- Ukuba nenhliziyo engaphandle: Ukuhaha.
- Ukudukuza oswini: Ukudideka. Ukungabi namqondo.
- Ukugubhazela uthotholwane: Ukujabula kakhulu.
- Isizungu sibulala inkonyane: Ukuba nesizungu kakhulu.
- Ukushaya indiva: Ukunganaki.
- Ukuwotha umbovu: Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele.
- Ukotha umbovu: Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele.
- Akulahlwa mbeleko ngakufelwa: Ukungaphelelwa ithemba nasesimweni esibi.
- Ukubamba izinyembezi ngezinkophe: Ukuzibamba ukukhala.
- Ukubanda esizwini: Ukushaywa uvalo kakhulu.
- Ukubanda amathumbu: Ukushaywa uvalo kakhulu.
- Ukubanda kwamancane: Ukushaywa uvalo kakhulu.
- Ukubulala inhliziyo: Ukuzwisa ubuhlungu.
- Ukubanga umunyu: Ukudabukisa.
- Ukuwudla ubomvu: Ukuthukuthela ngokweqile.
- Ukubamba ongezansi: Ukumangala noma ukuphoxeka.
- Ukwephula umoya: Ukucasula noma ukucanula umuntu. Kufana nokuthi, “ukwephula inhliziyo”.
- Ukubuyisa umqondo: Ukucanangisisa noma ukucabangisisa into ethile.
- Ukubamba uyeke: Ukungazi okufanele ukwenze.
- Ukudla amathambo engqondo: Ukucabanga.
- Ukubamba igama: Ukungakhohlwa.
Izisho ngezimo zomphefumulo
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
