Uma ushawe ngesichitho kusho ukuthi kukhona osuke ekugadla engakufiseli okuhle ngoba phela isichitho siyisinyama, noma nje ngithi sihambelana naso. Uma ube nehlanhla ke namathongo akini ekubhekile uyakwazi ukuphupha okukuvezelayo ukuthi kukhona umuntu okuhambela sinyelela ongafuni ukukubona uphumelela. Kanti ke ukuphupha iphupho eliqondene naso isichitho akusiyo inhlanhla kuphela ngoba phela isichitho leso kuyenzeka sithunyelwe ngalo iphupho njengoba nedliso lithunyelwa nje ngephupho. Lana ke siloba amaphupho ahlukene kodwa ke incazelo yawo iyafana, onke achaza khona ukuthi kukhona umuntu okuthumelela ngaso isichitho.
- Ukuphupha usesikhathini – Isichitho leso
- Ukuphupha incanga noma inja ikhuluma – Isichitho
- Ukuhamba nqunu – Ishwa
- Ukuphupha indlu yangasese – Lokho kusho isichitho esibi
- Ukudla izinalithi noma uziphalaza – Lokho kusho ukuthi kukhona umuntu onigadlayo kini ngomuthi.
- Ukuphupha izimpethu uzibona noma ziphuma ngomlomo – Leli phupho lisho isichitho esinzima okumele lomuntu osuke eliphuphile alisukumele ngampela.
- Ungathola futhi olunye ulwazi kulencazelo yamaphupho ngokuphonswa.
Ukuphupha bathing unesinyama ebusweni
Ukuphupha ugeza ngamanzi anekakayenkomo anenca nembovane
Ukuphupha uphuma ubomvu emadolweni?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngemilomo
Hi, Yazi ngiphuphe ngisesikhathini futhi ng’z bleedele izimphahla ngazishiya e toilet, khona lapho kwavela omunye umuntu wathi khona uthathe izimphadla zakho kwodwa uma ngiyozilanda ngathi lendlu engiya kuyo iyanyikaza akungeneki? Ngicela usizo please
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha usesikhathini noma uya esikhathini
Ngiphuphe kuphuma izimpethu ngamakhala
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha uncelisa
Hey yaz ngiphuphe ngibona impethu ngaphandle kwendlu labo mangoye abancane begcwele phandle abanye phakathi endlini
Ngiphuphe ngikwenye indlu ngimile kuphuma amaphele kufloor emaningi ..ephuma esiyaphandle amakhulu alamakhanda amancane
Ukuphupha impethu uzikhipha esibhonweni kutshoni
ukuphupha udli impethu kuchazani
sanibona nonke ey izolo ngiphuphe ngingathi ngiyadla kodwa mengithi ngiyabheka ngithole kugcwele impethu ngazama ukukhafula kodwa okunye besengi gwinyile angazi kuchazani lokho
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngokudla
Ngiphuphe ngazuthy ngphuma else emsebenzini ebusuku lomuntu ongigibelise imoto ungathy uyabona athi kimi ngzwa ngnukekwa I’m imnenke njee ushawe ngeschitho semnenke esho kimi wathi kmele ngisukume ngoksheshe, ikhona into enjalo?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho asho isichitho noma isinyama
Ukuphupha usendlini encane
Ukuphupha ukhama ithumba
Cofa Amaphupho Okuphonswalapha ukuthola ulwazi
Ngiphuphe engathi nginenyongo ngfuna ukuhlanza uma ngiya etoilet ngiphiswe ngihlale ngikhiphe izikelemu eziningi ezimhlophe , emva kwaloko zifune nokuphuma ngomlomo zizphumele, engabe yini lena? Ichazani into enjena
Cofa lapha ukuthola incazelo Ukuphupha indle noma indlu yangasese
ngicela ukumuza, kusaho ukuthini uku phupha izibungu. ngesinye isikhathi ngisziphupha zingingena enyameni, izolo ngiziphuphe ziku fridge and ngaziphoshela ngaphandle. ilanga la phuma za vuvuka sengathi zifuna uku bhamuka.
Ngiphuphe ngingene endlini encane ngenza uno2 mangithi ngiflusha ayiflushi kwavela enye intombazane engisebenza nayo yavele yawa bhica ngesandla khona itoilet izoflusheka
Leli phupho lisho isichitho. Cofa lapha ukuthola incazelo ethexaxa: https://iafrika.org/ukuphupha-indle-noma-indlu-yangasese/
Ngicela ukubuza ukuthi kuqonde ukuthini uma umngani wami ephuphe engikama ekhanda kuphume izintwala ezimhlophe eziningi…
Leli phupho lish isichitho,cofa lapha ukuthola ulwazi ngokuphupha izinwele https://iafrika.org/amaphupho-ngezinwele/
Hi kuchaza ukuthini ukuphupha ingane yakhe ena2 yomfana uyigeza emfulene onamanzi athanda kukuchola kuvele nebhubesi linibuka
Cofa ngezansi ukuthola incazelo ecacile yephupho lakho.
https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/
https://iafrika.org/amaphupho-ngamabhubesi/
https://iafrika.org/amaphupho-ngokugeza/
Celia ukukbuza kusho ukuthini ukuphupha udla inyama yangaphakathi (usu)?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenyama
Sanibona.
