Izisho ngobunjalo bomuntu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
  • Asilima sindlebende kwayo: Umuntu angaba noma nesici esinjani kodwa kubo uthandiwe.
  • Ukuba yinyoka: Ukuba nobuqili obufihlakele.
  • Ukuthwala ilunda: Ukuzazi.
  • Ukungazibeki phansi: Ukuzazisa.
  • Usifumbu uhleka uqhaqhazela: Umuntu obona ububi bomunye engaboni obakhe.
  • Ukuncelisa umbele ofile: Ukukhohlisa.
  • Ukudla impundu: Ukuba umuntu okhohlwayo. Ukukhohlwa kalula.
  • Ukungabekwa zihlalo: Ukuba nolaka olukhulu.
  • Ukuchitha abantu: Ukuxosha abantu noma ulandule into abayifunayo.
  • Ukuxosha abantu: Ukuxosha abantu noma ulandule into abayifunayo.
  • Ukuba nesandla: Ukuphana.
  • Ukuba isandla: Ukuba usizo.
  • Ukuba nesandla esilula: Ukushesha ushaye noma ukutshontsha.
  • Ukuzidlisa ubuthi nakho: Ukuzilimaza ngento obufisa ukulimaza omunye umuntu ngayo.
  • Ukusenga ezimithi: Ukukhuluma amanga.
  • Ukuthwala ilunda: Ukuzazi.
  • Ukukhunga umntwana: Ukupha umntwana izipho.
  • Ukubopha inja nokhuni: Ukuncishana.
  • Ukubopha inja nogodo: Ukunncishana.
  • Ukusongela inkomo ingakahlatshwa: Ukukhuluma sengathi into seyenzekile.
  • Ukuhosha umongulo: Ukusenga izimfihlo.
  • Ukugodla ubisi: Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
  • Ukubeka iso: Ukugada.
  • Ukubhoboka: Ukuphumela obala ngodaba oluthile. Ukuqala ukhululeke uma ekade ethule.
  • Ukubhoboka kwethumba: Ukuvela obala kwento ekade ifihlwa.
  • Ukuzibuza uziphendula: Ukuzibuza wena ngokwenzakalayo.
  • Ukuzibuza uziphale ulimi: Ukuqinisekisa ngolwazi lwento oyishoyo.

Leave a Reply