Izisho

Ngaphambilini sike sasika elijikayo ngezisho, siveza ukuthi izaga ziwubuciko ekukhulumeni ulimi lwesiZulu. Izisho zinothisa ziphinde zikunandise ulimi. Yandisa ulwazi lwakho wezisho ngacosha kulezi:

  • Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – Kusho ukungaphelelwa ithemba nasesimweni esibi
  • Asilima sindlebende kwayo – Umuntu noma angaba nesici esinjani kodwa kubo uthandiwe
  • Indangabane – Ukukhula
  • Isizungu sibulala inkonyane – Ukuba nesizungu kakhulu
  • Uhlanga luwe ngendlela – Ukwenzeka kwento ebivele ihlosiwe
  • Ukotha umbovu – Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele, uzibambe uzame nokufihla ukudinwa
  • Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
  • Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
  • Ukuba mtshingo ubethwa ngubani – Ukuba intandane.
  • Ukuba nenhliziyo engaphandle – Ukuhaha.
  • Ukuba nkomo – Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.
  • Ukuba yinyoka – Ukuba nobuqili obufihlakele.
  • Ukubamba isisila sehobhe – Ukuthembela entweni engenampumelelo.
  • Ukubeka icala – Ukumangalela umuntu.
  • Ukubeka inkunzi – Ukuphawula inkunzi.
  • Ukubhodlela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.
  • Ukubhongela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.
  • Ukubophela amanqina enyathi – Ukwakhela uzungu.
  • Ukubukana ngeziqu zamehlo – Ukungezwani.
  • Ukubulala inyoka – Izinto noma abantu abaningi.
  • Ukubuya inhlazane – Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
  • Ukubuya nembande yesikhova – Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.
  • Ukucela induku – Ukwedelela okudala impi.
  • Ukuchathazelwa kwelengane – Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
  • Ukuchitha kwenkabi – Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
  • Ukuchunywa imfuyo – Ukwandelwa imfuyo.
  • Ukucupha uchuku – Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
  • Ukudla impundu – Ukuba umuntu okhohlwayo.
  • Ukudla ubhedu – Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.
  • Ukudla udaka – Ukuhlupheka.
  • Ukudukuza oswini – Ukungabi namqondo, udidekile.
  • Ukufaka kwenkomo – Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
  • Ukufaka Umunwe esweni – Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
  • Ukufinya ngolimi njengenkomo – Ukuhlupheka.
  • Ukugaqela eziko njengengane – Ukuzisondeza engozini.
  • Ukugeza amehlo – Ukubuka ngokujula into enhle
  • Ukugodla ubisi – Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
  • Ukugubhazela uthotholwane – Ukujabula kakhulu
  • Ukuguda inkomo – Ukusenga inkomo engasenankonyane.
  • Ukugxaza amanzi njengencuba – Ukuhlupheka, ukuba mpofu.
  • Ukuhamba ulifake isiphandla – Ukuhamba ufuna into ethile eyigugu
  • Ukuhlaba usentu – Ukuqhwitha umhlabathi.
  • Ukuhlahla inhloko – Ukuklabela ukhanda lwenkomo.
  • Ukuhlala phezu kwezikhali – Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.
  • Ukuhlamba imikhonto – Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
  • Ukuhlinzela ezibini – Ukuphatha umuntu ngesihluku
  • Ukuhloba kobisi – Ukuvuthwa kobisi.
  • Ukuhosha umongulo – Ukusenga izimfihlo.
  • Ukuhudula izikhumba – Ukuhona
  • Ukujikela eshobeni – Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
  • Ukukhipha inhlazane – Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
  • Ukukhiphela inkonyane – Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.
  • Ukukhunga umntwana – Ukupha umntwana izipho.
  • Ukukhwela phezu kwendlu njengenja – Ukwedelela abadala kunawe.
  • Ukulala ngenkomo – Ukuzivikela.
  • Ukulala ngophondo – Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
  • Ukulandela amabheka – Ukufuza ekhabonina.
  • Ukuma ngenkomo – Ukuma ubambelele ehawini.
  • Ukumisa amanhlakomuzi – Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
  • Ukuncelisa amawele – Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.
  • Ukuncelisa umbele ofile – Ukukhohlisa.
  • Ukungabuzi elangeni – Ukuhluleka ukuhlaziya noma ukugwema ingozi
  • Ukunyathela ngabantwana – Ukuba nezitho ezinhle.
  • Ukuphehla uzuthu – Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
  • Ukupheka inyama ngomhluzi wenye – Ukuhlaba njalo.
  • Ukuphonsa kwenkunzi – Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
  • Ukuphuma amathambo – Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
  • Ukuqhuba intwala ngewisa – Ukwedelela.
  • Ukuqhuma abathakathi – Ukuvela kwamazinyo enganeni.
  • Ukusenga inkomo nenkonyane – Ukungabi nasimilo.
  • Ukusenga ezimithi – Ukukhuluma amanga.
  • Ukusengela ophondweni – Ukonela umuntu into yakhe.
  • Ukusengela umuntu esigujini – Ukulutha ufake enkathazweni.
  • Ukushaya utshani – Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.
  • Ukushisela uphondo – Ukususa uthuthuva.
  • Ukusongela inkomo ingakahlatshwa – Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.
  • Ukuthola isisuUkukhulelwa.
  • Ukuthola umntwanaUkubeletha.
  • Ukuthwala ilunda – Ukuzazi
  • Ukuzalela phansi – Ukushonelwa abantwana.
  • Ukuzichoma kumalunda – Ukuzithintela, uzithele enkingeni.
  • Ukuzizala – Ukuzala umntwana ofana nawe.
  • Ukweqa izinyawo zenkosi – Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.
  • Ukweqela inkomo – Ukuvimba inkomo uyikhalime.
  • Undingasithebeni – Umuntu ongenayo indawo yokuhlala
  • Usifumbu uhleka uqhaqhazela – Umuntu obona ububi bomunye ehluleka ukuhlaziya obakhe.
  • Ithuna lendoda lisendleleni – Lesi sisho sizichaza sona nje, emandulo bekuliwa kakhulu izimpi. Othola ukuthi bekuhanjwa amabanga amade lapho kuyohlaselwa khona. Uma ke isuke isibambene ngezihluthu, ezinye izinsizwa zigcine ziphangalala khona lapho empini zingekho emakubo. Lesi sisho sisho khona ukuthi ithuna lendoda lisendleleni njengoba phela ingaya koyise mkhulu bayo isokhalweni noma endleleni ebheke empini noma kubo.
  • Isizungu sabulala inkonyane njengakwaMasuku – Insuka yalesisho esasemandula la okuthiwa khona kwakukona umuzi wakwaMasuku owawusiselwe inkomazi eyayizele inenkonyane elincane kanti leyo Nkomazi zizowushaya kuyo ishiye ithole ngemuva lingena nina. Kuthiwa lahlala ke lodwa lelinkonyane lingenanina okwathi ngokuhamba ngesikhathi babona abakhona kuloyo muzi ukuthi ngathi lelithole linesizungwana base beqhamuka nombono wokuthi lisiselwe emzini onezinkomo, kanti ke ababuzanga elangeni kwasa ngakusasa selidindilizile selifile lelo nkonyane. Ngokuthi ke akwaziwa ukuthi leli nkonyane libulawe yini kwabe sekuphuma isaga esisho khona ukuthi “isizungu sabulala inkonyane kwaMasuku”. Kanti ke sichaza ukuthi akukuhle neze ukuhlala wedwa ngoba kukhona okubi okungakwehlela uwedwa.
  • Ukubonga ungcongcoze – Le sisho naso siyazichaza, phela lana ilona osuke enzelwe okuhle noma umusa osuke ebonga imphatho leyo enhle akaphathwe ngayo noma isihe akenzelwe sona.
  • Ukwenza izaba – Izaba zichaza ubala noma into engekho, le sisho sona sichaza ukuthu umuntu okuthi uma kumele enze into ethile angizinikeli ekwenzeni lento akayenzayo kepha enzele nje. Usuke enza izaba phela ngoba usuke eselahlela enzela ukuthi kuthiwe ukwenzile obekumele kanti lutho ubezithela ngabandayo nje.

