Zulu,
Gigaba,
Nonkosi,
Kunene bezindlovu,
Wena kasilima ngenkuba abafokazane belima ngenkubazane,
Wena mgwazi kaqhaqhazi kuqhaqhaz’ izintuthwane zabelungu,
Wena nkomo ziphusa ubusika nehlobo!
Enye indlela yokuthakazela uVundla
Vundla
Mnguni
Kunene
Wena wase zansi
Wena Lwandle kaliwelwa liwelwa yinkonjane zabelungu
Sgodo esikabha izitho zonina
Ntuthwane yakhuphuka emthini ungena nyawo
Wena mndini odla umkantsha
Vundla
Khuphe
Jiyane
Ngwadi
Mapelo
Kadzaha
Nogwaja
Mpugwanegwane
Siyabonga ukwabelana ngolwazi Ngwadi🙏
Ngiyabonga ukungisiza ngizazi nami izithakazelo zami..Muhle umsebenzi eniwenzayo
Siyabonga, sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.
Isithakazelo esithi Nonkosi kwaVundla sasunguleka kanjan?
Isithakazelo sakwa Vundla
Vundla
Mnguni
Kunene
Wena wase zansi
Wena Lwandle kaliwelwa liwelwa yinkonjane zabelungu
Sgodo esikabha izitho zonina
Ntuthwane yakhuphuka emthini ungena nyawo
Wena mndini odla umkantsha
Ngiiyajabulla ukuziitholla ukuth ngiingubanii. Ngiiyabongakakhu niina ovundlla 🔥❤️☑️
Siyabonga, sicela ugqubeke nokuvakashela ikhasi lethu.