Izithakazelo zakwa Zikalala Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Khuzeni! Mazibuko! Mvelase! Mpungose! Khuba! Gebisa! Mabhengeza! Maluleka iphilibana likaDonda Ngoba leswelabavubeli Mhayise! Magwazindoinyelemphandeni Nina bakwaNgonyama Nina bakwaMnini Mbangalaka! Masikiphepha Buthelinhlabathi Nina bakwaMansumpa Nina bakwaMadlikivana.

Impi yaseSandlwana

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isingeniso Uma kukhulunywa ngempi yaseSandlwana kudingeka sazi ukuthi inhlosonqangi yabahlaseli kwakungukuqeda uMbuso woBukhosi bukaZulu owawusasele eNyakatho yoThukela noMzinyathi, ngaphansi kweNgonyama uCetshwayo eyaqala ukubusa kusukela ngowe-1872 kuya kowe-1879. Lempi yaseSandlwana kudingeka siphinde sazi ukuthi yayilandela eyaseNdondakusuka yangamhla zizi-2 kuZibandlela ngowe-1856, eyayihlelwe yiyo iNgilandi ngokuzama ukubeka uMntwana uMbuyazwe (Mbuyazi) ukuba abe yiNgonyama nxa iSilo uMpande sesikhotheme, lokho … Read more

Umlando wesizwe sama Hlubi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kafushane ngamaHlubi Umlando wesizwe samaHlubi, okuyisizwe okwavela kuso abakwaHadebe, usizekela ukuthi lesisizwe sadabuka emhlangeni echibini elikhulu lakwaNdondondo, eCongo. Kuthiwa abantu babelokhu bezwa kukhona abakhuluma emhlangeni kulelo chibi lakwaNdondondo elalesatshwa, bekhuluma sengathi beza nganeno, basondela ngakulabo ababebezwa. Kwathi lapho labobantu abakhuluma echibini bephuma, baphuma bebaningi kanye nemfuyo yabo. Kwakungathi asikho isilwane esasingekho; kukhona izinkomo, amahhashi, izimbuzi, … Read more

Izithakazelo zakwa Duma Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mthombeni! Lwandle kaluwelwa, luwelwa izinkonjane ngoba zona zindiza phezulu, Bagongolozi abahle abaphekwa nentshe laze lavuthwa bona basala begongobele, Ntshiza! Ndlela! Mhlanga owamila kumuntu baze bamsika ngesihebhe, Nina bakaSigwayi sikaMcuba, Omatshelwa azitshele, Ondlebe kazizwa ezinye ziyezwa, Omathumbanduna, bengathumba insikazi kobe konakele! Nisa besikwayikwayi esakwayizela izinkomo zamanye amadoda! Nina bodondane olwadonda phansi baze bafulathela abafokazane! Inyoni eyakhala … Read more

Izithakazelo zakwa Nzimande Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mphephetwa!Mdluli,Ngwekazi,Gwala,Manda kulandulwa,Vilakazi,Xamu odla ngomsingizane.Nzimande,Gqawu,Mdlovu,Wena owasukela isigodo simuka nomfula wathi yinyama.Madla kulandulwa!Mdluli,Shebe, Nozulu, NgwekaziPhohlaphohla,Mangqingqingqi.Nyawo zimhlophe ngokunyathela njengezihlabathi zolwandle.Mancama ngesinkwa esikhulu esancama amakhosi eya empini.Mhlandla,Nomandla,Majiya!Wena kaMabathabatha!

Izithakazelo zakwa Luswazi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Luswazi, Phakathi, Nonkosi, Didiza, Mthobane, Lwandle, Wena kaDuma kaMthombeni Lwandle kaluwelwa luwelwa izinkonjane ziphapha phezulu Magongolozi aphekwa netshe kwavuthw’ itshe kuqala Asala egongolozile (egongobele) Wena kadidiz’ ulwandle luze luvume Wena kankukh’ idlele.

Izithakazelo zakwa Mahamba Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mahamba,Mdlawumbane kaBhengu,Wena Somkhele owawela uThukela uyomfun’ oSuthu.Wena kaMgabhi,Mageza ngobisi udle inyama namathambo ayo.Wena magwaza ngomkhonto abuye ashaye izitha zakhe ngewisa.Wena nduna kaBhekuzulu,Wena waseMhlangeni owabalekela kwaNgwane nezinkomo zabeSuthu,Wena Mahamba omnyama njengobusuku obungenankanyezi kodwa ukhanyisele amaBhengu.