86 thoughts on “Izisho”

  1. Kubizwa ngani ukukhuluma iqiniso. Ukusho into eyiyo ngqo, ube ukade uziqegelela noma uzikhulumela njeeee.

    Reply
  2. Izosho zamalagama
    Ukuwa ngedolo
    Ukubamba ithambo
    Ukuba uzinyo bulala
    Ukuzula umuntu
    Ukushaya esentwala
    Ukubuza ibhasi libhaliwe
    Ukuba uhubhu kabhejane
    Ukususa amahloni
    Ukuba nyamambana
    Ukudla izindwani

    Reply
  3. sacela ukubuza ukuthi zichaza ukuthini lezizaga:
    ukuwa kwendlu ukuvuka kwenye
    isihlahla kasoniwa
    kusinwa kudedelwane
    ukwesutha kwakhumbuza uNoshinga ukuthakatha

    Reply
  4. Sanibonani bakwethu. Ngicela ningisize ngezisho ezibukela abesifazane phansi. Ngiyabonga

    Reply
    • Ukujabulisa noma ukujabulela omunye umuntu entweni ayenzile, isibonelo “Ngiyakuhalalisela ngemonto yakho oyithengile.”

      Reply
  5. please help

    Sebenzisa Amantshontsho noma Inqolobane Yesizwe ukuthola ukuthi zisho ukuthini
    lezi zisho ezilandelayo: {10}
    a. Ukuhluba udlubu ekhasini
    b. Ukukha phezulu
    c. Izinyo elibulalayo
    d. NgangoZulu ebuthene eMlambongwenya
    e. Ukuzwa ngosibhincamakhasana

    Reply
    • Ngiyabona ukuthi usulibhekile ikhasi lethu lezisho, leli: https://iafrika.org/izisho/ Uma lezi ozifunayo zingekho kuloluhlu, ingani phela uyazazi izincwadi ongathola kuzo usizo, uyazibalula wena uqobo – hamba phela uyobheka kulezozincwadi ngoba vele usuyazazi yiziphi. Sikufisela inhlanhla!

      Reply

Leave a Reply