Izaga ngezinto ezingeke zenzeke

  • Umlungu angathunga isicholo – Isicholo siyimvunulo yesintu futhi ngisho ukuthungwa kwaso ibona abantu bomdabu abazi ngaso. Ingakho ke kungathusa ukubona umlungu esithunga. Lesi saga siphikisa into engeke nhlobo ize yenzeke.
  • Alikho iqili elizikhotha emhlane – Noma usufisa kanjani ukuthi uphumelele ebuqilini bakho kodwa kukhona lapho obuyovela khona buhlale obala kube kwezinqa zesele ubuqili bakho. Ngeke nangephutha uze ukwazi ukuthi uzikhothe umhlane. Ngeke nangephutha uphumelele njalo ngobuqili. Bayokubona abanamehlo.
  • Ungabona amehlo esibungu – Into engeke ize yenzeka noma usukhala igazi. Isibungu isilwane esinganawo amehlo manje ukubona into engekho vele into engeke yenzeke.
  • Imbuzi ingazala inkomo – Akusoze kwenzeka ukuthi ngelinye ilanga imbuzi izithole isizala inkomo. Izilwane ezimbili ezingafani. Into engeke yenzeka.
  • Ungabona amathambo esibungu – Isibungu isilwanyana esingenawo amathambo. Ngakho-ke ukuwabona amathambo kuyinto engasoze yenzeka.
  • Lingawa licoshwe izinkukhu – Ilanga lingawa licoshwe izinkukhu, lana sikhuluma ngento engasoze yenzeka. Ilanga ukushisa kwalo uma lingawa yonke into ela emhlabeni ingaphenduka umlotha. Izinkukhu beziyini-ke kodwa kuleso sigameko? Yinto le engasoze yenzeka.
  • Akusikhumba esehlula abeshuki – Isikhumba sishukwa uma kwakhiwa isidwaba noma amabheshu kanye nezinye izinto ezithinta imvunulo yesintu. Noma kunzima kangakanani kepha abantu abasebenza ngemvunulo bayakwazi ukusishuka leso sikhumba size sibe into abayifunayo. Lesi saga sichaza ukuthi akukho okuhlula ubuhlakani kanye namandla omuntu. Ayikho into eyehlula wonke umuntu. Into engeke yenzeke leyo empilweni ukuthi kube nento engahlula wonke umuntu okhona phezu kwalomhlaba.
  • Inkomo ingazala umuntu – Into engasoze yenzeka, inkomo ayisoze yamuzala umuntu.
  • Ungabona amabele enyoka – Into engasoze yenzeka. Inyoka ayinawo amabele, ngakho-ke lokhu kusho ukuthi angeke kwenzeke lokho.
  • Kuyokwenzeka ngifile – Umuntu ofile unamandla ngokomoya kuphela kodwa ngokomzimba usuke engasanamandla. Lesi saga sichaza umuntu osuke edaza inkani ethi, “Ngeke kwenzeke lokho”. Lana umuntu usuka efunga egomela ukuthi cha ngeke kwenzeke lokho, kungenzeka uma umphefumulo usuhlukene nenyama kuphela.
  • Kungasa ngifile – Into engeke yenzeke. Isinqumo umuntu angeke aguquke kuso uma nje esadla anhlamvana leyonto isuke ingeke ize yenzeke.

Leave a Reply