Mthombeni!
Lwandle kaluwelwa, luwelwa izinkonjane ngoba zona zindiza phezulu,
Bagongolozi abahle abaphekwa nentshe laze lavuthwa bona basala begongobele,
Ntshiza!
Ndlela!
Mhlanga owamila kumuntu baze bamsika ngesihebhe,
Nina bakaSigwayi sikaMcuba,
Omatshelwa azitshele,
Ondlebe kazizwa ezinye ziyezwa,
Omathumbanduna, bengathumba insikazi kobe konakele!
Nisa besikwayikwayi esakwayizela izinkomo zamanye amadoda!
Nina bodondane olwadonda phansi baze bafulathela abafokazane!
Inyoni eyakhala emthini yaze yazilileka!
Nina enahlala phansi komuthi kwasa umuthi usuthombile!
Hlangalezwe!
Dumisa kaMvenga!
Thabisa!
Mseleku!
Nina enabona isihlakothi simuka namanzi nathi inyama,
Ndlangisa!
Makhunga,
Magagula,
Mathebula,
Fihla,
Ntenga,
Thole!
Please send editable version yezithakazelo zakwa Duma
Ngisizeni ngeHubo lakwa Duma Uma kungenzeka