Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.
- Uma uphupha ulwa nomnakwenu noma ekudunusela: Lokhu kuchaza ukuthi usuke ekade ekufaka isichitho futhi ekudlula endodeni ngaso usichitho. Kodwa uma usuphupha umshaya uze umhlule usuke usumhlulile kuyona yonke imikhuba yakhe emibi. Naleyonto akade ekusebenzisela yona isuke ingeke isasebenza.
- Uma uphupha ulwa nomuntu akuhlule, uma ungowesilisa uhlulwa ngumuntu wesifazane noma owesifazane uhlulwa ngumuntu wesilisa: Usuke ulwa nesilwane, isilwane asifani ubulili baso nesalowomuntu esithunywe kuye. Kodwa uma usuphupha umhlula lowomuntu usuke usumnqobile. Abanye abantu babanenhlanhla yokubona ukuthi isilwane esithunyiwe ngoba siyazishintsha njengokuthi uma usishaya ephusheni kungumuntu ongamazi uma umhlula uyashintsha azenze ingane yakho noma umuntu wakini uma uqhubeka usishaya sigcina sesiyisilwane. Uma usishaye size sife usuke usunqobile ngeke siphinde sikuhluphe. Lamaphupho uyakwazi ukuwaqeda ngokusebenza imithi yesintu noma umkhuleko uma ungumuntu okholelwa emthandazweni.
- Uma uphupha kwakhiwa indlu ngokushesha ubone isiphelile bese uthatha ithuluzi ekade kwakhiwa ngalo uyibhidlize leyondlu: Usuke unqobe isifo noma into embi ebizovela emndenini wakho noma kuwena uqobo. Indlu uma uyiphupha iphelile noma yakhiwa ngokushesha kusuke kukhona umuntu ozoshona. Kodwa uma uyibhidlizile ngeke kusenzeka.
- Uma uphupha kukhona izinto zakho ezilahlekayo uthi uyazibheka awuzitholi. Noma uphucwe into osuke uyiphethe ngesandla. Kwesinye isikhathi uphuphe uthi uphethe amacici amabili lilahleke elilodwa okunye izinkinobho zengubo oyigqokile zilahleke ungazitholi. Kuthi ekugcineni uphuphe uzithola noma kukhona izwi elithi nazi izinto noma izimpahla zakho lokho kusho ukuthi usukunqobile okubi noma lowo obefuna ukuthatha izinhlanhla zakho.
- Uma uphupha umuntu okwenza izinto ezimbi noma ekushalazela angahlangani amehlo akho nawakhe futhi esendaweni emnyama. Kokunye akhulume akutshele okubi abefuna ukukwenza nesizathu salokho. Lomuntu aze akutshele ukuthi amandla ayamphelela ngoba izinto zakhe azisebenzi. Usuke engeke esakwenza lutho namandla akhe asuke esephelile. Ngesinye isikhathi usuke lowomuntu eqinile futhi izangoma ziyamtshela ukuthi idlozi lakubo limvikele.
Anonymous
Sani bonanani
Ngi cela ucedo ngamaphupho ami
1 ngi phuphe ngi sendlini yami ngi mile nabantwana bami omdala umfana una 14 omncane intombazana una 6 si bhekane ne bhubesi enflini kodwa lelo bhubesi linga si limaxi noma kusi thusa .
Si sabheke njalo kwangena i tiger yone i thukuthele i sondela kuthi
Ngabalekisa intombazana lomncane , uma ngi buyela kuyo landa umfana ngimthola i tiger imu beke phansi i hlafuna i nyawo lakhe nga i shaya ya baleka ne nyawo lonke,
Ngamu guga ekhala wathi mama ngi beke phansi ngi ngcolile nga mutshela kuthi akuna nkinga wa qala uku zi phumela kakhulu ku ngi thela umzimba wonke nga cubeka noku mu guga ngimtshela kuthi anga thuki uzo phila .
