- Umvundla ziyowunqanda phambili – Lana usuke ukhuzwa ukuthi uma ungalaleli uzohlangana nezinkinga ezizoba ngaphezu kwamandla ukhumbule iziyalo zabazali ababekuyala ngazo ususenkingeni.
- Hamba juba bayokuchutha phambili: Uma ungakhuzeki noma utshelwa ngento ungalaleli, uyobuya usuqondile usukhahlamezekile ngenxa yokuhlupheka nokuswela usushayekile.
- Ababuyisi baphambili: Uma kuthiwa ungayi endaweni uphikelele wena uye ngenkani phambili, lapho ukhuzwa ukuthi ungayi khona, uyobuya ngesamagundane ungasafisi lapho ubuya khona.
- Isala kutshelwa sibona ngomopho: Umuntu onenkani nongakhuzeki uma etshelwa uyaye adedelwe enze lokho afisa ukukwenza aze abone ngengozi elinyazwa ilento abekhuzwa kuyo. Uma usizwa, uxwayiswa ngento wena uqinisa ikhanda, bayakhuluma abadala uma usushayekile besho lesisaga ukuthi inkani iyabulal.
Abasiki bebunda
Amanga
Amansumpe
Imvelo
Izaga
Izaga ngamagqubu nezinsongo
Izaga ngenkeni
Izaga ngokuphathwa kwabantu
Izaga ngokuphumelela
Izaga ngomendo
Izimvelo
Izinhlwathi
Izinyoka
Izisho
phindisela
Selidumela emansumpeni
Ubisi
UHubhu kaBhejane
Ukufulela
ukukhohlisa
Ukuzidla
Ukuzigqaja
Ukuziqhenya
Utshani
Zinqunywa amakhanda