isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izaga ngokuphumelela

  • Umvundli wembanda akasweli lutho: Umuntu okhuthele akantuli.
  • Akunsimba yazuza ibuzi ngokuhlala: Umuntu ovilaphayo ubulawa indlala.
  • Kubamba ezingelayo – Kuphumelela umuntu ozamayo.
  • Isihlalandawonye sidla amajwabu – Umuntu ovilaphayo uyantula.
  • Akukho nsimba yazuza ibuzi (igundwane lasendle noma ivondwe) ngokulala – Lesi saga sichaza ukuthi ngeke uthole lutho ngokulala noma ngokuhlala nje ungenzi lutho. Kumele uvuke, usukume uyisebenzele into oyifunayo. Impumelelo iyafukuzelwa ayizi nje kalula, kumele kube khona okwenzayo ukuze uphumelele. Insimba ke lesi yisilwane sasendle esibukeka njengekati. Abanye baze bangathekise ngokuthi yikati lomthakathi. Insimba iphila ngokuzingela ukuze ilale idlile, uma ingavukanga yayozingela yalibala ukulala akukho ukudla ezokuthola akekho ongayilethela ukudla. Nanoma ubani ke ozingela impumelelo kumele avuke azibambe ngoba nayo imbila yaswela umsila ngokulayezela.
  • Akuqhude lasindwa umzwezwe – Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
  • Ayikho inkomo yobuthongo – Impumelelo iyasetshenzelwa.
  • Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo – Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
  • Ingwe idla ngamabala – Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
  • Amageja alingene abalimi – Uma sikhuluma ngokuthi amageja alingene abalimi sisuke sisho ukuthi noma ngabe yini lena obhekene nayo amandla akho alingene nayo. Lesaga sicishe sifane nalesi esithi “Akukho Ndlovu yasindwa umboko wayo” okusho khona ukuthi inkinga obhekene nayo ngeke ikwehlule ngoba eyakho kumele ubhekane nayo ngqo!
  • Uyoze ubambe utalagu ngesandla: Kokunye kumele uzibonele wena ukuthi lento ozama ukuyenza ayinanzuzo futhi ayinanqubekela phambili uyiyeke. Lesi saga sisho ukwenza into engenawo umvuzo, into engeke yenzeke.
  • Woze ufike kwa Mgaduli, kwambilamhlophe: Lento oyenzayo angeke yaphumelela.
  • Woqotha ulandele abokuhlakula: Lento oyenzayo ngeke ilunge nanini.
  • Uxamu ubambe idwala: Ukuba nethemba ngento engekho, ubambelele kwizeleze.
  • Ngafika kwaMabuya lapho kudliwa amazele ophoko: Ukuhambela uhambo olude ufike ungakutholi obukufuna lapho, okusho ukuhambela ize.
  • Woqotha uze ufike kwaMtshekula: Kulokhu okwenzayo umosha isikhathi sakho nje ngeke ize iphumelele.
  • Woze ubuye Thekwane ndini: Lana kusuke kushiwo umuntu owenza icala noma one bese eyabaleka emva kwalokho. Okusho ukuthi ubaleka nje uyoze abanjwe.
  • Imamba emnyama kayina kuphuthunyelwa: Ezinye izimo kudinga ukuthi ubeke umoya phansi uma ubhekene nazo ngoba uma uke watatazela ungazithola ususenkingeni ongeke usakwazi ukuyigwema.

Leave a Reply