2 iphupho elesi bili ngi hleli no mame zala wami no babe zala seka dlula emhlàbeni , ubuza umame zala kuthi indlu ka gogo ise khona naa , u mame zala wa phundula kuthi isakhona.
Nga zi bona sengi hlale no baba wakwami no mame zala ngi ba valelisa kuthi ngisaya ekhaya njengoba be ngi nga zizwa kahle . Ubaba wakwami wangi buza kuthi ngi hamba kanjani u babe zala anga ka buzi kuthi indlu ka gogo isa khona naa? Ngathi ngimzwile a buza umama .
Wathi mina uma engi buza ngi thi cha ( no) indlu ka gogo ai sekho
U babezala wa fika wa buza ngathi mjns cha(no) influ ka gogo ayi sekho , wathi u babe zala kulungile ngi buyele uku lungisa lokho
Ngi cela u sizo bo gogo ingabe lama phupho asho kuthini?
Umauphupha ulwaNenkosi kodwa nise Mpini ithi yakukwagwaza kubehuwena uyigwaza Ngomkhonto ife kuchazani?
Ngiphuphe ngisemnintiswaneni wokugijima bese nganqoba
Ng’yaxolisa ukubuza lapha.
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ulala nodadewenu ongasekho emhlabeni?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngocansi/?
Kushoukuthini ukuphupha uphiwa ingane yomfana bese ujabulwelwe Abantu abaningi ongabazi
Bengicela ukubuza kusho ukuthini uphupha uhlanya likujabulele likugona
Sanibona. Ngcela ukwazi kusho ukuthini ukuphupha udokotela wakho omhambayo. Ngphinde ngaphupha ngiphakela izinkukhu
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngenkukhu/
Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho
Nayi indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Sanibona Ngicela ukubuza kusuke kwenzakalani muvele uzumeka fast kungene iphupho Uthi uzama ukuvuka kufike manje ubuthongo loqale iphupho uphuphe engathi usesigodlweni kuno Baba VVO Mkhize no gogo Sthole kungathi bakhuluma no Gogo ohlezi phanzi oshuqulile bamuchazela ngepandi okumele ayisebenzise bakhuluma sakulekelelana.
2.ngaphupha ngathi ngisendlini ngilele ngibone ngekhanda elicane lenyoka eluhlaza ewindini ilunguza ngaphakath endlini ngikhombe ngithi k umuntu oseceleni kwami embedeni uyayibona lenyoka athi yena cha iphi
ezisithe ubuso ngikhombe ngithi nansiyw ewindini, ivele igxume lenyoka ijombele embedeni ingishaye isadla ngithi ngiyaphenduka lomuntu akasekho..
3.ngaphupha inhlwathi emhlophe enamabala othingo lenkosazane yasolwandle ihamba kancane ikhazimula imibala izakumina ngathuka ngapham
Engisandakuliphupha ngiphuphe ngisjela umfana wakwamakhelwane umuthi kuze zilinge izinto zakhe kumele ayothwasa emfule uzophuma nenyoka khona azobe eyibelethile ezoba nethambo elimboze umsila elifana nebhangela Ilona azosebenza ngalo, kwavela kaqhamuka ikhehla elisonta ekuphakameni lathi Mina ngiya nini…
Ngibonge ngisazophendulwa
Cela ukubuza ukuthi Uma umile etsheni inja ifike ichamele kulelo litshe omekulo kuchaza ukuthini?
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ndicela ekubuza xa uphupha ukowenu utshayela endlini enkulu kuze kube nenkunkuma eninzi kodwa la kweli phupha ulungiselela uba kuzohlala abantu kuselwe utywala besintu.
Nanti indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/utshwala-besizulu/
Kusho kutsini kuphupha Bantu longazange sewubabone.
ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha baba wakho ophilayo egqoke ischathulo esidala ngaka left esisha ngaka right
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezicathulo/
Ngcela kubuza kuchazani kuphupha indoda yakho ikini kunomsebenzi kini
Ngiphuphe ngine Moto entsha ngithengelwe ilo engithandana naye kodwa ngacishe ngabasengozini ngishayela nhiphuze amponjwana sengizumekile ugwaqo uqhephukile ngihambisana ngomngani wam sisemotweni yam.ngabese ngishayela ngendlela ewrong after ngavijwa amaphoyisa afuna licence ngoba imoto ibilimele ne windi elingaphambili. Kanti ahamba nabantu afuna ukuzongena emotontwen esiya ngandawonye nabo kukhona noyedwa okwazi ukushayela wabese eshayela
Nanku esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
Sanibona ngicela ukubuza lichazani leliphupho sengiliphuphe insuku ezimbili zilandelana. Ngosuku lokuqala ngiphuphe usisi wam omdala elwa nami nomama ekhaya kodwa ngagcina ngokumhlula ngaphaphama. Ngosuku lwesibili mesihleli ekhaya sibase umlilo omkhulu angsakhumbuli kahle ukuthi kwenzekeni kodwa usisi wam ngibone eseshitshile wangathi uyisilwane elwa nathi ngamubamba ngamthandazela wabuyila esimeni sakhe wabagcono. Leliphupho lingiphatha kabi ngicela ukubuza lichazani? Igama lam nguNomah
Ngamaphupho ngokulwa, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/ Umlilo ephusheni ungasho lokhu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomlilo/ Lapho uphupha uthandaza kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngomthandazo/
Uma uphupha umuntu omaziyo ehlile emzimbeni kusho ukuthini ?
Sanibona. Ngiphupha amaphupho amaningi. Ngiphuphe ngilunywa yinyoka eluhlaza ngathi yinhlwathi. Nagphupha isitha sami singigijimisa
Lapho uphupha ngenyoka eluhlaza: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka-eluhlaza/ Uma kuyinhlwathi ophupha ngayo, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlwathi/
Ngiphuphe ngihleli emkhukhwini nezingane zami. Umkhukhu omubi ongathi awakhiwe kahle ngixakekile unezimbobo naphezulu.
Sanibona. Ngicela ukwazi kuchazani ukuphupha ngishayela imoto ebese iphelelwa amaBrakes kodwa ingashayisi, ilokhu ihamba ebese ngiphaphama?
Lapho uphupha usemotweni, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uphupha ulwa nabantu ubahlule kuze abanye futhi ubahlula abanye ubahlula ngokuthi sebenzise izikhali ubadubula abanye ubagwaza, lokhu usempini nje mawunqoba omunye kuza omunye nawe kube khona la abakudubula khona kodwa mangithi ngiyazibuka akuvel negaz alikho.
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho ngokulwa: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Sanibonani, khona iphupho engibe nalo, ngiphuphe amajuba amhlophe amabili womanizing bewanamaqhanda kodwa umaiphupho liqhubeka amaqanda aphuka?
Lapho uphupha amaqanda: https://iafrika.org/amaphupho-ngamaqanda/
Ukuphupha ulwa nomfazi kafwenu
Nansi incazelo esinayo yamaphupho ngokulwa: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Sanibonani ngiphuphe ngigibele imbongolo ngabe kuchazani
Nayi indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/izimbongolo/
Ukuphupha umuntu evora I computer
Ulwazi esinalo olucishe lusondele yilolu lwendawo yokusebenza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendawo-yokusebenza/
Ukuphupha umuntu egqoke kahle
Ulwazi esinalo ngokuphupha ngokugqoka yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngengubo-yokugqoka-yabesifazane/
kusho ukuthini ukuphupha umalume wakho owashona kudala ekunikeza inombolo noma iadress ekubhalela yona ephepheni
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha umuntu ongasekho emhlabeni: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abasebafa/
ngiphuphe ngiya ekhaya so mangingen umama waphum be ambulance so ngahlal angaz angayaph ngiyobhek umzala so mangimuthol ubenabanye abant so bese ethi lo omunye y ngila umama esesibhedlel coz ufun ukukhulum
Nazi izithakazelo zakho kwaZulu: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwazulu/
Ang’bingelele , ngcela uk’buza ukuth uma ulokh uphupha into ekulahlekele njenge-cellphone kepha kungekho muntu okhulumayo kwiphupho noma obonakalayo futhi ingekho ezandleni ?