Izithakazelo zakwa Ndawonde Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndawonde,Sibhene senala,Mdubu kaMadani,Bulisa,Gcogcozela, nina eniphanga ukufa abafokazana bephanga ukuphila,Nina enangena endlini kwanuka utshwala,Nangena esibayeni kwanuka inyama,Naphumela phandle kwanuka inkwindla,Jwara,Zitha,Labase,Mbongwa, nina baseLenge,Nina bangasenhla noThukela,Ndawonde!

Umlando wakwa Langa Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaLanga Abantu bakwaLanga bangamaNtungwa ngokwezigaba zabeNguni. Lababantu bakwaLanga bakanye nabantu bakwaKhanyile. Babuye bahlobane nezizwe zakwaMajola, Mchunu, Madondo, Zulu, Qwabe, nezinye eziningi. UKhanyile noMchunu babengamawele bezalwa inkosi uMalandela kaLuzumane esigodlweni sayo sakwaNkomonye ngaseNgwengweni eNkandla. Sizokhumbula ukuthi uMalandela wayenenqwaba yamadodana, singabala oQwabe noZulu, (uQwabe wazala abakwaQwabe, uZulu wazala abakwaZulu). Amanye amadodana kaMalandela ngoZethembe noZingelwayo (bona bazala … Read more

Izithakazelo zakwa Sibisi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mahlase,Mlotshwa,Bhovungana kaNomashingila kaBango,Wena kaButhela,KaMxhamama,KaSoshayo.Zithozinhlanu,Mashingile ezilomo ubomvu njengamantshiyane.Mlombomvu.Zimpisi (izibisi) ezimlom’ubomvu nabantabazo,Wena kankom’ inezitho ezinhlanu, othandayo usika esakhe,AbakwaGidolo abakh’indlu bayibhekis’ entshonalanga,Mshayi wodaka kuvel’ uBivane, kuvel’ uPhongolo, kuvel’ uMzinyathi,Ziphile izizwe kusakhonzwa uMvelingqangi,Izibisi zikaSishishili, zikaMnqandi kaMtshana, izibisi zikaSikhephukhephu osilev’ eside singangentshebe yembuzi,Izibisi zikaGawula kaNsuku!

Umlando wakwa Magwaza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Okuphakathi Ekuqaleni babebizwa ngabakwaMagwazwa Isibongo sakwaMagwaza siyihlubuka lesibongo sakwaMhlongo. Phambilini ngesikhathi sokubusa kukaMakhendana, ngaphansi kwakhe kwakukhona indlu encane yesizwe saseLangeni kaMabhulubhense owayaziwa kakhulu ngelikaQumbumbethe. UMakhendana wenza isehlo esaba imbedumehlwana ngokungamukeleki kwaso osikweni lwesiNguni, okwaba ukugwaza ekhaya ngesikhathi ethatha indodakazi kaMazwana esizweni saseLangeni wayenza unkosikazi wakhe. Igama lale nkosazana kwakunguSozidade. Umphumela walesisehlo wenza abantu bakaMabhulubhense baziwa … Read more

Izithakazelo zakwa Magwaza Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Magwaza,Njinji,Manqondo,Yengwayo!Wena wakwaJika bakhothame!Mabhulubhense, nina beqhawe elathwala inkomo iphila!Nina bakoMith’ emide!Qethuka,Ntshona,Gidizela,Wena waseMantandweni,MaqondoThwalinkomo,Sobiko wokubika ukuthandwaJiba khothama sibakhwebukhwebule nangezimbanjana zabo! Enye indlela yokuthakazela uMagwaza Njinji!Yengwayo!Ntshona!Manqondo!Mzilamncoshoba njengomlandakaza,Juba khothama bayekhulu,Nina bakomith’ emide,Gidizela kaMantando,Wena oweqa amathanga njengo thangazane,Isicongo esinojojo,Inqe elizwe ngamanye ukuthi kuyadliwa etoteleni,Laphangela ekhamangeni kuhle kwenkosi yakwazulu.Sibakhwebukhwebule kuhle kwezimbanjwana zabo.Wena othungelwe ngamashoba kaMzilikaziIqhawe elathwala inkomo iphila! Nawu umlando wesibongo sakwaMagwaza.

Izithakazelo zakwa Vundla Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zulu,Gigaba,Nonkosi,Kunene bezindlovu,Wena kasilima ngenkuba abafokazane belima ngenkubazane,Wena mgwazi kaqhaqhazi kuqhaqhaz’ izintuthwane zabelungu,Wena nkomo ziphusa ubusika nehlobo! Enye indlela yokuthakazela uVundla VundlaMnguniKuneneWena wase zansiWena Lwandle kaliwelwa liwelwa yinkonjane zabelunguSgodo esikabha izitho zoninaNtuthwane yakhuphuka emthini ungena nyawoWena mndini odla umkantsha