Umlando wakwa Magwaza
Okuphakathi Umlando wabantu bakwaMagwaza Izithakazelo zesibongo sakwaMagwaza Ekuqaleni babebizwa ngabakwaMagwazwa Isibongo sakwaMagwaza siyihlubuka lesibongo sakwaMhlongo. Phambilini ngesikhathi sokubusa kukaMakhendana, ngaphansi kwakhe kwakukhona indlu encane yesizwe saseLangeni kaMabhulubhense owayaziwa kakhulu ngelikaQumbumbethe. UMakhendana wenza isehlo esaba imbedumehlwana ngokungamukeleki kwaso osikweni lwesiNguni, okwaba ukugwaza ekhaya ngesikhathi ethatha indodakazi kaMazwana esizweni saseLangeni wayenza unkosikazi wakhe. Igama lale nkosazana kwakunguSozidade. … Read more