Izaga ngokuzimela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zisho ukuthini izaga ngokuzimela?

Uzibonakalisa ngamabala amahle – Indlela oziveza ngayo kubantu, okungabalwa nokuziphatha ngobuntu yikhona okukwenzela ugazi kubantu, kanti futhi yikhona okungakwenza uzuze okuhle. Ukuzigeza, nokwenza konke okuhle emzimbeni wakho nakubantu, yiwona amabala okuthandeka lawo okukwenza izinto zikuhambele kahle ukwazi nokusizwa.

Umpheki udla intuthuLesi saga sihambiselana nalesi esithi ‘isikhuthali sidla ukukhuthala’, zombili lezi zaga zisho ukuthi umuntu osuke esebenza kakhulu ephekela abantu uma kuwumcimbi ugcina engadlanga yena. Kufana nomuntu owosela abantu inyama ugcina ngokuyibuka ethuke isiphelile eziko ukuthi wosela abantu nje yena uyasala. Isifundo lana esokuthi noma ngabe unesihe esingakanani kubantu kodwa ungazikhohlwa wena nezidingo zakho.

Indoda idla izithukuthuku zayo – Umuntu uvuna akakutshalile. Lesi saga sichaza khona ukuthi kumele azisebenzele ukuze azozuza akufisayo.

Leave a Reply