Umlando wakwa Ngobese

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaNgobese babehlala emgedeni eNtabantuzuma, kwathi lapho sekudingeka ukuthi bakhishwe emgedeni, kwahlatshwa inkomo ngethemba lokuthi izobaheha baphume. Kodwa lutho abaphumanga. Kwaphinda futhi kwazanywa, abaseMaqungebeni bashisa amafutha empisi, nalapho futhi abazange baphume abakwaNgobese emgedeni. Kwaze kwathi langa thizeni-nje baphuma. AbaseMaqungebeni bahlalisana kahle nabantu bakwaNgobese ababephume emgedeni. Ukuhlukana kwabakwaNgobese nabaseMaqungebeni Kwabe-ke sekudingeka ukuthi ubani ozobusa phakathi kwalabobantu … Read more

Izithakazelo zakwa Mtshali Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Magalelagasele njengengonyama.Hlabangane elimhlophe qwa njengamasi avutshwe ngochwebeni.Hlangabeza owahlangabeza uMantshinga noNsele.Nselenduna.Nsele ngokuthwala isilo sensele.Nselekalinda mkhonto.Mantshing’ ongacoshi kucosha abafokazane.Chakide kamjololo.Mphephethi wezinduku zabafo.Wena wesiqabethi esikhulu esidlela amakhosi.Wena owangena emanzini nesikhuni sivutha waphuma naso sivutha futhi.Mfolozi eMnyama,Ekhetha abaweli, oyoyiwela uyothola isithole esimhlophe ahlabe adle.Khondlo,Gebisa,Mlambo!

Umlando wakwa Zwane Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla neAfrica eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMtshezi, eMnambithi, ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zesifundazwe saKwaZulu-Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini baMangwe, isibongo sakwaZwane sisukela egameni lakhe.  UZwane UZwane wazala uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela yena wazala uNsele owabe eyinkosana yakhe kanye noVezi. UNsele wathatha ubukhosi ngemuva kukayise uPhikelela. … Read more

Izithakazelo zakwa Ndlazi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndlazi kaLokothwayo! Swebelele, Somlibo umahog’ uyababa unjengetshongwe lomlambo, Incem’ ende eyengamel’ iziziba abathi bayayibamba ayangadonseka bayishiya ivele phakathi kwesiziba. NguSomlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela. Ushiyampahla, wena owahlinza inkomo qede wathuth’ umswane wabashiya bedla. Ngababamba umsingizane badonsisane ngawo bethi yincema. Indlaz’ inyoni edla emigxobhozweni, inyon’ emaphiko made, endiza ezingweni zoThukela. Ondlubu zamil’ … Read more

Umlando wakwa Nzuza (uNozishada kaMaqhoboza)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Imvelaphi yabantu bakwaNzuza UNozishada kaMaqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu. Enye ingxenye yabo yilena ezinze kwaNdebele esifundazweni saseMpumalanga ngasemfuleni iNdubazi. INdubazi ibuye ibizwe ngeTubase nokuwulimi lweSipedi, ngesibhunu kuthiwa yiSteelpoort. AbakwaNzuza badume ngani emlandwini? Lena eMpumalanga … Read more

Izithakazelo zakwa Ndwandwe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zwide kaLangaNdwandwe, MkhatshwaWena waseGadunkomoWena owasezikhotheni ezingakhothi ngamlomo ezikhotha ngomkhonto kaZuluNkomo ayihlatshwa uyothi wayihlaba yophe amasi njengombhelebheleNkabanhle!Somaphunga!Masuku!Zwangendaba!Simelane!Umlando wabantu bakwaNdwandwe unohlonze.

Umlando wabantu bakwa Ximba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaXimba baphuma kuNyawo owayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango, lawomadodana agcina-ke esedube ikhaya. Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaXimba bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu. Lokho kwenziwa wukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxenye yabo eyafuduka yaze yayofika ebaSuthwini kwaze kwagcina sengathi sebengabeSuthu. Lokho kwakungesiyo into engavamile. Ziningi izizwe noma abantu ababalekela izimpi abayaye bagcine sebekhosele … Read more

Izithakazelo zakwa Mlaba Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ximba, Mabhoyi, Nodlela, Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana, Nina enacaba isicaba ngokucazelana, Msuthu Dumakude Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa Njono wena waseMdlangweni!

Umlando wesibongo sakwa Jiyane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaJiyane bazalwa kwaMtshali, ngokwezigaba zabaNguni bangaMaNtugwa Nguni. Imvelaphi yesibongo sakwaJiyane Kuthiwa enye indoda yakwaMtshali yenza okungajwayelekile yakhulelisa udadewabo. Ngaleso senzo yaxoshwa ekhaya ngoba kuthiwa ijiyise ekhaya. Kusukela kulesosenzo isizwe noma abantu baleyondoda babizwa ngokuthi bangabakwaJiyane. Igama laleyo ndoda  eyagila leyomikhuba kwakunguMkhathini Mtshali. Lowo Mkhathini wazala uMkhabisanyathi owagcina edume ngelikaMagolwana, owakha umuzi wakhe eNhlanzatshe. UMkhabisanyathi … Read more

Izithakazelo zakwa Mbhele Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Godide,Sothole,Khuboni,Ntuli,Gudukazi uyiNcwayi,Ndlela kaSompisi,Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,Abanye bephemba ngomlilo,Nina baseLenge,Enabonakala ngeziNtuli,Kwabe kunguSompisi kaGuda,Mgwabini wemikhonto,Umahlatshwa ebuhleni njengethole,Umagaju njengengwe,Inhlangu eyeqa iphindaphinda,Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,Langa liphum’ endlebeni yendlovu,Nyaka mumbe,Liphum’ endlebeni yengwenya,Unonjiyewa,Kulala uhlangothi lubovu,Ugodo olumuka namankayiya.

