- Ukuhlamba imikhonto: Ukuhlaba izinkomo ngemuva kwempi.
- Ukubeka inkunzi: Ukuphawula inkunzi. Ukukhetha umuntu ozoba ngumholi wakusasa.
- Ukuhlamba imikhonto: Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
- Ukubuya nempande yesikhova: Ukuba neshwa.
- Ukukhiphela inkonyane: Ukukhipha inkonyane enkomeni efile. Kuyenziwa uma inkomo ihluleka ukuzizalela.
- Ukuvunywa imfuyo: Ukwandelwa imfuyo.
- Ukudla ubhedu: Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.
- Ukuhamba ulifake isiphandla: Ukuhamba ufuna into ethile eyigugu.
- Ukuchitheka kophoko: Ukonakala kwento. Kufana nokuthi, “yawuchitha umuthi inkonyane”.
- Ukubamba isisila sehobhe: Ukuthembela entweni engenampumelelo.
- Ukubuya nequbu likanogwaja: Ukwehluleka.
- Ukubuya ngezandla: Ukungayi nalokho ubunethemba lokukuthola. Ukubuya ungaphethe lutho.
- Ukubuya ulambatha: Ukubuya ungaphethe lutho.
- Ukubamba udonga: Ukukhohliseka.
- Ukubamba utalagu: Ukulandela into ongeke ufike kuyo.
- Ukubiza umkhokho: Ukwenza into ezokufakela amashwa.
- Ukufaka kwenkomo: Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
- Ukudla izambane likampondo: Ukuphila kahle, ubugwili.
- Ukudla ngandoda: Ukusinda ngoba nabanye besindile.
- Ukudla ingqehu: Ukugqoka kahle.
- Ukwala ukhasha: Ayikho into ekwedlulayo.
- Ukudliwa unkatho: Ukukhethwa eningini.
- Ukubangela amehlo: Ukwenza ukuthi abantu bekubke kakhulu.
- Ukubamba izulu: Ukuphumelela uthole into obukade uyifisa. Ukuba nezifiso ezinkulu.
- Ukugeza amehlo: Ukubuka ngokujula into enhle.
Izisho ngempumelelo nokwehluleka
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