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha sibuya ezitolo nomzala wami and 2 friends, sekumnyama nje indlela ingabonakali bese ngebhadi siqhamukele kwixhaphozi elikhulu kube yimi nje ongena kulo kakhulu amanzi made afika okhalweni, kepha sakwazi-ke ukudlula.
Cofa lapha ukuthola incazelo https://iafrika.org/amaphupho-ngobumnyama/
https://iafrika.org/amaphupho-ngodaka/
Sanibonani
Kuchaza ukuthini ukuphupha uhanjwa izintwala?
Cofa lapha ukuthola impendulo https://iafrika.org/amaphupho-ngezintwala/
Sanibonani
kichazani uku phupha uhanjwa izibungu ezandleni phakathi?
Leli phupho lisho isichitho, kukhona okugadlayo.
Ngiphuphe sidlala naba ngani bam ngoku chamelana? Isho ukthini lokho
Cofa lapha ukuthola incazelo https://iafrika.org/amaphupho-ebhadi/
Kusho ukuthi uma kuphuma isiduli endlini
Leli phupho lingasho isichitho.
Ninjani nonke ngiphuphe ngingenwe ybsungu esandleni kodwa ngasikhama Saxe saphuma kushoni
Leli phupho lisho isichitho. Ukuthola ulwazi olwengeziwe, cofa lapha https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Nginenkinga yokuxabana nabantu abasahla nami abanye bayabaleka ngihlukana nabantu njalo ngize ngane drop kumanje ngihlolile kwathiwa ngine zizwe ngabelethe nesilwane khona nesichitho lapho ngake ngahlushwa izimpukane endlini ngino muntu wami kwaphela sangcina sihlukene kwaphela no msebenzi ngabe konke lokhu kungaphela mangalahla isilwane ngivike ischitho??
Ngiphuphe umuntu eseskhathini, kuchaza ukthini
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/ukuphupha-usesikhathini-noma-uya-esikhathini/
Sisichitho eso
Mina ngihlushwa ukulandelwa zimpukane, izolo ngifike endlini kugcwele iympukane, emini ngazifica zifile ziningi ekhishini angaz ukuth yini.
Lokhu kusho ukuthi khona imbangi yakho ekugadlayo, isichitho.
Ngike ngaphupha izimpethu ziphethuka emlonyeni wami bese ngizifela alingiphathanga neze kahle lelo phupho ngoba ngiyazinyanya izimpethu. Muva nje ngiphupha kuluma izandla bese ngizihlikihla ngisazihlikihla kuphume izimpethu ezincane ngokuqhubeka kwesikhathi kuphume ezinkundlwana bengigijimela ku sink osetoilet ngyogeza izandla khona. Ngigcine ngibona ikhanda elinentamo kuphela licela usizo lomuntu olapha ngokwesintu angazanga ngibize bani ngoba bengisedolobheni ngingafuni ukubiza noma ubani ukungagcina kuba osomathuba. Ngiqaphelile futhi ukuthi kulezozinsuku emaphusheni ami kuba khona abantu besifazane abanqunu
Leli phupho lisho isichitho.
Ngyabingelela ekhaya, ngcela ukbuza ukuthi kusho ukthini ukphupha nihleli nabantu osebenza nabo bese kqhamuka induna iphethe ibhakede elinamakaka lifike lingthele ngawo
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/ukuphupha-indle-noma-indlu-yangasese/
Kuchazani ukuphupha umuntu ekunika iwashing yakhe isendishini nensipho ethi cela ungi washela
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuwasha-izingubo/
sawubona, kusho ukuthini ukuphupha ususa amakaka nge broom stick asuke evale indlu yangasese (block I toilet) agcine esukile ngiwageze ngamanzi aphele?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Ngicela ukuza kusho ukthini Uma uphupha sengathi ufuye inja ineyingane ezmbini bese uzipha ukudla zikujabulele nawe uyidlalise besubona zikuluma la ezandleni uze wophe?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngenja/
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthi ukuphupha ushade usuku olulandelayo uphuphe uzimoshela bese olulandelayo uphuphu uhamba nqunu okunye ingabe inyongo iyadala ukuba uphuphe amaphupho amabi?
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngomcimbi-womshado/
Umuntu engthandana naye usejwayele ukungphupha ngilele nenye indoda ngabe kuchazani
Sanibona cela ukbuza kuth ngabe kusho ukuthini ukuphupha uyozlandela inyoka enkulu emhlophe uyfuye ekhaya ..uthi uzongena naye emagceken kube khona emnyama enokubovu emhlane inyoka ezizama ukuzongena ekhaya kodw zigcingcine zingakwazanga ukungena
Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha ngenyoka: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/
Kungabe kuchazani ukuphupha wenza umuntu nomuntu omeshelayo
Kungabe Kuchazani ukuziphupha wenza ucansi nomuntu omeshelayo?