Sanibonani cela ukubuza kuchazani ukuphupha ujahwa njalo kuhlezi kungabantu besilisa noma ugijimiswa sekukaningi ngifikelwa ileli phupho kodwa namhlanje lingifake emzini wenyanga noma umuntu osebenza ngabantu. Ngiyabonga
Khumalo! Nina enahlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule! Maqhaw’ amakhulu! Yiphupho eliphindandiyo yini leli? Yini enye eyenzeka kuleliphupho? Kungasiza ukwanda ngoba kungakhanyisa ukuthi ngabe leliphupho belimayelana nani.
Yebo lihlezi libuya njalo Kodwa abantu besilisa kuphela and baningi
Sanibonani
ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha udubula ubulala abantu abekade bakwebele ubathole, bese uyabadubula bangafi uze ubaqedele ngokubakhanda ngamathse kuze kube ima befa. isibhamu sona nginaso ukwenze ukuth lingihluphe lephupho
Dumakude! Mdima! Nansi incazelo esinayo ngokuphupha ngesibhamu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesibhamu/ Ubonile nje ukuthi kulenkundla kunezithakazelo zesibongo sakini kwaShange? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashange/
Ngicela kubuza kusho kuthini ukuziphupha usesikoleni
Nazi izincazelo, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesikole/ Nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngemfundo/ Uma ukhuluma ngesikole samazinga aphezulu amayunivesithi, bheka futhi nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngeyunivesithi/
Sanibonani. ngicela ukubuza ngabe lamaphupho engiwaphuphayo achazani.
1. Ngiphuphe ngimi eceleni komfula kwavuleka amanzi ngangena phakathi avaleka ngavela sengivela kwelinye izwe elingaphansi kwamanzi kodwa nalo lelozwe linelanga kuyafana nje nalapha emhlabeni esiphila kuwona.
2. Ngiphuphe ngime emanzini angathi ixhaphozi emva kokuna kwezulu, mangithi ngibuka la emanzini kubonakala amafu ne dragon ihlezi phezu kwefu iyangibuka. ngivele ngithuke ngokukhulu ukwesaba ngihluleke nokubheka phezulu ngibone lento engibhekile.
3. Ngiphuphe ngisendleleni kungathi ngenzelwa umcimbi, ngithinte amathwasa angithungela ubuhlalo ngiwatshele ukuthi ubuhlalo bami babuthunge babenze bube nezingalo ezimbili uhlangothi nohlangothi bese buba nemilenze emine uhlangothi nohlangothi.
4 Ngaphupha ngibaleka ngigijinyiswa izilwane zasendle sezingifica zizongibamba kwaqhamuka amanzi amakhulu avele agcwala uhlaba asimboza ngaphakathi kwangathi sisolwandle kodla ecwebile ngakhuphuka ngaze ngafika phezulu.
