Izaga ngokuguga

  • Insika isidliwe umuhlwa – Insika iyona emisa indlu ikakhulukazi izindlu zamaqhugwane uma iseyintsha ayidliwa nhlobo umuhlwa. Umuhlwa udla isihlahla esesesomile futhi sesisidala. Uma kuthiwa insika idliwa umuhlwa kusuke kuthiwa isihambile iminyaka kulowo muntu, usegugile.
  • Asigugi namagxolo aso – Isihlahla esingagugi namagxolo aso ngoba ngokuhamba kweminyaka ayaxebuka nobuhle baso bushabalale. Uma kuthiwe asigugi namagxolo aso kusuke sekukhulunywa ngomuntu ukuthi ebunsizweni noma ebuntombini bakhe wayewumuntu onjani. Isalukwazi noma ikhehla akufani nentombi kanye nensizwa esencane, yingakho ke kuthiwa asigugi namagxolo aso.
  • Guga sithebe kade wawudlela – Ebuncaneni bethu nasekukhuleni ziningi izinto esisuke sikwazi ukuzenza ngoba umzimba usuke usasivumela ukuthi sikwenze lokho. Uma kuthiwa guga sithebe kade wawudlela kusuke kushiwo ukuthi akasakwazi ukwenza izinto abekwazi ukuzenza ngenxa yokuhamba kweminyaka.
  • Akuphindelwa emuva kwemgqigqo – Iminyaka yomuntu iya phambili ayihlehleli emuva. Uma umuntu esegugile akangabe esakwazi ukubuyela emuva ebunganeni bakhe noma ngabe ngokwenhliziyo usuke efisa kanganani.
  • Guga mzimba sala nhliziyo – Inhliziyo izikhethela yona ukudla efuna ukukudla, inhliziyo yomuntu iyigagu noma umzimba usunqaba. Lesi saga sisho ukuthi inhliziyo isuke isafisa ukwenza izinto kodwa ngenxa yokuhamba kweminyaka umzimba usuke usunqaba.
  • Akubuyelwa emuva – Ukukhula ukuguga empilweni. Umuntu uma ekhula kuhamba iminyaka usuke ebheke ngqo ekugugeni, akekho ozalwa eseziqeketha zonke izindaba bese kwehla iminyaka yokuzalwa uma esekhula. Lokhu kusho ukuthi umuntu osemdala ngeke abuyele ebusheni bakhe, noma ngabe ufisa kanjani ngenhliziyo yakhe.
  • Yidlani masoka kobola – Kumnandi uma umuntu esenza izinto zobusha futhi ezithokozisa ngendlela ehambiselana naye nenhliziyo yakhe. Noma kunjalo kepha nayo iminyaka iyahamba ayimile. Lokhu kusho khona ukuthi kungabamnandi kunconcoswe namhlanje kepha kusasa kushintshe. Kuhle khona ukuzithokozisa ebusheni bakho kepha ke nayo injabulo iya ngokufiphala ngokukhula kwakhe umuntu. Kade uma usuke ungazenzanga izinto kusakhanya ebusheni bakho uma usuguga kuyabonakala ngonakho ukuthi usebenze kangakanani empilweni.
  • Ngumcaba owasala emasini – Umcaba kuvutshwa ngawo amasi ekhaya, kusuke kugaywe amabele bese ke kuvutshwa indwandwa ngawo. Lana ke sikhuluma ngomuntu ongabanga nayo inhlanhla yokuthi athole umendo la akazoganela khona. Bese kuthiwa umcaba owasala ekhaya ngakho njalo ukuthi akukho lana akahlonipha khona zathi ezinye izintombi ziyoqoma yena wasala ngemuva.

Leave a Reply