- Ukudla amabele: Ukuganga. Kusho ukuthi umuntu usaphila. Kuvamise ukushiwo kumuntu osuke esekhulile ngeminyaka.
- Ukudla umhlaba: Ukubaleka.
- Ukuhlala ngomhlane: Ukuvilapha.
- Ukucupha uchuku: Ukwedelela abantu. Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
- Ukuhlinzela ezibini: Ukuthi umuntu esehlulekile uqhubeke umenzele phansi. Ukuphatha umuntu ngesihluku.
- Ukukhwela phezu kwendlu njengenja: Ukwedelela abadala kunawe.
- Ukweqa izinyawo zenkosi: Ukwenza izinto ezingakufanele. Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele.
- Ukushisela uphondo: Ukususa uthuthuva noma umsindo.
- Ukwenza izaba: Usuke usuzama nje kukhona osekwehlulekile noma usuchitha icala.
- Ukuncelisa amawele: Ukuyishaya emuva uyishaye phambili, ukuba yixoki
- Ukusenga inkomo nenkonyane: Ukungabi nasimilo.
- Ukuqhuba intwala ngewisa: Ukwedelela okwendlulele.
- Ukudlela ogageni: Ukuhlala njalo wenza izinto kodwa ungenakho ukuthula.
- Ukuzidlisa satshanyana: Ukuzenza muhle noma samngani kubantu.
- Ukudlela imbumbe odengezini: Ukwenza isenzo esingubuwula.
- Ukudla inguyazane: Ukudla wedwa endaweni esithele.
- Ukungadli lutho olubabayo: Ukungaphuzi utshwala noma ukuphila kahle.
- Ukuwaliwa amabele: Ukungathandwa uphuzo oludakwayo noma ukwehlulwa utshwala.
- Ukupheka inyama ngomhluzi wenye: Ukwenza into uyiphindelela.
- Ukudla ingevu: Ukuxoxa.
- Ukudla imihlathi: Ukwenqaba kodwa ungaphimiseli amazwi.
- Ukubamba umoya: Ukudla kancane, ungasithi.
- Ukubuya ibuya: Ukuphindelela entweni ngenxa yokufuna ukuphumelela.
- Ukubuyisa izinhlonze: Ukuhwaqa ebusweni.
- Ukubuyisa isivalo: Ukuvala kodwa ushiye isikhala.
- Ukubuyisa isicabha / isivalo: Ukuvala kodwa ushiye isikhala.
- Ukubuyisa umnyango: Ukuvala kodwa ushiye isikhala.
- Ukubamba ngesidlova: Ukubamba ngesihluku noma ngolaka.
- Ukubamba ngenduku: Ukushaya.
- Ukubeka isandla: Ukushaya.
- Ukubhula ngenduku: Ukushaya.
- Ukubulala uphila: Ukuzwisa umuntu ubuhlungu obungaphezu kwamandla.
- Ukudla umuntu nezibi: Ukumthethisa kakhulu.
- Ukubulala ngecala: Ukujezisa kakhulu.
- Ukubekelwa amabili: Ukushesha ushaye kungakakhulunywa kakhulu.
- Ukubeka amabala: Ukugxeka.
- Ukubeka isici: Ukugxeka.
- Ukuphehla uthuthuva noma udweshu: Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
- Ukusengela ophondweni: Ukonela umuntu into yakhe.
- Ukusengela umuntu esigujini: Ukulutha ufake enkathazweni.
- Ukubeka icala: Ukwehlulela noma ukumangalela umuntu.
- Ukubamba oqotsheni: Ukufica noma ukuthola umuntu enza okungafanele.
- Ukubiza ijele: Ukwenza into ekuholela ekuboshweni.
- Ukubamba inkunzi: Ukugebenga.
- Ukubulala ngehlaya: Ukuhlekisa. Noma Ukubulala nsini: Ukuhlekisa.
- Ukudlelana amandla: Ukubukela phansi imizamo yabanye abantu.
- Ukuchathazelwa kwelengane: Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
- Ukudla isikhundla: Ukuthatha indawo yomunye umuntu ningavumelananga.
- Ukubuyela: Ukuxolelana.
- Ukuthelelana amanzi: Ukuxolelana.
- Ukubophela ezacile: Ukwenzisa umuntu into ngoba ehlonipha engakwazi ukwenqaba noma umenzisa ngenkani.
Izisho ngokuziphatha kwabantu
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
