Izisho

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Lezi zisho ziyigxube, zifaka lonke uhlobo lwezisho ezingamagama azifani nalezo ezihlukaniseke ngamagama noma ngeziqu zamagama.

Izisho nezincazelo

  • Asilima sindlebende kwayo – Umuntu noma angaba nesici esinjani kodwa kubo uthandiwe
  • Indangabane – Ukukhula
  • Ukotha umbovu – Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele, uzibambe uzame nokufihla ukudinwa
  • Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
  • Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
  • Ukuba mtshingo ubethwa ngubani – Ukuba intandane.
  • Ukuba nenhliziyo engaphandle – Ukuhaha.
  • Ukuba nkomo – Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.
  • Ukuba yinyoka – Ukuba nobuqili obufihlakele.
  • Ukubamba isisila sehobhe – Ukuthembela entweni engenampumelelo.
  • Ukubeka icala – Ukumangalela umuntu.
  • Ukubeka inkunzi – Ukuphawula inkunzi.
  • Ukubhodlela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.
  • Ukubhongela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.
  • Ukubophela amanqina enyathi – Ukwakhela uzungu.
  • Ukubukana ngeziqu zamehlo – Ukungezwani.
  • Ukubulala inyoka – Izinto noma abantu abaningi.
  • Ukubuya inhlazane – Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
  • Ukubuya nembande yesikhova – Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.
  • Ukucela induku – Ukwedelela okudala impi.
  • Ukuchathazelwa kwelengane – Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
  • Ukuchitha kwenkabi – Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
  • Ukuchunywa imfuyo – Ukwandelwa imfuyo.
  • Ukucupha uchuku – Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
  • Ukudla impundu – Ukuba umuntu okhohlwayo.
  • Ukudla ubhedu – Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.

  • Ukudukuza oswini – Ukungabi namqondo, udidekile.
  • Ukufaka kwenkomo – Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
  • Ukufaka Umunwe esweni – Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
  • Ukufinya ngolimi njengenkomo – Ukuhlupheka, ukwesela kakhulu
  • Ukugaqela eziko njengengane – Ukuzisondeza engozini.
  • Ukugeza amehlo – Ukubuka ngokujula into enhle
  • Ukugodla ubisi – Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
  • Ukugubhazela uthotholwane – Ukujabula kakhulu
  • Ukuguda inkomo – Ukusenga inkomo engasenankonyane.
  • Ukugxaza amanzi njengencuba – Ukuhlupheka, ukuba mpofu.
  • Ukuhamba ulifake isiphandla – Ukuhamba ufuna into ethile eyigugu
  • Ukuhlaba usentu – Ukuqhwitha umhlabathi.
  • Ukuhlahla inhloko – Ukuklabela ukhanda lwenkomo.
  • Ukuhlala phezu kwezikhali – Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.
  • Ukuhlamba imikhonto – Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
  • Ukuhlinzela ezibini – Ukuphatha umuntu ngesihluku
  • Ukuhloba kobisi – Ukuvuthwa kobisi.
  • Ukuhosha umongulo – Ukusenga izimfihlo.
  • Ukujikela eshobeni – Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
  • Ukukhipha inhlazane – Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
  • Ukukhiphela inkonyane – Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.
  • Ukukhunga umntwana – Ukupha umntwana izipho.
  • Ukukhwela phezu kwendlu njengenja – Ukwedelela abadala kunawe.
  • Ukulala ngenkomo – Ukuzivikela.
  • Ukulala ngophondo – Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
  • Ukulandela amabheka – Ukufuza ekhabonina.
  • Ukuma ngenkomo – Ukuma ubambelele ehawini.
  • Ukumisa amanhlakomuzi – Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
  • Ukuncelisa amawele – Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.