Iningi lamaphupho owabalulayo athintene namanzi ngezindlela ezahlukahlukene, bese elilodwa iphupho lona lithinte izindaba zamathwasa. Ngizokunika izincazelo esinazo ngamaphupho athinta amanzi nokuthwasa, kodwa indlela olubeka ngayo udaba, ikakhulukazi uma kuwukuthi lamaphupho ayakuhlupha ngokuphindaphinda into efanayo, mhlawumbe usizo kumelwe ulufune kwezinye izindawo ezingaphezu kolwazi esinalo kulenkundla. Kulenkundla sikhuluma ngokuvulekile, kodwa kubukeka sengathi amaphupho akho adinga kunakekelwe izidingo zakho ngokukhethekile. Bheka isizinda okholelwa kusona, noma ngabe yinkolo noma ngabe yisintu, uthole khona usizo. Nazi izigatshana ongathola kuzo ezinye izincazelo. Bheka lapha ngokuphupha ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/ Nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/. Lapha uzothola ngamathwasa: https://iafrika.org/ubungoma/
Sanibonani, ngicela usizo kulamaphupho amabili. Elokqala ngaphupha umuntu ebingithandana naye, ekhuluma nami… Kodwa mina ngingamphenduli, aze angibize ngesthakazelo sakithi, angitshele ukuthi akangizondi. Elesbili, ngamphupha lo ebengithandana naye sihamba naye ngemoto yakhe, kukhona no mngane wakhe omkhulu okuyena o-driver lemoto. Kodwa futhi njengoba ngihamba naye it seems as if sixabane. Bese engehlesa la engiyakhona, imoto ihlehlele kimi ingilimaze idolo, aphume ethi uzongiphephisela mina ngimxoshe, ngiphaphame. Ngiyabonga
Ngiphuphe inyama yempangele enonile kushoni
Nansi incazelo esinayo ngokuphupha izinyoni, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinyoni/
Cela ukubuza ukuchazani ukuphupha uxabana nomndeni wakho bese uyaduba uhambe ngemoto. Emvakwalokho ususestolo uyathenga.?
Bheka nalu ulwazi lapho uphupha uhamba ngemoto: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/ Sinolwazi lapho uphupha uthenga endalini, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuthenga/
Kusho ukuthini ukuphupha uhamba endleleni yesizulu?
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha uhamba ngendlela yesizulu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendlela/
Ngicela ukubuza, ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi kepha ungafi
Ake ubheke nazi izigatshana ezichaza ngalapho uphupha khona usesimweni sengozi njengokugwazwa nokusetshenziswa kommese: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/ Bheka nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/ Kanye nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngommese/
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi impela kepha ungafi.
Ake ubheke nazi izigatshana ezichaza ngalapho uphupha khona usesimweni sengozi njengokugwazwa nokusetshenziswa kommese: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/ Bheka nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/ Kanye nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngommese/
Ngicela ningisize lapha, ngiphuphe nginabantu endlini yakithi kodwa labantu ngathi banokudimoni… Uma ngithi ngiyakhuleka, izwi aliphumi… Ngize ngiphaphame. Ekseni ngivuke nephupho ngibalekela umuntu weslisa, ngiphethe ingane, ngi jumper ama fence omakhelwane ngibaleka. Ngiyabonga
Gwala, Mphephethwa, Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle! Ake ubheke nalu ulwazi esinalo ngesimo lapho ubhekene khona nengozi, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/
Uma fakelwe isichitho emntwini ojola naye angakufuni funeka usikhuphe njani
Ndiphupha ekhaya kusenziwa umsebenzi kukho abantu abaninzi kuyaphithizela kukhona abahleli nasebuhlanti den kuzo vela utatomkhulu esiti mandimenzel I tea kusenjalo abuze inyama.
Liyaphinda phinda ke elipupha.
Lisho kutini
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongathandani naye kodwa ephupheni nigcine senithandana, ngalo lolosuku enithandana ngalo avele ashone kusemnandi, nizikhiphile. Sengiliphuphe kabili leliphupho. Okokuqala bekuwumuntu engingamazi Kodwa ngatshengiswa igama nesbongo, okwesibili bekuwumuntu engimaziyo kodwa esingajwayelene
Ake ubheke nazi izincazelo, ikakhulukazi isigaba sokugcina lapho insizwa ifuna ukuthandwa yintombi, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ingane yakho encane ishonile?
Lapho uphupha umuntu oshonile, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezidumbu/
Ngcela kubuta kutsi kuchaza ktsini kutibona ubulala muntfu ngendlela lebhlungu?
Kungalekelela uma usho ukuthi uphuphe umbulala ngani noma kanjani lowomuntu – umshayile? umklinyile? umdubulile? umgwazile? Ake unikeze ulwazi oluthe xaxa.
