- Ukubuya inhlazane: Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
- Ukukhipha inhlazane: Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
- Ukubeka uhlangothi: Ukulala.
- Ukuchitha isikhathi: Ukumosha isikhathi.
- Ukushona kwelanga: Seliyozilahla kunina.
- Ukubamba iqhude: Ukuvuka ekuseni kakhulu.
- Ukubhula amazolo: Ukuhamba ekuseni kakhulu.
- Ukubona ngawayizolo: Ukungalali.
- Ukubheka ngawayizolo: Ukungalali.
- Ukubizwa usabele: Ukufika noma ukwenza izinto ngokushesha.
- Ukubamba itoho: Ukwenza noma ukusebenza okwesikhashana.
- Ukubamba utoho: Ukwenza noma ukusebenza okwesikhashana.
- Ukubhoboka kwezulu: Ukuvuleka noma ukubalela kwezulu.
Izisho ngesikhathi
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
