Izaga ngengozi

  • Ibhizela labulala indlovu – Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
  • Ingwenya idlela emsingeni – Lesi saga sichaza ukuthi ubohlonipha omakhelwane noma umphakathi, ungenzi okubi phambi kwabo. Okubi kwenzelwa le esithe/ekucasheni. Enye incazelo: sisebenza kumuntu oncishanayo odlela esithe ongafuni ukupha abanye. Ikuphi “emsingeni”, emsingeni kulapho ingwenya eyaye ingene khona uma isibambe inyamazane. Iyaye iyithathe ingene nayo ekujuleni kwesiziba la ezofike idle khona kahle ingaphazanyiswa lutho. Leyo ndawo ibizwa ngokuth kusemsingeni.
  • Lixhoshwa libhekile – Iphutha lenzeka noma uqaphele.
  • Ababulali benyathi balala uncwayimbana– Abantu abadelelekile benza izinto ezinkulu
  • Lala lulaza, bazokwengula – Uma wenza into noma kukhona ozifake kukhona kubalulekile ukuthi ube mehlomane uqaphele ngawokhozi impela ngoba uma ungabhekile uzolimala.
  • Ingwenya idla emsingeni – Lesisaga siqaphelisa ngokuthi kubalulekile ukubheka abantu ozwana nabo noma abangabangani bakho ngoba ungathi abangani beqiniso kanti bakuholela ophathe. Abangani esinabo ibona abenza izimpilo zethu zichume kanti futhi ibona abasifakanga ezinkingeni uma singabhekile.
  • Zibanjwa kweziwudlayo – Izinyoni zibanjwa embileni eziwudlayo. Lesisaga sichaza ukuthi umuntu ucushwa ngento ayithandayo njengayo inyoni yona ecushwa nange ngcumane.
  • Ayikhulunyelwa eziko – Abafana abacuphayo emadlelweni bayazi ukuthi uma ucuphile indaba yezinyoni leyo ayikhulunyelwa eziko ngoba bazoke bengabambi noma iphunyuke ogibeni. Lokhu kufana noma umfana ebheje isidleke senyoni efuna ukuyoyicathamela uma isilele, akayithi vu kwabanye abafana ukuthi uzoyicuthela leyo nyoni ayibambe uma botha umlilo ngoba ufika isidleke sesisele sodwa uma eke wenzenjalo. Lesisaga sisho ukuthi uma uwumuntu ufuna ukwenza into enhle engavusela abantu umona ungalinge nje uyiphimise leyonto ngoba abantu bazokonela ngaphambi kokuba ize ifezeke leyonto.
  • Ihlola ladla umniniyo – Uma ungumuntu kubalulekile ukuthi ungaziqhelelisi nabantu. Ukuhlala wedwa uziqhelelanise nabo kuyingozi ngoba kungathi uma kukhona izinto ezikuvelelayo zikufice uwedwa ungakwazi ukusizakala.
  • Ithumbu lishisa umosi – Izinto eziningi ezibukeka zizinhle zinobuthi kuzona. Lesisaga isuselwa ekutheni ithumbu inyama emnandi uma yosiwe kanti inkinga ngalo ukuthi uma like laqhuma eziko losiwo lishisa ngampela uma likuthelile.
  • Indlovu idla abasondezeli – Abantu abahlala eduze kwamakhosi kumele bahlale beqaphele ingozi engahle ibavelele. Lesisaga sifakazela lendaba yokuthi umuntu utholwa nabantu ahambisana nabo kanti nobungozi bukuvelela unabantu ophila nabo isikhathi esiningi.
  • Isukamumva likholw/a izagila – uma kukhulunywa ngesukamuva kusuke kukhulunywa ngenyoni ephelezelwa izagila uma isuke emuva kwezinye zibalekela abazingeli. Lesisaga sisho ukuthi kubalulekile ukusheshe uyibone ingozi futhi uqhele kuyo kusenesikhathi sokuthi uqhele kuyona.
  • Siphundu kawuboni –  Njengoba isiphundu singemuva nje amehlo esebusweni lokho kusho ukuthi akakuboni okungemumva. Lesisaga siqonde ukuthi la kusuke kuxwayiswa umuntu ngezinto azenzayo ezimlimazayo futhi ezinobungozi kepha yena engabuboni ubungozi bazo.
  • Kubulala okudliwayo – Umuntu ulinyazwa ilento ayithanda kakhulu noma eyigugu kuye.
  • Imbaxa kayidelani nomfula ukuhamba yodwa – Lesaga sihambiselana nalesi esithi “Isihlahla asinyelwa”. Lapha kuchazwa ukuthi akusibona ubuhlakani ukuziqhelelanisa nabantu abawusizo empilweni yakho ngoba uzobadinga ngokuhamba kwesikhathi. Ukuthi isihlahla asinyelwa kusho ukuthi ungawenzi umonakalo lapho osizwa khona ngoba uzobuye ulidinge futhi usizo.
