isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngamanzi

Uma uphupha ukuthi uphuza amanzi kuyinhlanhla enhle uma nje ingilazi igcwele futhi amanzi ehlanzekile. Uma amanzi enodaka noma ingilazi ingcolile noma ifile uzolahlekelwa yinto ebalulekile maduzane noma umuntu omaziyo uzokucela usizo. Kanti ke ukuphupha amanzi ahlanzekile, phakathi kuwo kukhona izinhlanzi kanye nenyoka – lokho kusho ukuthi izinto zakho ziyakhanya noma zimhlophe.

Ukuphupha amanzi angcolile futhi eyizikhukhula kusuke kukhomba ukukhulelwa okungaba kuwe uma ungumuntu wesifazane noma okungaba komunye umuntu osondelene nawe. Kephake uma ehlanzekile asuke ebika ukusuka kwebhadi ebelikusingathile noma ubungozi obukade ubhekene nabo, kungaba ubungozi obuwazi ngabo noma obukade ungazi ngabo.

158 thoughts on “Amaphupho ngamanzi”

  1. Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha uhamba endaweni ebekade ewumgwaqo kodwa seyenile yanotshani igobhoza amanzi aqhamuk ngaphasi komhlabathi engangcolile kungathi kuthiwa kuchithek igazi ngaphasi komhlabathi

    Reply
  2. Ngiphuphe ngigcwalisa ama drum ngamanzi aphuma ku hosepipe
    Amanzi agcine ephela ngithwele I drum encane

    Reply
  3. Ngicela ukubuza ngiphuphe ngihleli phezu kwewa ngaphans kuhamba manzi kunamadwal ngathi ngihleli koda ngyanyelela ukuyongen phakath ngthe sengzoshayeka phans emadwalen kwaqhamuka umuntu weslisa wangbamba wangkhipha ngathi ngibambe ifoni yam ngeynzwane ukuth ingangeni ewen lapha amanzin kwaqhamuka i kanti elikhulu elimhlophe noku mlotha lathi liphuma lanqakwa izinja zalidephuna labaleka laze layoshon

    Reply
  4. Sanibonani ngiphuphe imvula enamandla eninezikhukhula ongakaze wazinona kodwa zingafiki endlini ewurawondi encane enomnyango omcane ovalwe ngesicabha seplangwe esigugile lezikhukhula bezinamandla okungangokuba zikhukhule imoto ebihamba owesimame eyisilahla emhlophe kodwa wakwazi ukuyibamba zase ziyaphela ikhukhula emvakwalokho

    Reply
  5. Ngicela ukubuza kusho ukuthi ukuphupha amanzi agelezayo Ume phakathi lwawo futhi ahlanzekile phathi kunezinyoka ezinemibalabala

    Reply
  6. Lichazani leliphupho?

    “Ngiphuphe ulwandle luthukuthele futhi lumdaka, lapho kwamele ngime ngilinde ngoba indlela ihambakhona sekugcwela wona amanzi. Kuthe ngesikade lwabohla ngasengikwazi ukuhamba”

    Reply
  7. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha amanzi akuy swimming pool kodwa engcolile kunabantu ababhukudayo?

    Reply
  8. Sawubona

    kuchazani ukuphupha amanzi uwakha empompini ahlanzekile uwathutha ngebhala nangesgubhu ngithe ngisanake lokho ngabona i ex yam ithi yona isangithanda ayinankinga nam , dan i saw my late sister ephethe oswidi liphele iphupho liphethe impahla kade ngiyozithenga zokgqoka

    Reply
  9. Sanibonani

    Kade ngifunda lapha ngaphezulu kodwa angiyitholi incazelo emayelana nephupho lami. Ngiphuphe amanzi engena endlini ahlanzekile engena endlini. Ngabe kusho ukuthini lokho? Ngiyabonga.

    Reply
  10. Sanibonani. Nginokuphupha umphophoma omuhle kakhulu engazuthi usendaweni yokufikela izivakashi indlela omuhle ngayo lomphophoma uchithela emfuleni othule. Engathi ngihamba nabangani bami ababili singene emfuleni sibabaza ubuhle. Ekungeneni kwethu phakathi lomfula uvele uphenduke ube zikhukhula ezinamandla. Sibenamandla odlula lomfula singamuki, Uze wancipha umfula. Kwathi sesibuya futhi isikhukhula sabe sesibona sisakude sazama ukubaleka. Iphupho liphele sisabaleka. Engabe liqonde ukuthini leliphupho?

