isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Umlando wakwa Masuku

Abantu bakwaMasuku kuthiwa badlela ndawonye, esithebeni sinye, nabantu bakwaNdwandwe. Abantu bakwaNdwandwe phela bangabokudabuka emaGudu, okuyigama lezintaba ezazakhele umfula obizwa ngoPhongolo. Yingakho nje phakathi kwezithakazelo zakwaNdwandwe kubalwa iGudu, okuyilapho abakwaNdwandwe badabuka khona. Uma kukhulekwa nje khona kuyaye kuthiwe “Ndwandwe waseGudu” noma kuthiwe nina bas’ “eGudunkomo”. Abantu bakwaNdwandwe bahlukene ngezindlu njengoba kuyinhlala yenza kithina sizwe samaZulu ngoba … Read more

Izithakazelo zakwa Masuku Clan Names

Zwide kaLanga! Wena waseGudunkomo Wena owahlaba inkomo wasipha, Wena wesihlahla esincane Esihlala izikhova zabathakathi. Khasakhasa lwakaNtombazi, Magaqa ngezandla Eyoshona kwamaShobane, Ngisho noyise uLanga Akaze angene khona Kodwa sambona esengaphakathi Kwamashobane. Uzwide kaMagqangqula Imamba ikhwele amagudu amabili Kwathi kwelesithathu yajilingana Yamudla umuntu yamushiya isibindi. Ubusibindi ungakanani wena Zwide Ungadla umuntu umshiye isibindi? Isililo asikhalwanga kwaMashobane Ngoba … Read more