Izithakazelo zakwa Ngxongo Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngxongo!Sishange!Mzila kaThumbela!Ntshiza!Mashwib’ insimbi ngomlenze,Magaduzela ngokubonela ezimbuzini,Mvithizi wamagwala empini, asizwane enhla nasezansi ngoba umuzi mkhulu.Ndaba zifihliwe,Sifub’ esihlonishwa yihhashiMtomuhle ngokumamatheka,Hlalani nisondelane ngoba baseza nezinkinga abafokazane bezizwe!

Umlando wakwa Masuku

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaMasuku kuthiwa badlela ndawonye, esithebeni sinye, nabantu bakwaNdwandwe. Abantu bakwaNdwandwe phela bangabokudabuka emaGudu, okuyigama lezintaba ezazakhele umfula obizwa ngoPhongolo. Yingakho nje phakathi kwezithakazelo zakwaNdwandwe kubalwa iGudu, okuyilapho abakwaNdwandwe badabuka khona. Uma kukhulekwa nje khona kuyaye kuthiwe “Ndwandwe waseGudu” noma kuthiwe nina bas’ “eGudunkomo”. Abantu bakwaNdwandwe bahlukene ngezindlu njengoba kuyinhlala yenza kithina sizwe samaZulu ngoba … Read more

Umlando wakwa Qwabe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Imvelaphi kaQwabe Siyazi nokho ukuthi sekwaba khona izibongo ezizimele nje ezingoGumede kodwa lapha kwaQwabe kwaku yisithakazelo sakhona, kusukela ekutheni: “Wena weguma elide.” Phela uQwabe wabe engowaseNdlunkulu yaseBukhosini okhokho bakhe bavela esendeni likaNtu iNgonyama eyayibusa amaZulu engakasuki eNkabazwe yezwekazi i-Afrika. INgonyama uNtu yazala uMnguni yena owazala uLuzumane, uLuzumane wazala uMalandela. Umuzi kaMalandela omkhulu wabe ukwaNkomonye lapho … Read more

Izithakazelo zakwa Gumbi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Skhende, Jele, Ntini, Ngubo yengwe. Somkhanda, wena owakhanda amadoda, Wena kaMathumb’ ayiphanyeke, Ntongande, Mdakane, Mehl’enkomo, Ntini, Nozingelayo, Ndandali, Wena kaNgoni, Mlotshwa! Ndandayi Mehlwenkomo! Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi! Siguguda senyathi! Wena kaKhokhozela njengeQhinakazi! Msimbithi kawuwelwa!

Izithakazelo zakwa Mayisela Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mayisela! Mbonani, Nkabinde, Shiba Mlotshwa, shiba mkhulu, shiba ngezinyamazane, Wena wakwaKhala, Wena kaMancakadane nokaMaKhumalo Mfaz’ omabele made, wena owancelisa ingane ingaphesheya komfula, Mbonani umuhle ngezitho kodwa ebusweni babe bemnximfela, Mbonani odumanjengezulu maliyohlasela kwabase dlum dlum!

Umlando wakwa Nene

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngokomlando kuyavela ukuthi kunobuhlobo phakathi kwabantu bakwaNgema, bakwaMngadi kanye nabakwaNene, njengoba ngokwemvelaphi yabo bonke bengaMantungwa. Ngokomlando olandwa ngabalandayo kuthiwa indaba isukela kuMalandela owahamba nabantu bakhe baze bayofika eMfule. Kuloluhambo lwabo kwathi lapho isibabulele inkemane, ngenhlanhla bathola sebezithela phezu kwezitshalo nezivuno ezabe zitshalwe ngoGxabhashe, okungabantu bakwaXulu, esizwa ukuthi lendawo le okwakutshalwe kuyo kwakungeyabo. Lendawo yoGxabhashe kuthiwa … Read more

Izithakazelo zakwa Bhebhe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Makhedama, Soyengwase, Nina bakaBhebhe kaMthendeka, Nina bakaSoqubela onjengegundwane! Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya! Dlomo weNdlende, Sihlangu samavaka seswel’ ababhem! Makhul’emini abafokazana bekhula ebusuku! Zingwazi zempi yakwaNdunu! Njomane eyaduka iminyakanyaka yatholakala onyakeni wesine, yabuye yatholakala ngowesikhombisa! Langeni, owavela elangeni.

Umlando wakwa Gumbi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Esikuthola ngomlando wabantu bakwaGumbi wukuthi bayazalana nabantu bakwaJele, okusho ukuthi abaganelani noma abaganiselani ngoba bayizihlobo. Kuyavela ukuthi umuntu owayephethe abantu bakwaJele ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona, kwabe kunguZwangendaba kaZiguda owayephethe isikhundla sokuba yinduna, ehola ibutho lenkosi uZwide elalibizwa ngokuthi amaPela. Umlando usivezela ngokusobala ukuthi abantu bakwaJele babekhonza ngaphansi kwenkosi uZwide ngesikhathi isabusa, bona bakhe phezu komfula … Read more

Umlando wakwa Khumalo Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaKhumalo baphuma kuKhumalo owayengumnewabo kaMabaso, bona bezalwa nguMntungwa. Abantu bakwaKhumalo babesoThaka beholwa nguKhumalo, bathi nxa besuka lapho behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena owazala uZikode. UMagugu kaGasa kaZikode Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda impela baze benabela eBabanango … Read more

Izithakazelo zakwa Mwelase Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mwelase,Sontuli,Somkhele, Lele,Khowa, Mayanda,Dlebhu wabeSwazi,Wena owagula wamis’ intamo,Mashukumbeya, Mthendeleka,Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,Wena owathenga isitimela,Ninemali nina Bakhwanazi,Veyane,Mpandeyamadoda,Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,Gwagwa liyagwagwa umbani wezulu,Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’ inkosi yamaNtungwa,Owasingath’ ihwahwa kodwa wangaledlulisel’ mlonyeni,Mgidla, Lomafu,Nkwenkwezi,Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,Gagisa!

Izithakazelo zakwa Nkwanyana Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zikode!Donda!Myekwa bethathwa!Makhanda kaNqayi!Mthayi kaNsele!Menzankosi, wena owakha ongiyane besiloNceku enhle!Nceku yesilo uMpande!Gabadela, owagabadela izingwe zoNgoye!Madel’ imhlambi yezinkomo zabanumzane endle.Mbeng’ osind’ abosi,Mbeng’ owawela oNgoyeWena sontukela/ sontukwiniMqabula nkungu kwaNodwengu kwavel’ ilanga!Langa elaphuma oNgoye!Mangwe amahle!Mlwandle!Zingwe eziphuza kwesijulile isiziba ngokukholwa wulwandle,Mathula kuhletshwa!Bathi ngundlebe kazizwaKanti uthule ngabomuZetshisa umbiko kaZuluOdumise okwezulu lihlomileNgomlomo kaZulu ongathethi mangaSobahle!Soshibe kaDangazela!Nzim’ elimnyama!Wena kab’ thikazi!Wena kathubelez’ inyang’ isemafini!Wena … Read more