    Reply
  11. Ngicela ukubuza Kusho ukuthi ukuphupha umfula oncolile uyisa nezihlahla bekumele ngiwele but ngasaba ngangawela

    Reply
  12. Sanibona ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ngisemgedeni kugcwale amanzi kube ngathi umfila kodwa ngihambe phezu kwawo.

    Reply
  13. Ngyabingelela.
    Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha uwela lakunamanzi khona kodwa mawuthi uyabheka amanzi awekho komile nje, kodwa kuleyondawo kuhlala amanzi.

    Reply
    • Ukuphupha amanzi angcolile futhi eyizikhukhula kusuke kukhomba ukukhulelwa okungaba kuwe uma ungumuntu wesifazane noma okungaba komunye umuntu osondelene nawe. Kephake uma ehlanzekile asuke ebika ukusuka kwebhadi ebelikusingathile noma ubungozi obukade ubhekene nabo, kungaba ubungozi obuwazi ngabo noma obukade ungazi ngabo.
      Cofa lapha ukuthola ulwazi olwengeziwe https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/

      Reply
  14. Sanibonani, ngicela ukbuza ukuth kusho ukthin ukphupha umuntu othandana naye ekuvakashele ekhaya kini ekucela umphuzise amanzi kodwa mawufika empompini kuphume amanzi angcolile aluhlaza aze abanamaxoxo. Lamanzi ngiwalindile iskhathi eside elokhu ephumile aze agcina esehlanzekile emahle ngamhambisela ngafica endlini sekhona umamncane wam nomntwana wakhe bezama ukumyenga bemhleka.

    Reply
  15. Sawubona mina ngiphuphe ngisendaweni engathi imphophoma ngihamba nomunye njer ubhuti oyisangoma ai singene kulempophoma engath khona amuthandazelayo knam ngiphethe ingane njer engath eyami koda incane ngiythandazela ngaphuma ngba engath kuahamuka inyoka emanzini engath ngyayuzwa kuth isiseduze

    Reply
  16. Ngiphuphe ngimuka nomfula amanzi awo isaludaka engathi bekukade kunexikhukhula manje ugcwele umfula kodwa ngakwazi ukubambelela angimukanga

    Reply
  17. Ngyabingelel ngiphuphe ngikhal amanzi a clean nemvula kungan iyaneth a lean nawo kuchazn ngoba abanye BAthi isisu ngcelonolwaziangchazele

    Reply
  18. Ngiyabingelela. Ngabe kusho ukuthi I ukuphupha umuntu ongasekho esemanzini angcolile bese kuba nebhokisi lomngcwabo engathi kuzofakwa yena, kodwa futhi usemanzini angcolile and akabonakali.

    Reply
  19. Ngabe kusho ukuthini uphupha uchela umuzi ngaphandle ngamanzi acwebile bese kuwa unodoli phezu kwendlu?

    Reply
  20. Ngibingelele Nina beSilo. Today ngiphuphe ngimukelwa izingubo zokugqoka zamuka zaze zangena esizibeni umfula ubugcwele so since kade zimuka ngo-basket kufike kwacwila konke…

    Reply
  21. Ndicela incazelo ndiphuphe ndisela amanzi ahla entabeni, amanzi a clean ndize ndiwaphuza ngomlomo kwelo litye likhulu limhlophe, amnandi amanzi wakhona

    Reply
  22. Ngiphuphe siwela emanzini anqolile ngemoto, yangena yasithela kodwa sayibona seyiphumele esgangeni edakeni nje

    Reply
  23. Mzimasi
    Kusho ukuthini ukuphupha umfazi wakho ebanjwe yindoda ethile ngesandla kunomntwana omncinci ekuhanjwa naye phakathi emanzini acocekileyo mna ndilandela emva kwabo

    Reply
  24. Kungabe kusho ukuthini ukuphupha ubhukuda edamini elinoXamu kodwa bengenabungozi futhi kumnandi engathi ukwi vacation>?

    Reply
  25. Ukuphupha uqubha ecwebeni elingcolile noba kwi bridge enamanzi amdaka anodaka kusho ukuthini?

    Reply

Leave a Reply