Izaga ngokwehluleka

  • Amathe abuyele kwasifuba: Kuyenzeka umuntu asho into azitshela ukuthi izokwenzeka ngendlela yena acabanga ngayo, kepha igcina ingasenzeki. Uma leyonto ingasenzeki kuthiwa amathe abuyela kwasifuba ngoba lento abethi izokwenzeka ayisenzekanga njengokusho nokufisa kwakhe.
  • Intendele ibindwe yisidwa: Lesi isaga esishiwo uma umuntu mhlambe ebanjwe oqotsheni eganga noma enza okungamele akwenze bese engabe esazi ukuthi uzothini. Sisho ukuthi awazi uzothini ngoba usubanjiwe.
  • Ikhathazo labuyela emfuthweni: Lesi saga sichaza ukuphelelelwa amasu noma amaqhinga.
  • Iqhina likaMbethe: Ukuhluleka komuntu obezethembile.
  • Ithemba kalibulali: Ukuthi ithemba alibulali kusho ukuthi noma ngabe usuhluleke kangakanani kokwenzayo kepha ungayeki ukuzama ngoba kuzogcina kulungile. Lokhu kusho ukuthi ungaphelelwa ithemba noma ngabe isimo sibukeka singathembisi kanjani ngoba kunqoba abaphikelela phambili noma isimo sinjani bengavumi ukwehluleka.
  • Isithukuthuku senja siphelela eboyeni: Incanga ngisho ingajimina kanjani enqineni kepha izithukuthuku noma umjuluko wayo uphelela kuyona. Lana kusuke kukhulunywa ngokusebenzela emuva. Ukuthi kukho konke okuhle osukwenzile kuvele kushabalale kuphele ngakho kuphoqe ukuthi uphinde uqale phansi futhi uzame ukwenza okade usudlulile kukhona.
  • Asha abilayo kwaye kwasha nasophondweni: Lana ke usuke usuzame wancama wazidela ngakho konke, kepha lutho ukuthi izinto zikulungele noma kuhambe ngokufisa kwakho. Kusho ukuhluleka usuzame konke okusemandleni akho.
  • Impi idle amahawu: Ihawu elokuvika emdlalweni noma uma kuliwa, okusho ukuthi iphunga ngalo izinduku eziza kuwena. Uma impi isidle amahawu kusho ukuthi ugcine unqotshiwe, lokhu obubhekene nakho kwaba ngaphezu kwamandla akho.
  • Ugadle zephuka – Kusho ukuthi uzame konke okusemandleni akho kepha kwagcina kungalunganga obukwenza waze wagcina usudikibele.

Leave a Reply