Izaga ngokuphathwa kwabantu

  • Imikhombe iyenanana: Lokhu kusho ukuthi kuyasizwana singabantu sakhelene. Umkhombe inyama okwakuthi uma kuhlatshiwe ihleshulelwe lowo ongumngani noma umakhelwane ukuba aphiwe ukuze naye adle nomndeni wakhe. Leso sipho kwakuthiwa umkhombe kususelwa esitsheni esasiphatha izipho. Uma ungisiza namhlanje, kusasa yimina engizobe ngikusiza usuxakekile.
  • Izandla ziyagezana: Kuyabanjiswana esintwini uma singabantu. Ayikho into engalunga kahle uma wenza izinto wedwa, uyabadinga abantu nosizo lwabo.
  • Ikhotha eyikhothayo: Lapha kwakuqondiswa enkomeni ekhotha enye. Uma ingayikhothanga, ngeke lena ivele iyikhothe. Kuqhakambiswa ukuthi abantu bayasizana. Uma ukwazile ukusiza omunye umuntu, naye uyokusiza.
  • Ikhiwane elihle ligcwala izibungu: Lokhu kuveza ubuhle nokuheha kwesithelo ingaphandle laso noma uma usibukela kude. Uze uconse amathe ufise ukusidla leso sithelo indlela esibukeka sivuthwe kahle ngayo sisihle ingaphandle laso. Uyothi lapho usikha, lapho nje uthi uyasiluma kanti phakathi sibolile sigcwele izibungu. Ubuhle nokuhaleleka kwaso ngeke kusasho lutho emva kwalokho.
  • Usenga inkomo nenkonyane: Lokhu kuveza indlela abantu abeyisa ngayo athi umuntu ethandana nowesifazane aze adlulele nasekujoleni nengane yalowo athandana naye. Indlela eveza ukungahloniphi nokuziphatha kabi kwabantu.
  • Into yomuntu umhluzi wempisi – Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa. Lenkulumo isukela kuwo umhluzi wempisi, ngoba uyahilana lapha emphinjeni. Uthi usawujabulela uvele ukuhile ngapha, uvele udikibale. Umhluzi wempisi ufaniswa nento yomuntu ngoba uthi usayisebenzisa kukuhle, uthi ungazelele avele afike azoyilanda. Endulo ziningi izilwane abazama ukuzidla kepha kwala kwezinye. Inyama yempisi ingenye yenyama eyasehlula kwaZulu. Kuthiwa iqinile ngalendlela exakayo noma ungayipheka kanjani. Futhi wawuthi uma uvula imbiza ikuhile, yayingaphekeki nje empeleni. Kepha bathi umhluzu wayo wawumnandi, Sesiyifuna Lana into yaso kwase kuthiwa into yomuntu umhluzu wempisi ngoba Uma umuntu esedinga into yakhe ufika noma yinini ngisho kuthiwa wakuboleka.
  • Inxeba lendoda alihlekwa – Ovelelwe ishwa noma ingozi akahlekwa ubomzwela
  • Ingane engakhali ifela embelekweni – Umuntu ongaluceli usizo ngeke asizwe umuntu
  • Enethunga kayisengeli phansi – Umnini wento akahlupheki ikhona.
  • Amageja alingene abalimi – Uma sikhuluma ngokuthi amageja alingene abalimi sisuke sisho ukuthi noma ngabe yini lena obhekene nayo amandla akho alingene nayo. Lesaga sicishe sifane nalesi esithi “Akukho Ndlovu yasindwa umboko wayo” okusho khona ukuthi inkinga obhekene nayo ngeke ikwehlule ngoba eyakho kumele ubhekane nayo ngqo!
  • Ingwe idla ngamabala – Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
  • Indlela ibuzwa kwabaphambili – Lesi sisho sisho ukuthi uma ufuna ulwazi ngento ethile kuhle ukubuza kwabanolwazi olunzulu ngayo. Lokhu kusho ukuthi kuhle ukuncela ulwazi kubantu aseke badlula kwisimo obhekene nabo ukuze bekwazi ukuhlomisa ngobuhlakani bokuthi uqondane kanjani nesimo okuso.
  • Isilo siyawafinyeza amazipho – Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.



Leave a Reply