Izithakazelo zakwa Magwaza
Njinji! Yengwayo! Ntshona! Manqondo! Mzilamncoshoba njengomlandakaza, Juba khothama bayekhulu, Nina bakomith’ emide, Gidizela kaMantando, Wena oweqa amathanga njengo thangazane, Isicongo esinojojo, Inqe elizwe ngamanye ukuthi kuyadliwa etoteleni, Laphangela ekhamangeni kuhle kwenkosi yakwazulu. Sibakhwebukhwebule kuhle kwezimbanjwana zabo. Wena othungelwe ngamashoba kaMzilikazi Iqhawe elathwala inkomo iphila! Nawu umlando wesibongo sakwaMagwaza.