Sawbona mhleli nginamaphupho angihluphayo lapha , sekuphele cishe iviki ngiphupha ngakha kepha angize ngiqede into engiyakhayo.okungithusa kakhulu namuhla ekseni ngiphuphe umngcwabo kababa ngigcine sekulungiswa indawo okuzongenza kuyo ibhokishi ,kuthe kusenjalo yena wafika sakhuluma naye waqoqa Bonke abafowethu bahlanganyela Kimi fakhuluma ngaze ngakhala
Nansi incazelo esinayo ngamaphupho ngobaba, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngobaba/ Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho lapho kuhlangana khona umndeni, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlangana-komndeni/
ngicela ukbuza ukuth kuchazani ukuthi uzwe ngabantu besfazane abaningi abahlukene bekutshela ukuthi bayakuphupha mebelele? labantu besifazane bengibazi phambilini empilweni.
Liyaphindaphinda yini leliphupho noma uphuphe kanye nje? Yini enye oyibonayo noma eyenzakalayo kuleliphupno lakho? Impendulo yakho ingasiza ukunemba incazelo yephupho lakho. Ubonile nje ukuthi kulenkundla sinezithakazelo zakwaShange? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashange/
Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiphakela bantu kudla abaningi ngathi umsebenzi okwesibili ngiphupha ngi cleaner ekhaya nomama wami ongasekho sikhipha eningi imfucuza le
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho okuhlanza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlanza/
Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiseva bantu abaningi ukudla neziphuzo okulandelayo ngiphuphe ngicleaner endlini nomama wami ongasekho sikhipha iningi imfucuza le
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho okuhlanza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlanza/
Kusho ukythini ukuphupha ulwandle olu blue kodwa luthukuthele lumukisa abantu. Mina bengingaphezulu kwalo zange ngimuke or ngiphephuke kodwa lomkhumbi ubusugcwele amanxi abanyu sebemukile sengizama indlela yokuphuma lehlanulaka ngaphaphama?
Nalu ulwazi esinalo lapho uphupha ngolwandle, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngolwandle/ Siyawubonga umbuzo wakho “Msongi wensimbi ishisa uyibeke ekhanda wenzele amagwala ukuthi abaleke!” Phela lezi ingxenye nje yezithakazelo zakho Jobe, uthi bewazi nje ukuthi sinazo? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwasithole/
Kuchaza ukuthini ukuphupha ingane encane igibela kuwe uhlezi nowakwakho
Bheka nalu ulwazi esinalo ngokuphupha ingane: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Kusho ukuthini ukuphupha isithandwa sakho ohlukene naso. Sikuthembisa ukuthi sizokuthengela izimpahla ezintsha sinohambo?
Ake ubheke nansi incazelo ngamaphupho okuphonswa: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Cela Bandla Ukbuza Mangabe uphupha umkhulu nogogo sebashona bethi kwena Ungaphuzisi umkhulu utshwala kucaza ini loko
Sacela ukbuza ngabe kusho ukthin uphupha enezilonda emlenzeni?
Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngamathumba/
kusho ukuthini ukuphupha udla amakhekhe
Nalu ulwazi esinalo lokuphupha udla amakhekhe: https://iafrika.org/amaphupho-ngekhekhe/
kusho ukuthini ukuphupha ulwa nomfowenu, akushaye yeno kodwa wena mawkuthi uyaphindisela isibhakela sambe kancaaaaaane
Lapho uphupha ulwa nomfowenu: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ngendlu(umkhukhu) endala, ewela kumina ingivale umlomo ngize ngicishe ukufa.
Incazelo yephupho lakho ingebe ncamashi ngokulandela imininingwane eminingi esephusheni lakho. Okucaca bha kuleliphupho lakho wukuthi uphunyuke esimweni esinzima, lapho ucisha ufa. Ngabe lokho kusho ukuthi khathazeka ngezindaba zokufa? Thola impendulo ekuthini yimaphi amaphupho asikisela izimo zokufa. Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/