Kuchazani ukuphupha izibungu endlini zihamba ebondeni
Leli phupho lisho isichitho. Cofa lapha uthola ulwazi olwengeziwe https://iafrika.org/ukuphupha-indle-noma-indlu-yangasese/
Kungabe kuchazani ukuphupha wenza umuntu nomuntu omeshelayo
Isichitho leso.
Kuchazani ukuphupha ukhipha imali odakeni
Lokho esinakho mayelana nemali kulapha: https://iafrika.org/isho-ukuthini-imali-emaphusheni-akho/
Ngcela kbuza kusho ukthini ukuphupha maselesele egxumela kwena
Nanko-ke esinakho mayelana namasele: https://iafrika.org/amaphupho-ngesele/
Isichitho esimbi amasele
uma ngiphuphe izintwala ziphuma kumina engalweni
kusho ukuthini ukuphupha wenza uncansi nomuntu ongamazi.
Ungafunda le ngosana exoxa ngokuphupha ngocansi: https://iafrika.org/amaphupho-ngocansi/
Sawubona. Kusho ukuthin ukuphupha uncinzelwa emzimbeni , umzimba uvembuka?
Ngiphuphe inyoka ebrown engange nhlwathi ngiyishaya ngegeja yabaleka yangena phansi kweqhwa angizange ngilibone kodwa ikhanda layo lisho ukuthini leliphipho
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlwathi/
Uma uphupha uhleli nje bese uphunywa izimpukane enkomeni ubone nje seziqhasha phansi kwesketi, uthi mawusinyusa ziningi?
Nanku esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezimpukane/
Ngicela ukubuza ukuthi ngabe kusho ukuthini ukuphupha umuntu ehambaze/ enqunu. Ngingenza kanjani ukuhlanjululwa kulezichitho
Nanku esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngokubanqunu/
Kuchaza ukuthini ubulala icikilishi ngempazamo
Uma uphupha uzikakele ufuna ukugeza kodwa zonke izindlu zangasese azinascabha or akungeneki
Nanti esinayo ngamaphupho okugeza: https://iafrika.org/amaphupho-ngokugeza/
Uma uphupha uphuza amahewu kuchaza ukuthini?
Uma uphupha uphuza, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngojeke/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.
Kutshoni ukuphupha uabantu owawukade usebenza khona ulusa inkomo besuphupha kunendlovu duze nesbaya sakhona senkomo lilokhe lidlala nayo leyondlovu kodwa uhamba nomnawakho kulowomuzi lifike ngoba lidinga inkomo lizithole duze nakhona nje ngapha nenvula inetha
Uma uphupha ubona izinkomo, ake ubheke nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenkomo/
Kuchazani ukuphuma umuntu ozwana naye ehlezi phezu kwakh
Sinalencazelo ngokuphupha isekisi: https://iafrika.org/amaphupho-ngesekisi/
Kushoni ukuphupha inhlathu ihamba ngaphansi komqamela wakho ivumbuluke phambili kobuso bakho bese iyazigoqa imise ikhanda ikubheke nje
Lapho uphupha inhlwathi, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlwathi/
Kuphi ukuthini ukuphupha uphuza izinyo
Nansi incazelo lapho uphupha uphuma izinyo: https://iafrika.org/amaphupho-ngemilomo/
Kushoni ukuphupha inkukhu emyama ingaphakathi kwamanzi emfuleni kodwa iphila
Lapho uphupha ngezinkukhu, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenkukhu/
Kutshoni ukuphupha izimpethu ngaphansi kwamazinyo akho
Usufundile nje ukuthi ukuphupha izimpethu uzibona noma ziphuma ngomlomo, lelo yiphupho elisho isichitho esinzima okumelwe lisukunyelwe. Mhlawumbe ungafunda futhi lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ebhadi/
Yibhadi lelo
Sikhishwa kanjan isichitho somzondo?
Asisizeni bakwethu nawu umbuzo ususezithebeni. Kuhle ukusizana ngolwazi esinalo.
Kufuneka amakhambi esintu njengomaphipha,umhlakazi,unukani futha uphinde ugabhe 3 days uchithe emgwaqeni ongahambi kuwo beqe abantu behambe nakho?
Kuyabongeka ukucobelela ngolwazi onalo. Uthi bewazi nje ukuthi sinezithakazelo zakho? Ungazilalela ngisho nokuzilalela imbala, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwabuthelezi/
Ngingasikhipha kanjan isinyama kumi
Ngingasikhipha kanjani isichitho sobukhuphe
Asisizeni bakwethu nawu umbuzo ususezithebeni. Kuhle ukusizana ngolwazi esinalo. Uma kukhona onolwazi ukuthi sikhiswha kanjani isichitho sobukhuphe akasize. Uma kukhona obengakafundi ngencazelo yamaphupho esichitho noma isinyama angaqala ngokufunda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-asho-isichitho-noma-isinyama/ bese-ke enenezela ngolwazi lwakhe ukuthi sikhishwa kanjani isichitho sobukhuphe. Sizani bo!
Nokuthula ngingasikhipha kanjani isinyama