- Ukubukana ngeziqu zamehlo: Ukungezwani noma ukuxabana.
- Ukufaka umunwe esweni: Ukwenza into umuntu angayithandi.
- Ukuba yinkomo edla yodwa: Ukungabi nabantu osondelene nabo.
- Ukungabonani: Ukuzondana.
- Ukungabhekani: Ukuzondana.
- Ukwala ukuhlangana ngamehlo: Ukungafuni ukuhlangana.
- Ukudlana imilala: Ukuncintisana.
- Ukwaliwa isidana: Ukwaliwa wonke umuntu ebuka.
Izisho ngobudlelwano
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
