Izaga ngokukhulisa abantwana

  • Inkunzi isematholeni – Kusho ukuthi abantu abazoba ngabaholi bakusasa ibona laba abasengabantwana. Abaholi bakusasa izingane. Ingakho kusemqoka kakhulu ukubakhulisa kahle.
  • Libunjwa liseva – Kusho ukwenza into kusenesikhathi.
  • Ingwenya idlela emsingeni – Emsingeni ila ingwenya ibeka khona ukudla kwayo, ithi uma isilambile ishone khona iyodla. Lesi saga sichaza ukuthi hlonipha indawo kanye nabantu ohleli nabo, ngoba uzophinde udinge bona uma usufuna usizo.  Hlonipha omakhelwane kanye nomphakathi wakho. Ungabokwenza izenzo ezimbi noma izinto ezithe phecelezi phambukwabo.
  • Inkonyane yomgakla yeqa lapho kweqe khona unina – Umgankla inyamazane yasendle etholakala kakhulu eziqiwini. Uma izele inkonyane, inkonyane layo lihamba la unina akasuke ehambe khona limulandela. Lana ke sichaza ukuthi ingane ibuka ukuhamba kukamzali wayo, bese ilandela ngemuva. Uma umzali enza kahle futhi eqotho, kulula nengane ilandele yena futhi.
  • Imamba iyazichobozela amaqanda ayo – Uma ungumzali uyazikhulisela abantwana bakho.
  • Zibanjwa zisemaphuphu – Kukancane impela ubambe inyoni ngesandla uma isikwazi ukundiza kepha kulula ukubamba iphuphu layo. Uma sikhuluma ngokuthi zibanjwa zisemaphuphu sikhuluma ngendaba yokuthi umzali kumele ayinqande isencane ingane uma iphuma endleleni. Kufanele ingane usheshe uyifundise isancane, uyikhulise ngendlela ukuze izokwazi ukuba umholi oqotho kusasa.
  • Umbala uchacha enkonyaneni – Izenzo nezeluleko zabazali nendlela abazali abakhulise ngayo abantwana babo ukubona kubo abantwana. Ngamanye amagama imiphumela ivela noma iziveza ebantwaneni. Umntwana uyavela ukuthi uphuma ekhaya elinjani.
  • Ithole likhula namafutha alo – Ingane ithi uma ikhula indlela izinto ezenza ngayo, indlela yokuziphatha noma ngabe iziphatha kahle noma kambi kodwa lokho ikhula nakho.
  • Inzimakazi izala ilungakazi – Kuyenzeka umzali abusiswe ngabantwana kepha uthole ukuthi labo abantwana abazange bamufuza umzali wabo ngezenzo.
  • Inkovu iphuma ethangeni – Kumayelana nofuzo. Umntwana ufuza umzali wakhe ngokuvamile.
  • Umthente uhlaba usamila – Ikhono, ithalente noma isimilo somntwana silokhu sivela nje ngesikhathi esamncane ekhula.
  • Ugotshwa usemanzi – Kusho ukuthi khulisa ingane kahle isancane ikhule ngazo izimfundiso ngoba kuyoba lukhuni uma ngabe isikhulile ukuthi ukwazi ukuyifundisa.
  • Inyoni ishayelwa abakhulu – Ingane kumele ibazise abazali bayo, ibalekelele kukho konke, uma kukhona ekutholayo ikubonise abazali bayo. Impumelelo yomntwana abazali bayaziqhenya kakhulu ngayo.
  • Nginje nje mntanethu ngoniwa yinkunzi – Uma intombi ikhulelwe isuke ingazonanga yona kepha yoniwe yijongosi lakomunye umuzi. Lana kusuke kukhala umuntu osewehlelwe isimo esithile, ekhala ngokuthi akazenzanga noma akenzanga ngamabomu kepha kube isimo esimehlele.
  • UMthatha uzala umlotha – Umthatha isihlahla esikhulu okuthi uma sesishile bese siba umlotha waseziko. Lokhu kusho ukuthi kuyenzeka ingane iphume esandleni ingamfuzi umzali wayo ngezenzo zayo. Lokhu yingakho kwesinye isikhathi ugcina uzwa umzali ekhala ngokuthi, “Angizalanga ngabola amathumbu” – umzali esuke ekhala ngobuhlongandlebe bengane yakhe. Ngamafuphi nje kuyenzeka ingane ingabafuzi abazali bayo.
  • Umfundisi akamzali umfundisi – Umzali kuyenzeka azale ingane engayeli nhlobo nje ngakuye. Ngokujwayelekile ingane ezalwa ngumfundisi akujwayele ukuthi ibe ingane ezokhula ngenqubomgomo yenkolo.
  • Isixhumo sifuza empunzini – Izenzo zengane izithathela noma izibonela kumama wayo.
  • Inkonyane lifuza unina – Umntwana ufuza umama amzalayo ngezenzo, ngamanye amagama umntwana ubonela kumama wakhe. 
  • Ukuzala ukuzelula amathambo – Abazali basuke bejabula ngesenzo sendodakazi noma indodana yabo sokusiza ngokuthile noma ephumelele bemjabulela. 
  • Inkomo ikhula namafutha ayo – Ingane ikhula nezenzo zayo noma nobuyona uma ikhula. Kungaba okuhle noma kube okubi. 
  • Imbuzi ilele phezu kwezinyane – Umzali usuke eqondisa igwegwe enganeni yakhe eyivikela ezenzweni zayo ezingezinhle ezingaba ingozi nakuyo.
  • Umsenge ugotshwa usemanzi – Umsenge isihlahla esihlabayo uma sesikhulile, sigotshwa sisemanzi ngoba kwenzela ukuthi singadliwa izimbuzi. Lana sichaza ukuthi ingane kuhle ukuthi ifundiswe isencane ngoba kuzobanzima ukuyifundisa uma ngabe isindala. 
  • Ukhamba lufuze imbiza – Ukhamba olokufaka utshwala uma kugayiwe ekhaya, bese kuthi imbiza yona enkulu iyona okuphekwa ngayo uma kuphekwa bona utshwala lobo obuzophuzwa. Ukuthi ukhamba lufuze imbiza kususelwa ekutheni uma kwakhiwa ukhamba lwakhiwa lufane ncamashi nembiza. Nakubona abantwana ekhaya uma kuthiwa ukhamba lufuze imbiza, kusuke kukhulunywa ngokuthi ingane ifuze abazali bayo. Lokhu kusho ukuthi abazali banomsebenzi omkhulu wokuthi bakhulise izingane zabo ngendlela ngoba zigcina ziyisibuko esibhekisa kubona abazali. Isikihathi esiningi ingane ifuza ingamushiyi umzali wayo ngezenzo noma ngokufana nangomzimba.
  • Indlela ibuzwa kwabaphambili – Ukuze wazi ubheke kuphi kubalulekile ukuthi umntwana abuze kulaba abadala ukuze acaciseleke. Lesi saga sisebenza kaningi ngoba noma sikhuluma ngabantu abadala uma nje ungakaze uyihambe leyondlela noma uyenze into ethile kubalulekile ukuthi uyibuze kulabo asebeyenzile ukuthi yenzeka kanjani.

Leave a Reply