Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.
- Uma uphupha ulwa nomnakwenu noma ekudunusela: Lokhu kuchaza ukuthi usuke ekade ekufaka isichitho futhi ekudlula endodeni ngaso usichitho. Kodwa uma usuphupha umshaya uze umhlule usuke usumhlulile kuyona yonke imikhuba yakhe emibi. Naleyonto akade ekusebenzisela yona isuke ingeke isasebenza.
- Uma uphupha ulwa nomuntu akuhlule, uma ungowesilisa uhlulwa ngumuntu wesifazane noma owesifazane uhlulwa ngumuntu wesilisa: Usuke ulwa nesilwane, isilwane asifani ubulili baso nesalowomuntu esithunywe kuye. Kodwa uma usuphupha umhlula lowomuntu usuke usumnqobile. Abanye abantu babanenhlanhla yokubona ukuthi isilwane esithunyiwe ngoba siyazishintsha njengokuthi uma usishaya ephusheni kungumuntu ongamazi uma umhlula uyashintsha azenze ingane yakho noma umuntu wakini uma uqhubeka usishaya sigcina sesiyisilwane. Uma usishaye size sife usuke usunqobile ngeke siphinde sikuhluphe. Lamaphupho uyakwazi ukuwaqeda ngokusebenza imithi yesintu noma umkhuleko uma ungumuntu okholelwa emthandazweni.
- Uma uphupha kwakhiwa indlu ngokushesha ubone isiphelile bese uthatha ithuluzi ekade kwakhiwa ngalo uyibhidlize leyondlu: Usuke unqobe isifo noma into embi ebizovela emndenini wakho noma kuwena uqobo. Indlu uma uyiphupha iphelile noma yakhiwa ngokushesha kusuke kukhona umuntu ozoshona. Kodwa uma uyibhidlizile ngeke kusenzeka.
- Uma uphupha kukhona izinto zakho ezilahlekayo uthi uyazibheka awuzitholi. Noma uphucwe into osuke uyiphethe ngesandla. Kwesinye isikhathi uphuphe uthi uphethe amacici amabili lilahleke elilodwa okunye izinkinobho zengubo oyigqokile zilahleke ungazitholi. Kuthi ekugcineni uphuphe uzithola noma kukhona izwi elithi nazi izinto noma izimpahla zakho lokho kusho ukuthi usukunqobile okubi noma lowo obefuna ukuthatha izinhlanhla zakho.
- Uma uphupha umuntu okwenza izinto ezimbi noma ekushalazela angahlangani amehlo akho nawakhe futhi esendaweni emnyama. Kokunye akhulume akutshele okubi abefuna ukukwenza nesizathu salokho. Lomuntu aze akutshele ukuthi amandla ayamphelela ngoba izinto zakhe azisebenzi. Usuke engeke esakwenza lutho namandla akhe asuke esephelile. Ngesinye isikhathi usuke lowomuntu eqinile futhi izangoma ziyamtshela ukuthi idlozi lakubo limvikele.

Ngihlushwa umzala wami esakhula sonke uhlezi ajabule nami ngikhulume Nate akufikenje ukuthi akasekho size silale nje impela njalo engathi ngiphila naye
Kusho ukuthini ukuphupha udlala nengane
Ulwazi esinalo oluthinta amaphupho ngabantwana yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantwana/
ngiphuphe ngisesikhathini kodwa kungelona ilanga lokuya
kuchaza ini ukuphupha inyoka encane, emhlophe nomsila obrown, lenyako ipheli thatwa ngaba fana ababini. Andikho sure noba ngama coloured or abantu abamhlophe
Ake siqale-ke ngokuthi inyoka oyiphuphayo inamabala amhlophe nansuku, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka-ensundu/ Bese-ke sengeza ngolunye ulwazi oluthinta ukuphupha ngezinyoka, nalu: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/
Kusho ukuthini ukuphipha umuntu egwazwa ngomunye kodwa futhi awubazi bobabili lababantu.
Ulwazi esinalo oluqondene nalapho ulwa nomuntu noma yena ekushaya, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Mine ngnephupho elingi hluphako ngphupha nghlala ngkha ma orange lapho ngsuke ngna gogo wami
Nalu ulwazi esinalo uma umuntu ephupha evuna izithelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuvuna/ Ugogo wakho usekhona yini emhlabeni noma sewadlula? Yena usuke enzani ephusheni lakho?
Mina ngifuna ukubuza ngephuphe elingihluphayo njalo ngiphupha ngitshayela imoto emhlophe kungabe yini le
Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha ushayela imoto: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
kuchaza ini ukuphupha ulamula mngan wakho mese uyadubuleka emhlane kodwa ungafi
Sawubona Nozipho. Nalu ulwazi esinalo oluthuthinta ingozi nokulimala noma ucishe ulimale: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/
Ngiphuphe ngiwina imali yangaphandle inguhlweza
Nalu olunye ulwazi ngokuphupha imali ewuhlweza: https://iafrika.org/ukuphupha-ngemali-ewuhlweza-kusho-ukuthini/
Cela ukubuza Uma u mfazi wakho ephupha ingane engaka zalwa ube yena ezithwele kuze kube kathathu.. Ngabe kusho kuthini lokho?!
