- Ukubekelwa amabili – Ukushesha ushaye kungakakhulunywa kakhulu.
- Ukungabekwa zihlalo – Ukuba nolaka olukhulu.
- Ukungazibeki phansi – Ukuzazisa.
- Ukubeka inkambabeyibuza – Ukushaya umuntu ingozi enkulu.
- Ukubeka umkhusu – Ukubekelela inkulumo noma isenzo isikhathi esizayo.
- Ukubeka amabala – Ukugxeka. Kufana nokuthi: “Ukubeka isici.”
- Ukubeka iso – Ukugada.
- Ukubeka indlebe – Ukulalela.
- Ukubeka uhlangothi – Ukulala.
- Ukubeka izwi – Ukukhuluma.
- Ukubeka icala- Ukwehlulela.