Izaga ngokwethembeka

  • Imikhombe iyenanana – Ukubambisana ningabantu nilekelelane lapho ninawo amandla okulekelelana khona. Ukusizana kwabantu. Imikhombe iyini? Umkhombe isilwane sasolwandle esikhulu kunazo zonke olwandle ngokomzimba. Uma lesilwane sikhafulwe ulwandle saphuma ngaphandle abantu bazitika ngenyama yaso kuthiwe, “bayoxebula umkhombe”. Kanti ke akusikhona ukuthi imikhombe iyenanana ngenxa yokuthi inanana ukudla, kepha ingoba inobubele. Lesi saga sichaza ukuthi empilweni umuntu kumele ukwazi ukumelulela isandla omunye umuntu, ikakhulukazi uma uphila naye. Imikhombe inyama okuthi uma kuhlatshiwe uyiphe lowo ongumngani okanye enisondelene naye, lana ingoba usuke umsikele inyama eningi ukungathekiselwa ekutheni ingumkhombe.

  • Intandane enhle umakhothwa ngunina – Isintu sijule kakhulu futhi nolwazi esinalo ngesintu luyinkomba yakho ukujula kwaso isintu. Asiqale lana: ingabe yini intandane? Intandane kusuke kukhulunywa ngengane enganabazali. Ikhothwa kanjani ke intandane unina? Uma kukhulunywa ngokukhothwa kwentandane unina kuchazwa ngobudlelwano ingane enabo nonina. Umuntu wesimame engabe ezithwele ilapho obuqala khona ubudlelwano bayo nayo ingane. Konke okusuke kudliwa unina kanye nakakuphuzayo esazithwele kudlulela enganeni yakhe okuyikhona okuyikhulisayo. Ngisho ekuzalweni kwayo ingane uyena unina osuke eyinakekela njengoba kade enza esazithwele. Lesi saga sichaza futhi sibungaza iqhaza elidlalwa unina enganeni yakhe. Uma kukhulunywa ngentandane kulesi saga kusuke kungachazwa ingane esuke ishonelwe unina kepha ingane ithathwa njengentandane ngenxa yokuthi isuke ingakakakwazi ukuzenzela izinto kepha ithembele kunina ukuthi inakekelwe. Kuke kube ngcono ingane uma kwenzeka isale nomama oyizalayo kunobaba wayo ngoba omama baziwa ngothando olujulile ebantwaneni babo, nokuthi bathembeke kakhulu ekutheni bazokwenza konke okusemandleni abo ukuthi banakekele ingane.

  • Izinyoni zohlobo olulodwa zindiza ngandawonye – Kukancane impela abantu abaphila impilo engafani babe umshungo bahambe ndawonye, ngisho nakho ukuzwana nomuntu nibe abangani ingoba kusuke kukhona izinto ezithi azifane enizithandayo. Abantu abawuhlobo olulodwa bahamba ndawonye futhi benzo izinto ndawonye ingakho ke begcina befaniswa nezinyoni ezindiza ndawonye ngoba nazo zindiza ziwumshungo. Ukuhamba nokwenza izinto ndawonye nokuba mutshamunye ezinjongweni zabo ikhona okuqinisa ubungani. Ingakho ngisho uma kukhona oyisela noma ke owenza kahle equlwini lwabangani bonke babhanqwe ngaphande linye ngokuthi kuthiwa bawuhlobo olulodwa. Kahle kahle lesi saga sichaza ukuthi abantu bahlanganiswa into abayenza ndawonye nobungani bakhiwa ikhona lokho. Ingakho noma kukhona owonile koyedwa wabo bakhonjwe baphinde besolwe bonke ngokulingana.

  • Umuntu ngumuntu ngabantu – Lesi saga silamana nalesi esithi, “Izandla ziyagezana”. Phela zombili lezi zaga ziqhakambisa khona ukuthi uma ungumuntu ngeke uphile wedwa uzifanise nenhlwa bebe bekhona abantu ongaphilisana nabo. Singabantu siyadingana, angeke waba umuntu wedwa. Kubalulekile ukuba kuthenjwane kubanjiswane. Kahle kahle nje akekho umuntu ongaludingi usizo lomunye umuntu, ingakho nezandla zigezana ngoba nesinye sidinga usizo lwesinye. Lana siqhakambisa ubuntu kanye nokwesekana singabantu ngoba siyadingana.

  • Iqiniso liyokukhulula – Iqiniso akulula ukulikhuluma ikakhulukazi uma udaba lwalo lusinda futhi lubucayi. Uma sesithi iqiniso eliyokukhulula ilapho khona esisuke sesinxenxa ukuthembeka komuntu ukuba aligonyuluke iqiniso elimsulwa elingenachashaza noma ngabe libaba kangakanani. Ukukhuluma iqiniso kuphela okuyokuqaqa emaketangweni enhliziyo enecala. Ukuthembeka ekutheni iqiniso elizokunika umvuzo wenkululeko ngaphakathi kuwe.

  • Ubothemba itshe – Abantu bayajikelana futhi kuncane impela ukuthemba umuntu ngoba ulala aphenduke esecabanga okunye. Lesi saga siveza ukubaluleka nokukwazi ukuthi izimfihlo zakho uzigcine kungezakho, ngoba ungazitshela umuntu kanti uzigxoba ngetshe esendeni uzokujikela loyo muntu. Lana itshe lisetshenziswe laba isibonelo ngoba lona alinamlomo wokukhuluma futhi alunazinyawo zokuhamba. La elibekwe khona ulifica khona, okusho ukuthi ngeke likujikele noma ngabe sinjani isimo sempilo. Ngalesisaga siveza ukuthi umuntu ungamuthemba kepha ubuyele nganeno ekumethembeni kwakho ngoba angakwenza isilo sengubo. Ukuthemba itshe kufana nokuzithemba wena ngoba uyazi ngeke udayise ngawe ezitheni zakho.

  • Ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyayikhahlela – Umuntu usiza lowo osuke emusiza naye. Bese kuthi lo ongamsizi angakugqizi qakala ngokuthi amulekelele. Kuvamile-ke ukuthi uma umuntu eke wakusiza kuthi mhla edinga usizo bese esizwe ilowo ake amutakula ngesikhathi edinga usizo.

  • Izithupha ziya ogwayini – Amakhehla abhema ugwayi wesintu awushuka ngezithupha uma ezowubhema. Njengoba besebenzisa izithupha nje kusho ukuthi zisuke ziyinto eyodwa uma kubhenywanigudu. Lana ke sinaba ngokuthi abantu laba abasuke befana ngezenzo ngokuvamile. Uma nifana-ke ngezenzo niyaye nenze izinto ngendlela efanayo nibe nanokuthembana.

  • Izandla ziyagezana – Ukubambisana kubalulekile. Uma usize umuntu kuwukuzibekela ngelinye ilanga hleze ungasazelele uyokusiza naye. Uma umuntu esekusizile lokho kwakha ubudlelwane nokuthembana.

Leave a Reply