Ulwazi esinalo ngamaphupho athintene nokukhulelwa uzoluthola esigabeni sesibili salelikhasi: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Kusho ukuthini ukuphupha usolapha umntu ogulayo
Nalu ulwazi olungakusiza ukuhlaziya amaphupho: https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/
Kusho ukuthini ukuphupha uBaba wakho ose neminyaka engaphezu ka 5 esashona umphuphe evukile mauthi uyamvulela endlini niyamamukela kahle niyizingane zakhe banganivumeli abantakwabo bathi akaphindiselwe ethuneni lakhe kodwa nibe nimbona nina esaphila engafanga?please help me
Kusho ukuthini ukuphupha owesifazane onqunu (engagqokile)
Ukuphupha umuntu enqunu kusho ukuthi uzohlubuka
Mhlawumbe izincazelo ungazithola lapha kulamaphupho achaza ngobunqunu: https://iafrika.org/?s=nqunu
Ngcela incazelo yaleliphupho ngisacela nguphuphe ubaba sewashona eqoke izinto ezingancacile ufuna ukungishaya ngenvubu engibuza ukuthi ngiphumaphi ngayibamba invubu hawu baba ngathinihlonipha nginithanda uyakwazi lokho ngasengavuka
Elinye ngaphupha umakoti ease Khaya ethi. Angimkhiphe ukwethu ukhandangavuma mana
????????
Ngcube ngiphuphe ngibulala abantu ababini abemizi engafani
Kusho ukuthini ukuphupha ingane yasisi wakho ilahlekile bese uyayibheka uma uyibheke uvele ujahwe ibhubesi uma lithi liyakubamba uvele uthandaze bese kukhuluma izwi phezulu kodwa ungezwa ukuthi lithini bese liyakuyeka ibhubesi
Kushoni ukuphupha amalahle
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakini ongasekho ethokozile kodwa ungamboni emehleni kubesangathi umbonile kodwe mawubuyekeza iphupho kubangathi awzange umbone
Ndiphupha ubaba kudala washona ngathi usekhaya ulele kuleli room wayelala kulo wandinika 52rand wathi ndikeze bhuti wam athenge gusha zibe ngu 14
Kushoni ukuphupha usisi wami ekhala egqoke impahla ezimhlophe ngobala
Kusho ukthini ukuphupha ikati elimnyama eliselincane liphama ngaphasi kombhede?
kusho ukuthini ukuphupha igundane
Ungabheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngegundane/
Kusho ukuthini ukuphupha indoda yakho imanzi umzimba wonke
Kutsho kuthin ukuphapha uleli nomuntu?
Kusho ukuthini Ukuphupha isithandwa sakho siphethe ingane encane sihamba nomnakwethu.
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugogo ozala umama egqoke ingubo zasesontweni ephethe ibible ehleka kodwa ngithe ngiqhamuka wasethula engibuka kahlangana amehlo kodwa ngase ngishalaza.
kusho ukuthin ukuphupha ikati ulishaya uze ulinyathele ngonyawo
Ukuphupha amagundwane amancane amaningi amanye ngihleli phezu kwawo amanye agcwele yonke indawo endlini
Ngiphuphe umuntu owangishela kudala ,sangathandana ethi ngifuna ugade umndeni Wami ,nezingane zami ,ngoba uyangiziba sengizofika la usebenza khona ngizoku cela khona mnje
Kusho ukthin ukuphupha nizwana kakhulu nomnakwenu ongakufuni nhlobo
ngiphuphe ngithwele iizimpahla zami sengathi ngyohlala kwenyindawo , bekukhona umnganam obengithuthisa but indlela besihamba kuyo bingeyinhle kodwa sikwazile kufika emgwaeni okhanyayo
Ngicela kwazi ngiphuphe ngiphethe ingane encane kushoni
usuzoteta
Ngiphume umuntu engizwana Naye ethi Uma efuna ukuyongilobola Kumele atshele bani ,
Ngiphuphe umuntu engizwana Naye engibuza Ukuthi Uma efuna ukuyongilobola Kumele atshele bani Ngoba ngi namakhaya amabili
Kusho ukuthini ukuziphupha ushonile ungcwatshwa ugibele imoto yase mortuary emhlophe
ai zyawshaya boi
Siyanibongela, aziwushaye! Ubonile nje ukuthi leyo naleyo nkomo yamalobolo inegama layo? Bheka lapha: https://iafrika.org/izinkomo-zamalobolo/
Sanibonanani mina ngiphupha ngizikakela ngibuye ngiphuphe ngyeskolen ngibhala ngbuye ngphuphe ngisehlathini ngisukelwa inyoka enkulu kodwa ngingayboni ngizwa umsindo nje lamaphupho ayangihlupha kakhulu ngcela ningisize ngezincazelo zawo ngyabonga
mina ngphuphe abakithi abashona kudala sihleli sonke,ngabona nomfowethu ngithi kuye,,,mina bathe wena ushonile,wathi yena lutho angishonile,,ngabona nezinombolo kwathiwa ngifonele lapho,,,angazi kusho ukuthini loko,ngabona nomma ongasekho
Ngiphuphe umntanami wentombazane edlalisa inyoka emnyama egcekeni lakomalume,ngaphosa inhlabathi ngith ngiyayibulala ngayibona isingena endlini mangithi ngiyabheka ngabona khona ugogo wami ozala umama ongasekho ehleli kusofa sonke sibabaza inyonka wavele yena umntanami waphosa it she wayichofoza ikhanda.