  • Ukuncelisa umbele ofile – Ukukhohlisa.
  • Ukungabuzi elangeni – Ukuhluleka ukuhlaziya noma ukugwema ingozi
  • Ukunyathela ngabantwana – Ukuba nezitho ezinhle.
  • Ukuphehla uzuthu – Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
  • Ukupheka inyama ngomhluzi wenye – Ukuhlaba njalo.
  • Ukuphonsa kwenkunzi – Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
  • Ukuphuma amathambo – Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
  • Ukuqhuba intwala ngewisa – Ukwedelela.
  • Ukuqhuma abathakathi – Ukuvela kwamazinyo enganeni.
  • Ukusenga inkomo nenkonyane – Ukungabi nasimilo.
  • Ukusenga ezimithi – Ukukhuluma amanga.
  • Ukusengela ophondweni – Ukonela umuntu into yakhe.
  • Ukusengela umuntu esigujini – Ukulutha ufake enkathazweni.
  • Ukushaya utshani – Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.
  • Ukusongela inkomo ingakahlatshwa – Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.
  • Ukuthola isisuUkukhulelwa.
  • Ukuthola umntwanaUkubeletha.
  • Ukuthwala ilunda – Ukuzazi
  • Ukuzalela phansi – Ukushonelwa abantwana.
  • Ukuzichoma kumalunda – Ukuzithintela, uzithele enkingeni.
  • Ukuzizala – Ukuzala umntwana ofana nawe.
  • Ukweqa izinyawo zenkosi – Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.
  • Ukweqela inkomo – Ukuvimba inkomo uyikhalime.
  • Undingasithebeni – Umuntu ongenayo indawo yokuhlala
  • Usifumbu uhleka uqhaqhazela – Umuntu obona ububi bomunye ehluleka ukuhlaziya obakhe.
  • Ithuna lendoda lisendleleni – Lesi sisho sizichaza sona nje, emandulo bekuliwa kakhulu izimpi. Othola ukuthi bekuhanjwa amabanga amade lapho kuyohlaselwa khona. Uma ke isuke isibambene ngezihluthu, ezinye izinsizwa zigcine ziphangalala khona lapho empini zingekho emakubo. Lesi sisho sisho khona ukuthi ithuna lendoda lisendleleni njengoba phela ingaya koyise mkhulu bayo isokhalweni noma endleleni ebheke empini noma kubo.
  • Isizungu sabulala inkonyane njengakwaMasuku – Insuka yalesisho esasemandula la okuthiwa khona kwakukona umuzi wakwaMasuku owawusiselwe inkomazi eyayizele inenkonyane elincane kanti leyo Nkomazi zizowushaya kuyo ishiye ithole ngemuva lingena nina. Kuthiwa lahlala ke lodwa lelinkonyane lingenanina okwathi ngokuhamba ngesikhathi babona abakhona kuloyo muzi ukuthi ngathi lelithole linesizungwana base beqhamuka nombono wokuthi lisiselwe emzini onezinkomo, kanti ke ababuzanga elangeni kwasa ngakusasa selidindilizile selifile lelo nkonyane. Ngokuthi ke akwaziwa ukuthi leli nkonyane libulawe yini kwabe sekuphuma isaga esisho khona ukuthi “isizungu sabulala inkonyane kwaMasuku”. Kanti ke sichaza ukuthi akukuhle neze ukuhlala wedwa ngoba kukhona okubi okungakwehlela uwedwa.
  • Ukubonga ungcongcoze – Le sisho naso siyazichaza, phela lana ilona osuke enzelwe okuhle noma umusa osuke ebonga imphatho leyo enhle akaphathwe ngayo noma isihe akenzelwe sona.
  • Ukwenza izaba – Izaba zichaza ubala noma into engekho, le sisho sona sichaza ukuthu umuntu okuthi uma kumele enze into ethile angizinikeli ekwenzeni lento akayenzayo kepha enzele nje. Usuke enza izaba phela ngoba usuke eselahlela enzela ukuthi kuthiwe ukwenzile obekumele kanti lutho ubezithela ngabandayo nje.
  • Ukudla udaka – Ukuhlupheka. Kufana nokuthi: “Ukugxaza amanzi njengencuba”
  • Ukuhudula izikhumba – Ukuhona.
  • Ukushisela uphondo – Ukususa uthuthuva noma umsindo.
  • Ukuba mtshingo ubethwa ngubani – Ukuba intantindili.
  • Undingasithebeni – Umuntu ongenayo indawo yokuhlala.
  • Ukuzalela phansi – Ukushonelwa abantwana.
  • Ukuba nenhliziyo engaphandle – Ukuhaha noma ukufinya ukudla noma ukuba nayo yonke into oyibonayo.
  • Ukudukuza oswini -Ukudideka.
