Izisho ngegama “ukubeka”

  • Ukubekelwa amabili – Ukushesha ushaye kungakakhulunywa kakhulu.
  • Ukungabekwa zihlalo – Ukuba nolaka olukhulu.
  • Ukungazibeki phansi – Ukuzazisa.
  • Ukubeka inkambabeyibuza – Ukushaya umuntu ingozi enkulu.
  • Ukubeka umkhusu – Ukubekelela inkulumo noma isenzo isikhathi esizayo.
  • Ukubeka amabala – Ukugxeka. Kufana nokuthi: “Ukubeka isici.”
  • Ukubeka iso – Ukugada.
  • Ukubeka indlebe – Ukulalela.
  • Ukubeka uhlangothi – Ukulala.
  • Ukubeka izwi – Ukukhuluma.
  • Ukubeka icala- Ukwehlulela.

Leave a Reply