  • Wogawula ubheke – Uma utheza ehlathini kumele uqaphele, ukuqaphela lokhu usuke uqaphela izilwane zasendle ezingakwenza isilo sengubo kanye nawo ucelemba noma imbazo osuke ugawula ngazo ukuthi kungakulimazi. Lesaga siqonde ukuthi kukho konke ukwenzayo kuhle ukuthi uqaphe ngawokhozi ukuze ungazitholi usukhala uzithulisa ngento obungayigwema.
  • Kubhajwa eshoshayo – izinto ezenziwa ebumnyameni ziyavela obala, ukuhlwa kuyaphela kuvele ukukhanya bese konke kusakazeka obala kuthi bha sekubheke izwe lokhu. Lesi saga siyisexwayiso kulaba abenza izinto ezingasibona ubunono ukuthi bayogcina bevelile ukuthi benza ukonakala.
  • Kawuwelwa umfula ugcwele – Uma uwumuntu kubalulekile ukubona ingozi futhi uqhele kuyona ngaphambi nje kokuthi ize ikulimaze uzithole usuzisola. Akekho umuntu ongazi ukuthi ingozi yodwa ukuwela umfula ugcwele udla izindwani ngoba phela uzomuka ngenxa yamandla amanzi.
  • Imfene kayihlukani nesiphongo sayo – Lesisaga siveza ukuthi kukancane ukuthi umuntu angeke ashintshe ngoba phela lento kuyena kusuke kuyinsila yakhe angeke ahlukane nayo noma efisa. Noma bekhona abantu abakwazi ukushintsha izindlela zabo kodwa bambalwa kakhulu abaningi abashintshi nhlobo.
  • Isala kutshelwa sibona ngomopho – lesi saga sisho ukuthi uma unqaba ukulalela imiyalo ubona ngoba ususenkingeni.
  • Amanzi azwiwa ngobhoko – Lesisaga sisho ukuthi akumele uvele uhlomeke nje uma kukhona into oyenzayo kepha kumele ucophelele ukuze ukwazi ukubona uma kukhona inkinga phambili. Amanzi lawa okukhulunywa ngawo awomfula noma ichweba la okuthi uma umuntu ezobhukuda khona aqale ezwe ngobhoko ukuthi kushona kangakanani ububanzi bawo. Uma uwumuntu kumele ubheke entweni oyenzayo ngaphambi kokuthi uzinikele kuyo.
  • Isisulu siyakukusula – akukuhle ukuhlala wedwa ngoba kunobungozi bakho. Lokhu kusho ukuthi noma unesimo obhekene naso kuhle ukuthi kube khona okhuluma nabo ukuze uzokwazi ukululekwa ukuthi uqondane kanjani naleso simo usinqobe.
  • Ingwenya idla uhlobo eyake yaludla – Lapha kusuke kukhulunywa nokudibana nesimo owake wadibana naso phambilini. Kuyenzeka ushawe induku eyake yakushaya empilweni.
  • Izinyosi zinobisi – Izinyosi zitinyela ngampela uma zigade amakhekhe azo ngoba ayigugu kuzo futhi anoju lwazo. Nabantu ke banjalo into eyigugu kubona bayivikela ngayo yonke indlela.
  • Inyoka ayishawa isibili ikhanda lingabonwa – Uma ushaya inyoka kubalulekile ukuthi ulibone ikhanda layo ukuthi lingaphi ngoba uma uyishaya emsileni kuphela izobuya ngekhanda ikwenze isilo sengubo. Uma umuntu ebona engathi kukhona okusina kumjeqeza kubalulekile ukuthi ayicibungule kahle leyongozi ayibona imcathamela ngaphandle kokuthi athathe izinto ngamawala. Ubuhlakani kumuntu buqhamuka ekutheni ekwazi ukubona into eyingozi iseza abe nesiqiniseko ngayo ngaphambi kokuthi kube khona isinqumo asithathayo.
  • Umvunisi ubuya nengqobe – Ingqobe izitshalo ezisala uma kade kuvunwa ensimini lezi eziphiwa umuntu okade esiza umnikazi wensimi ngalenkathi kuvunwa izitshalo. Ukuthi umvunisi ubuya nengqobe ke khona kusho ukuthi umuntu ongena izimpi ezingahlangene naye ugcina ngokulimala nalapho engeke esole muntu ngoba phela usuke ezenzile.
  • Ikhahlela abayisengayo – Inkomo uma uyisenga ngokujwayelekile uma isengwa iyaboshwa ukuze ingeke ikhahlele umsengi kanye nethunga lobisi. Uma kuthiwa ikhahlela abayisengayo kukhulunywa ngenkomo kepha isaga sona sisho ukuthi ulimala eduze kwala othanda khona. Uma uwumuntu othanda izindawo zobumnandi ulimalela khona lapho othokoza khona.
  • Inkomo isengwa ngoyaziyo – Kuhle ukuyekela umuntu onolwazi ngento ayenze ngendlela akwazi ukuyenza ngayo ngale kokugxambukela.
  • Kugawulwa owaziwayo – abantu abangosaziwayo bahlale besebungozini ngoba bahlale bephambi kwabantu.
  • AmaJuba ahlala entendeni kwaMthethwa – Abantu abasondelene nawe babuye babe ingozi.
  • Imiphanda ibulawa izakhelani – Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
  • Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze – Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.



Leave a Reply