Nngiphuphe nngitwele iskhumba sesilonda ngomlomo wami
Kusho ukuthini ukuphupha amathwasa ekunika ibhakede eth iya kumuzi othile ubeke lento esebhakedeni ngaphambi komnyango nangasenhla komizi.
Kusho ukuthini ukuphupha izinkomo eziningi zimi ndawonye.
Kuningi engikuphuphayo,kodwa akucaci.
uma uphupha umuntu eshonile engathi ugwaziwe kodwa kubengathi bewunaye ngayizolo. ngabe lichazani leliphupho?
Isingphatha kabi lentils
Sengphuphe KANINGI ngiphupha ngolwandle ngithi uma ngsendel eduze ludinwe lfune ukungthatha okokqala lalungcolile klokhu okunye lsuke luclean koda lisuke lunolaka. Kokunye ngat mangbuza kumunt oseduzane ukt kwenzakalan waphendula wathi ungasondeli ulwandle aluzwani nomunt ongcolile,konke lokhu ksayiphupho kuthe izolo ngaphupha sengat amawele ayakwiliza koda ubuso buvelile emvakweskhath aphuma efake izinto ezimnyama kwajatshulwa kwangat abuya kofundela ubungoma khona olwandle. Ngsacela ukwazi ukt konke lokhu kusho ukuthin
Kushoni ukuziphupha ushonile intombi yakho ikuzilele
Bheka nalu ulwazi esinalo ngamaphupho athinta ukufa: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Uma uphupha uthandana nomuntu omaziyo futh ongamjwayele kusuke kunjan noma uphupha kungena amanzi endlin akumboze umzimba akushiye ikhanda kusuku kunjan
Xa uphupha umyeni wakho lo uhlala naye etshata umtshato omhlophe nomnye umntu kukho namahashe amhlophe anezkhoji.kusho ukthini?
Ndiphuphe ndisilwa nodade wethu sibanga indoda ?
ngiphupha ngigibele ngigibela izitebhisi uma sengizofika ngeqe izitebhisi esinye ngifike phezulu ngicishe ngiwe ngibanjwe omunye ubaba …nokuzwa kuhlatshelelwa kahle
Kusho ukuthini ukuphupha omunye wabantwana bakini eshonile kodwa yena usaphila ?
Mina ngicela ukwazi uma ngiphupha ngimhlulile umnakwethu.kowa wamane wangivulela icala nalapho limchithe. Ingabe lichazani elam iphupho. Ngoba nendoda iyangiziba vele
Kusho ukuthin ukuphupha ubaba wakho owashona evakashile kini akufakele iaitime
Kusho ukuthuni ukuphupha utetisa umuntu ozithwele nimile bese mawuthi uyayinqaka ingane iphunyuke ingabambeki???
kusho ukuthini ukuphupha izimoto ezimhlophe eziningi kuthiwa ezakho uze wabele abakukhulisile
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ekhulupheke
Bheka nansi incazelo eshiwo yiphupho ngokukhuluphala komuntu: https://iafrika.org/amaphupho-ngesisindo/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.
Sanibona
Bengicela ukubuza ukuthi if u phupha uhamba nama ex class mate uwakhapha ningene endlini endala Nd kunabantu abahlala lapho Kodwa kunopotsho oludlulela lapho o ex class mate be hlala khona. Manje masifika kulendlu endala kunamagudwane amaningi bawele bona mina ngithi ngiyawela kulopotsho kuvele kudibike ngivele ngigitshelwe amagudwane emqolo wami amancane amaningi ngizame ukuwasusa ngithi ngiyabuyela futhi aphinde ahlale emqolo ngizame ukuwasusa kusale 1 or 2 emqolo ngivele ngisabe ukuwela ngoba kunamagudwane amaningi bese ngiyavuka.