ekugcineni uzithole usunenkinga noma imiphumela engamihle.
- Ilumbo ladla umninilo: IsiZulu sijule kakhulu, yingakho kukhona nezaga ezifana nalezi ezithi “isitha somuntu uye uqobo” naso lesi esithi ilumbo ladla umniniyo. Lana sisuke sikhuluma ngokuthi kungenzeka uthi uwugayela omunye umuntu umuthi udliwe uwena uzilimaze wena ngokwakho. Lesi saga sisho ukuthi umuntu ulinyazwe yinto abeyicijele omunye.
- Ngadla ulovu, ngadla inkomo yasodwini: Kuqondiswe kumuntu ozifake enkingeni enkulu engaqondile.
- Inkunzi inqunywe amanqindi: Uma inkunzi inqindiwe kusho ukuthi ngeke isaba bukhali uma ilwa nezinye izinkunzi. Ngokwesintu lokhu kusho ukuthi umuntu unqindwe amandla okwenza into ethile.
- Inhlambi yamanzi imuka namanzi: Noma ungaba nolwazi olungakanani entweni oyenzayo kepha kuyenzeka kuphambane izinto igcine isikulimaza leyonto. Lesi saga sichaza ukuthi umuntu ulinyazwa yinto azitshela ukuthi uwucwepheshe kuyo.
- Nelengqwele liyopha: Noma umuntu angaze abe yingcweti kanganani kodwa kukhona okumxhophayo naye.
- Inkonjane iwele enkundleni: Ngolimu lwesimanje lesi saga sifana nokuthi isosha lifela emsebenzini walo. Lokhu kusho ukuthi umuntu ulimalele lana ebakhona, esebenzela khona noma kakade ekwenza.
- Kalethenjwa ikhaba: Umuntu ubonga uma sekulungile.
- Buchitheka bugayiwe: Izinto zonakala kungalindele muntu.
- Ukufa kusezizweni: Ngeke ukuhlelele ukwehlelwa ishwa ngoba likuthola noma ngabe ikuphi noma inini ungalindele. Kuzozonke izindlela esizihambayo singabantu akekho owaziyo ukuthi ishwa liyomvelela kuphi.
- Umlomo udla okushisayo, udle okubandayo: Awukwazi ukuzibekela wena empilweni ukuthi konke ozobhekana nakho kuhle kuphela. Umuntu uhlangabezana nezimo ezahlukene ezinhle nezimbi empilweni yakhe. Ngisho ngabe uwumuntu oqapha kangakanani kepha kukancane ukuthi wehlelwe okuhle kuphela empilweni.
- Icala lembula ingubo lingene: Ngeke ufunge ukuthi ngeke wone muntu noma wenze okuphambene nomthetho ekuphileni kwakho ngoba akekho umuntu owazi ikusasa lakhe noma ongaqagela ukuthi kusasa lizosa linjani. Umuntu kuyenzeka ezithuke esesenkingeni enkulu kepha kade engakulindele futhi engakuhlelanga ukungena kuleyonkinga.