Umlando wabantu bakwa Mpontshane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Emandulo kwakunenkolelo yokuthi inkosi ebusayo kwakumelwe ibe nenyanga yayo. Kwakuthi lapho inkosi ikhothama, leyonyanga yenkosi iyiswe kwagoqanyawo. Lokho kwakwenziwa phela ngoba kuthiwa uma leyonganga iqhubeka iphila, yayiba wuhlupho emphakathini ngoba yabe ingumuntu ngaphambilini owayeke wasondelana kakhulu nenkosi, ngakho yazi izimfihlo kanye nezitha zenkosi kuhlanganise nezinyathelo ezazithathwa ezindabeni zasebukhosini. Imvelaphi yesibongo sakwaMpontshane UJeqe Buthelezi wayengomunye wabantu … Read more

Izithakazelo zakwa Blose (Bhulose) Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndelu!Madiba!Dimba!Duma!Mseleku!Phonsel’ obus’ uMajonjobela!Othunga ligcwala lingethiwanga,Ligcwala ukuhlakanipha!Bohlela!Noncengwa!Wena owancengwa yizintombi zathi sicela usishade, Blose!Chobile,Wena owachoba izintwala zenkosazana.Shinga,Akushinganga wena kwashinga isibongo!

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mkhwanazi,S’pheshu,Madubandlela,Somlomoti,Sodilakazi,Nkwaliyenkosi,Ndonga,Shamase,Mwelase,Sontuli,Somkhele, lele,Khowa, mayanda, dlebhu wabeSwazi , we’ owaguy’ wamis’ intamo.Mashukumbeya, Mthendeleka.Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,Wena owathenga isitimela ninemali nina bakhwanazi,Veyane, MpangazithaMpandeyamadoda,Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala, gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,Owaciba ngomkhonto esikhwebesini kwapheph’ inkosi yamaNtungwa,Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’ mlonyeni,Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi, sikhumba ka Mthethwa kamantewane,Gagisa!

Umlando wakwa Zungu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaZungu, oManzini banomlando omkhulu KwaZulu ngoba kulapho kuzalwa khona iNdlovukazi uNozidiya, ezalwa ngokaKhuba wakwaMpungose. UNozidiya wayegane uMalandela owazala amadodana amabili, uQwabe noZulu. AbaKwaZungu babakhe eHlophekhulu bebuswa nguNcwane kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakayishi kaBaphephezi (oGwabini). Inkosi uZungu Abantu bakwaZungu baqala ukwaziwa ngokuthi bangabakwaZungu kusukela egameni likaZungu owabe emncane, umfowabo omdala kunguMakhoba, bezalwa nguNcwane. AbakwaZungu babakhe endaweni kusukela … Read more

Izithakazelo zakwa Dubazane Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Dubazana, mwelase! Mbhansa ngesandla ebantwini, Mbhansa ngesamukelo, Nina abakwancambayiyana, ujija usohalala Nina enadl’imfezintathu kwaphuma khambi lalunye. Zinkonjan’ eziphaph’emafini Nina enehla ngesilulu entabeni, nina eniwela ngempambosi zomfula abanye bawela ngezibuko, Nina bakwanyokana eluhlazana inyoka yendlela umabonwa abulawe. Wena abakubula bakushiya ngendlela kanti kula, bezohlangabezana namaqilikazana!nina Bakomemo Nina enamenywa kabili Nina bakwangqishi Nina bakwamshizambili Nina makhaba luthuli … Read more

Izithakazelo zakwa Zulu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zulu,Ndabezitha,Mntwana,Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,Zulu omnyama ondlela zimhlophe,Wena kaPhunga noMageba,Wena kaMjokwane kaNdaba,Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,S’thuli sikaNdaba,S’thuli sikaNkombane,Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,Wena kaMbambelashoba,Ndabezitha!

Umlando wesibongo sakwa Ntombela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela owayengumnewabo kaMalandela, bona bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane waba namadodana amaningi okwabalwa kuwo uMcineka, uMchunu, uKhanyile, uMahaye kanye nabanye abaningi. UNtombela wayekhonze umnewabo uMalandela ngoba nangemuva kokukhothamakwakhe uMalandela, nguyena uNtombela owabe esebambela indodana yomfowabo isikhundla. Leyo ndodana kwabe kunguQwabe, yena yedwa uQwabe wodumo emlandweni wakwaZulu. UQwabe wayelanywa nguZulu. Ngesikhathi uMalandela ekhothama, babesebancane … Read more