- Ukudla udaka: Ukuhlupheka. Kufana nokuthi “Ukufinya ngolimi njengenkomo”.
- Ukufinya ngolimi njengenkomo: Ukwesela kakhulu.
- Ukugxaza amanzi njengencuba: Ukuhlupheka.
- Ukuhloba kobisi: Ukuvuthwa kobisi.
- Ukuhudula izikhumba: Ukuhona.
- Ukuba mtshingo ubethwa ngubani: Ukuba intandane.
- Undingasithebeni: Umuntu ongenayo indawo yokuhlala.
- Ukuzalela phansi: Ukushonelwa abantwana.
- Ukushaya amanzi: Kusuke kukhona okungahambi kahle, bese kuthiwa kukhona okushaya amanzi.
- Ukubangwa nezibi: Ukugula kakhulu.
- Ukubangwa nethuna: Ukugula kakhulu.
- Ukubangwa necansi: Ukugula kakhulu.
- Ukubona ngokusa: Ukugula kakhulu.
- Ukwaliwa ukudla: Ukuguliswa ukudla.
- Ukuchitheka kwenyongo: Ukuchithekelwa inyongo, kusho ukuba nomkhuhlane osuke ungawelapha ngokuchatha.
- Ukubulala ngephunga: Ukunuka kabi.
- Ukuficwa ubanda: Ukutholakala ushonile.
- Ukudla amabele: Kusho ukuthi umuntu usaphila. Kuvamise ukushiwo kumuntu osuke esekhulile ngeminyaka.
- Ukwaliwa unyaka: Ukuthi izinto zingakuhambeli kahle onyakeni.
- Ukudla ezamahole: Ukuzibizela ukuhlupheka.
- Ukudla imbuya ngothi: Ukuhlupheka momma ukweswela.
Izisho ngesimo zempilo
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