  • Ukugubhazela uthotholwane – Ukujabula kakhulu.
  • Isizungu sibulala inkonyane – Ukuba nesizungu kakhulu.
  • Ukushaya indiva – Ukunganaki.
  • Ukuwotha umbovu – Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele.
  • Okushaya amanzi – Kusuke kukhona okungahambi kahle, bese kuthiwa kukhona okushaya amanzi.
  • Ukubulala inyoka – Abantu abaningi.
  • Ukuchitha kwenkabi – Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
  • Ukucupha uchuku – Ukwedelela abantu.
  • Ukuhlaba usentu – Ukuqhwitha umhlabathi.
  • Ukuhlinzela ezibini – Ukuthi umuntu esehlulekile uqhubeke umenzele phansi.
  • Ukukhwela phezu kwendlu njengenja – Ukwedelela abadala
  • Ukumisa amanhlakomuzi – Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
  • Ukwenza izaba – Usuke usuzama nje kukhona osekwenziwe kwehluleka.
  • Ukuqhuba intwala ngewisa – Ukwedelela okwendlulele.
  • Ukweqa izinyawo zenkosi – Ukwenza izinto ezingakufanele.
  • Ukuba yinyoka – Ukuba nobuqili obufihlakele.
  • Ukuthwala ilunda – Ukuzazi.
  • Ukubukana ngeziqu zamehlo – Ukungezwani/Ukuxabana.
  • Ukufaka umunwe esweni – Ukwenza into umuntu angayithandi, ukuchukuluza umuntu.
  • Ukulandela amabheka – Ukufuza ekhakonina.
  • Ukuncelisa amawele – Ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa.
  • Ukuzizala – Ukuzala umntwana ofana nawe noma ukuzisiza.
  • Ukubamba isisila sehobhe – Ukuthembela entweni engenampumelelo.
  • Ukubeka inkunzi – Ukukhetha umuntu ozoba ngumholi wakusasa.
  • Ukubuya nempande yesikhova – Ukuba neshwa.
  • Ukuchunywa imfuyo – Ukwandelwa imfuyo.
  • Ukudla ubhedu – Ukuba ingqwele.
  • Uhlanga luwe ngendlela – Ukwenzeka kwento ebivele ihlosiwe .
  • Ukubhonga emswaneni – Ukuyokhala ngemuva kokuba kukhona osendlulile emhlabeni.
  • Ukubonga ungcongcoze – Ukubonga kakhulu.
  • Ukuphonsa kwenkunzi – Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
  • Ukusenga ezimithi – Ukukhuluma amanga.
  • Ukusongela inkomo ingakahlatshwa – Ukukhuluma sengathi into seyenzekile.
  • Ukubuya inhlazane – Ukubuya kwezinkomo emini zizosengwa.
  • Ukukhipha inhlazane – Ukuvulela izinkomo emini yase kuseni.
  • Ukuphuma amathambo – Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
  • Ukuqhuma abathakathi – Ukuvela kwamazinyo enganeni Ukuqhumisa kwengane
  • Ukuba yinkomo edla yodwa – Ukungabi nabantu osondelene nabo. 
  • Uma kuthiwa umuntu uyinkomo kwezemidlalo – usuke ungakwazi ukudlala ibhola.
  • Ukuhlala phezu kwezikhali – Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka.
  • Ukulala ngenkomo – Ukuzivikela noma ukuvilapha.
  • Ukulala ngophondo – Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
  • Ukuma ngenkomo – Uma umuntu ethi usemi ngenkomo usuke esho ukuthi usekulungele lokho okusuke kufanele kwenzeke.
  • Ukudla impundu – Ukuba umuntu okhohlwayo.
  • Ukuncelisa umbele ofile – Ukukhohlisa.
  • Ithuna lendoda lisendleleni – Ukungazi ukuthi uzofela kuphi.
  • Ukugaqela eziko njengengane – Ukuzisondeza engozi.
  • Ukujikela eshobeni – Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
  • Ukuzichoma kumalunda – Ukuzifaka enkingeni.
  • Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – Ukungaphelwa.
  • Ukufaka kwenkomo – Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
  • Ukugodla ubisi – Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
  • Ukuguda inkomo – Ukusenga inkomo engasenankonyane.
  • Ukuhlukanisa  inhloko nesixhanti – Ukwenaba uchaze into ethile ngendlela ezwakalayo nenelisayo.
  • Ukuhlamba imikhonto – Ukuhlaba izinkomo ngemuva kwempi.
  • Ukukhiphela inkonyane – Ukukhipha inkonyane enkomeni efile . Kuyenziwa uma inkomo ihluleka ukuzalela.

Leave a Reply